Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 12/8 k. 3
  • Kusaphephile Yini Ukuhamba Ngendiza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kusaphephile Yini Ukuhamba Ngendiza?
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhathalela Ukuphepha
    I-Phaphama!—2002
  • Ukufuna Izindlela Eziphephe Kangcono Zokuhamba Ngendiza
    I-Phaphama!—2002
  • Ziphephe Kangakanani Izindiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Yini Edingekayo Ukuze Ziqhubeke Zindiza?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 12/8 k. 3

Kusaphephile Yini Ukuhamba Ngendiza?

KUTHUNJWA izindiza ezinkulu ezine. Ziyaphahlazeka zonke. Kubhidlika izakhiwo ezinkulu ezidumile. Isithombe sendiza i-767 ishayisa isakhiwo esisodwa se-Twin Towers savezwa siveziwe kuthelevishini.

Ngenxa yokuhlasela kwango-September 11, 2001 sangena enkathini entsha ethusayo yodlame lwamaphekula. Izindiza zaphenduka amathuluzi okubulala nemishini ethwala amabhomu.

Ngenxa yalokho sekukhona uhlobo olusha lwabagibeli bezindiza abesabayo: Labo ababezizwa bephephile ekuqaleni kodwa manje asebesaba ukuhlasela kwamaphekula. Ngaphezu kwalokho, izingozi eziningi zezindiza okwafa kuzo abantu, ezingahlangene nobuphekula ezenzeka ngemva kuka-September 11, zenze abaningi besaba nakakhulu ukuhamba ngendiza.

Kuyiqiniso ukuthi izigidi zabantu emhlabeni azinayo imali yokuhamba ngendiza. Kodwa abanye kumelwe nakanjani bahambe ngayo. Labo abenza imisebenzi ebahambisa njalo, abanakukubalekela ukuhamba ngendiza. Izithunywa zevangeli nezikhonzi ezingamaKristu kuye kudingeke zihambe ngendiza amabanga amade ziya noma zibuya ezabelweni zazo. Ngezinye izikhathi indiza iba ukuphela kwento efanelekayo ngisho nabantu abahluphekayo abangahamba ngayo lapho kuphakama isimo esiphuthumayo. Kanti nezinkulungwane zabashayeli bezindiza nezisebenzi zakhona ziziphilisa ngokuhamba ngezindiza.

Abaningi balaba bantu abahamba ngezindiza, mhlawumbe nabo abasuke bethukile, kuye kudingeke baduduze abantu abashade nabo abasuke benexhala nezingane ezisuke zithukile ngaphambi kokuba bahambe. Njengoba ukugibela indiza sekunemicikilisho eminingi kangaka, abantu abahamba ngezindiza bayazibuza ukuthi basafuna yini ukuhamba ngendiza.

Ukuze idingide lezi zinkinga, i-Phaphama! yaxoxa nochwepheshe bezokuphepha, izisebenzi zasezikhumulweni zezindiza, izikhulu zezinkampani zezindiza nezisebenzi ezilungisa izindiza. Bonke bavumelana ngalokhu: Nakuba ukuhamba ngendiza kusengenye yezindlela eziphephe kakhulu, izingqinamba ezintsha zidinga kuthathwe izinyathelo ezintsha zokuqinisa ukuphepha komphakathi.

Izihloko ezilandelayo zizoxoxa ngezinselele ezihilelekile nokuthi yini wena ongayenza ukuze uphephe kakhudlwana futhi ukhululeke lapho uhamba ngendiza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela