Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 12/8 k. 22-k. 23 isig. 8
  • Ungabona Umklamo Othile Uma Ubheka Imvelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungabona Umklamo Othile Uma Ubheka Imvelo
  • I-Phaphama!—2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokubona Ubuhle Obusizungezile
    I-Phaphama!—1995
  • Imiklamo Ethakazelisayo Ezitshalweni
    I-Phaphama!—2006
  • Ingcweti Eshaywa Indiva Kunazo Zonke Esikhathini Sethu
    I-Phaphama!—1995
  • Ukudla Okusheshayo Kwezinambuzane
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 12/8 k. 22-k. 23 isig. 8

Ungabona Umklamo Othile Uma Ubheka Imvelo

LAPHO sizihambela emaphandleni, siye sibubone ubuhle bemvelo. Kungaba isixheke sezimbali, inyoni enombala omuhle, isizemazema somuthi omuhle, noma indawo enhle kakhulu. Abantu abaningi bathi ubuhle obunjalo benziwa uMdali noma uMklami oyiNgcweti.

Ungase ucabange ukuthi ososayensi kuphela abangabona imiklamo ewubuciko uma bebheka imvelo. Kodwa akudingeki uze ube nemishini yesayensi ephambili ukuze ubone imiklamo yemvelo. Kudingeka nje ube umuntu oqaphelayo, ukwazi ukubona izinto ngeso lengqondo, ukwazi nokubona into enhle neyakheke kahle. Kungase kudingeke uthi ukubhekisisa izinto ozijwayele mhlawumbe ongaze ungazinaka.

Omunye wemiklamo elula owezinto ezizungelezayo. Siye siwubone ezintweni esizijwayele ezenziwe umuntu njengentambo noma i-screw sokuvula ukhokho. Kodwa ungabona imiklamo ezungelezayo emihle nakakhulu emagobolondweni asolwandle noma ezithelweni zikaphayini. Futhi uma uwubukisisa phakathi nendawo ujikanelanga, uyawubona lo mklamo ozungelezayo. I-rose nolwembu nako kunayo imiklamo ezungelezayo nakuba ingabonakali kalula.

Ake ubukisise ulwembu. Okokuqala, isicabucabu sakha imicu eyinsika yolwembu, ethi ayifane nezinsimbi zesondo. Sibe sesiqala phakathi nendawo sihlanganise le micu ngomucu kasilika onamfukayo. Silokhu sizungeza sihlanganisa le micu luze luphele ulwembu. Lo mucu olokhu uzungeza yiwona owakha umklamo ozungelezayo.

Omunye umklamo wemvelo othakazelisayo owamachashazi afana namehlo. La machashazi atholakala ezindaweni ezingalindelekile neze—ezimpapheni zenyoni, emaphikweni ovemvane, noma ngisho nasemazengeni enhlanzi. Ososayensi basikisela ukuthi la machashazi angakhanga isilwane seduna, enze isilwane esinala machashazi sikwazi ukucashela esinye esifuna ukusihlasela, noma enze singanakwa uma singafuni. Cishe ipigogo ilona elidume kakhulu ngokubukisa ngala machashazi, futhi ukubukisa kwalo ukuze likhange eleduna kungesinye sezimangaliso zemvelo. Ubuhle bepigogo bamhlaba umxhwele kakhulu u-Alexander Omkhulu kangangokuthi wathi le nyoni ayivikelwe kuyo yonke indawo engaphansi kwakhe.

Isiyingi nembulunga nako kuyimiklamo ejwayelekile. Akwenzeki singakujabuleli ukubuka isiyingi esinombala osagolide selanga eseliyozilahla kunina noma inyanga egcwele enombala osasiliva. Izimbali eziningi zohlobo lwama-daisy zifana nelanga, ziphuzi phakathi nendawo bese zikhipha izimbali ezincane ezimibalabala. Phakathi nendawo kulezi zimbali ezisagolide ezitholakala yonke indawo kunompe oluningi oluheha izimvemvane kalula kuhle kwebhishi eliheha izivakashi.

Njengoba kulula ukufaka izinto eziningi entweni eyimbulunga, izithelo eziningi zivame ukuba yizimbulunga zishiyashiyane ngobukhulu nangemibala. Imibala yazo egqamile iheha izinyoni, ezibe sezisakaza imbewu njengoba zidla kamnandi.

Izinto ezizungelezayo, amachashazi afana namehlo, iziyingi nezimbulunga zimane nje ziyizibonelo ezimbalwa zemiklamo eminingi etholakala emvelweni. Nakuba eminye yenzelwe injongo ethile, eminye yenzelwe ukuhlobisa noma ukucasha. Kungakhathaliseki ukuthi yenzelweni, yicinge futhi ukujabulele ukuyibuka.

[Isithombe esigcwele ikhasi 23]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela