Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/10 k. 26
  • Ukudla Okusheshayo Kwezinambuzane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudla Okusheshayo Kwezinambuzane
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Okumangalisayo Kwezinambuzane
    I-Phaphama!—2000
  • Impova—Uthuli Lokuphila
    I-Phaphama!—2007
  • Izinambuzane Ezidliwayo—Isidlo Esingasoze Sasilibala
    I-Phaphama!—2012
  • Lezo Zimpukane Ezinyanyekayo—Ingabe Ziwusizo Kakhulu Kunokuba Ucabanga?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 3/10 k. 26

Ukudla Okusheshayo Kwezinambuzane

● Izinambuzane zithanda ukudla okutholakala kalula futhi okunama-kilojoule amaningi. Umthombo olula wokudla okunjalo isihloko sembali. Njengezitolo zokudla okusheshayo, izimbali zikhanga izinambuzane ngemibala egqamile. Lapho izinambuzane sezihleli phezu kwembali, zingadla impova noma zimunce umpe.

Ngenxa yokuthi zisuke zicobekile ngemva kobusuku obupholile, lezi zidalwa ezinegazi elibandayo zidinga ukushisa kwelanga ukuze ziphaphame. Izimbali eziningi zinikeza lezi zinambuzane konke ezikudingayo—ukudla okunomsoco nendawo yokuthamela ilanga. Ake sibheke isibonelo esivamile.

Imbali okuthiwa i-oxeye daisy iyimbali evamile etholakala kulo lonke elaseYurophu naseNyakatho Melika. Ingase ingabonakali ikhethekile kodwa uma uzinika ithuba lokuyibhekisisa, ungabona izinto eziningi ezenzeka kuyo. Le mbali iyindawo enhle yokuqala usuku ezinambuzaneni. Amacembe ayo amhlophe adonsa ukufudumala kwelanga futhi ingxenye ephuzi ephakathi nendawo, iyindawo ekahle yokuphumula lapho izinambuzane zikwazi ukuthamela khona ilanga.a

Okujabulisa izinambuzane ngale mbali ukuthi ingaphakathi layo ligcwele impova nompe, okuwukudla okunomsoco. Iyiphi nje indawo engcono izinambuzane ezingayithola ukuze zidle isidlo sasekuseni zijabulele nelanga?

Khona-ke, zonke izinambuzane zibuthanela kulezi zimbali okuthiwa ama-oxeye daisy phakathi nalo lonke usuku. Ungase ubone amabhungane, izimvemvane ezimibalabala, namabhungane okuthiwa ama-shield bug, izinyendle nazo zonke izinhlobo zezimpukane. Yiqiniso, uma ungumuntu onganaki, ungase ungaziphawuli lezi “zitolo zokudla okusheshayo” ezithakazelisayo ezinambuzaneni.

Ngakho-ke, ngesikhathi esizayo uma usemaphandleni, kungani ungenzi umzamo wokuhlola lesi simiso semvelo sezimbali esifihlekile? Uma wenza kanjalo, oyokubona kuyothuthukisa ukwazisa kwakho ngoMdali uMklami wakho konke.

[Umbhalo waphansi]

a Ososayensi baye bathola ukuthi izinga lokushisa lezimbali ezithile liphakeme kakhudlwana kunendawo ezungezile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela