Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 11/8 k. 5-k. 9 isig. 3
  • Ingcweti Eshaywa Indiva Kunazo Zonke Esikhathini Sethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingcweti Eshaywa Indiva Kunazo Zonke Esikhathini Sethu
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isipho Sobuhle
  • Kungani Siphiwe Isipho Sobuhle?
  • ‘Izimfanelo Zakhe Zibonakala Ngokucacile’
  • Ukuhlukahluka Kwenza Ukuphila Kuthakazelise
  • Buyini Ubuciko?
    I-Phaphama!—1995
  • Indlela Yokubona Ubuhle Obusizungezile
    I-Phaphama!—1995
  • Ubuhle Bungase Bube Obangaphandle Kuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuphila Kwami Njengengcweti Yobuciko
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 11/8 k. 5-k. 9 isig. 3

Ingcweti Eshaywa Indiva Kunazo Zonke Esikhathini Sethu

“Imvelo iwubuciko bukaNkulunkulu.”—USir Thomas Browne, udokotela wekhulu le-17.

ULEONARDO DA VINCI, uRembrandt, uvan Gogh—lawa amagama aziwa izigidi. Ngisho noma kungenzeka ukuthi awukaze uyibone imidwebo yawo yokuqala, lamadoda uwazi njengezingcweti eziphambili. Ngandlela-thile, ubuciko bawo buye bawenza ukuba ahlale ephila.

Ayedweba ukumomotheka okuyisimangaliso, umfanekiso oshukumisayo, ubuhle bendalo, namanje okusathinta umcabango wesibukeli. Sikhangwa yilokho okwawakhanga—ngisho noma singase sihlukaniswe amakhulu eminyaka.

Singase singabi izingcweti noma abagxeki bobuciko, kodwa sisengabuqonda ubuhle bobuciko. Njengengcweti esiwazisayo umsebenzi wayo, nathi sinekhono lokuqaphela ubuhle. Ikhono lethu lokuqaphela umbala, ukwakheka, imiklamo, nokukhanya lingase libe into esiyithatha kalula, kodwa liyingxenye yokuphila kwethu. Akungabazeki ukuthi siyathanda ukuhlobisa amakhaya ethu ngezinto noma ngemidwebo ekhangayo. Nakuba izinto esizithandayo zihlukahluka, leli khono lokuqaphela ubuhle liyisipho esijatshulelwa iningi lesintu. Futhi liyisipho esingasisondeza kuMdali wethu.

Isipho Sobuhle

Ikhono lokuqaphela ubuhle lingenye yezimfanelo eziningi ezihlukanisa isintu ezilwaneni. Incwadi ethi Summa Artis—Historia General del Arte (Ukuhlaziywa Okuningiliziwe Kobuciko—Umlando Wobuciko) iveza ukuthi “umuntu angachazwa ngokuthi isilwane esinekhono lokuthanda okuhle.” Ngenxa yokuthi sihlukile ezilwaneni, sibona imvelo ngendlela ehlukile. Ingabe inja iyakwazisa ukushona kwelanga okukhangayo?

Ubani owasenza ngaleyo ndlela? IBhayibheli lichaza ukuthi “uNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) Akukhona ukuthi abazali bethu bokuqala babefana noNkulunkulu. Kunalokho, uNkulunkulu wabanikeza izimfanelo naye ngokwakhe anazo. Enye yalezi ikhono lokwazisa ubuhle.

Ngenqubo engenakuqondwa, ubuchopho bomuntu buqaphela ubuhle. Okokuqala, izinzwa zethu zidlulisela ebuchosheni ukwaziswa ngokuqondene nomsindo, iphunga, imibala, nokwakheka kwezinto ezisikhangayo. Kodwa ubuhle busho okungaphezu kokuhlanganiswa kwalezo zinzwa zamakhemikhali, okumane kusitshele okwenzekayo. Asisiboni isihlahla, imbali, noma inyoni ngendlela isilwane esikubona ngayo. Nakuba lezi zinto zingase zingasinikezi inzuzo esheshayo, kodwa ziyasijabulisa. Ubuchopho bethu benza sikwazi ukuqonda ubuhle bazo.

Leli khono lithinta imizwelo yethu futhi licebise ukuphila kwethu. UMary, ohlala eSpain, ulukhumbula kahle usuku oluthile kusihlwa ngo-November eminyakeni eminingana edlule lapho emi eduze kwechibi elikude futhi ebukele ukushona kwelanga. Uthi: “Iqulu lonohemu landizela ngakimi litshiyoza. Izinkulungwane zezinyoni zazindiza ziwuhide zinqamula isibhakabhaka esibomvu tebhu. Uhambo lwazo lokufuduka minyaka yonke zisuka eRussia naseScandinavia lwaluzilethé kulendawo yokuphumula yaseSpain. Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho okuthakazelisa kakhulu kangangokuthi ngakhala.”

Kungani Siphiwe Isipho Sobuhle?

Kubantu abaningi ikhono lokuqaphela ubuhle ngokusobala libonisa ukuba khona koMdali onothando, ofuna ukuba indalo yakhe ehlakaniphile ijabulele ubuciko bakhe. Yeka ukuthi kunengqondo futhi kwanelisa kangakanani ukuba sithi ikhono lethu lokuqaphela ubuhle livela kuMdali onothando. IBhayibheli lichaza ukuthi “uNkulunkulu uluthando,” futhi uthando lusho ukuhlanganyela izinto nabanye. (1 Johane 4:8; IzEnzo 20:35) UJehova uyakujabulela ukuhlanganyela kanye nathi ubuciko bakhe bokusungula izinto. Ukuba unqambothi lomculo belungenakulalelwa noma umdwebo omuhle ubungenakubonwa, ubuhle bakho bebungalahleka. Ubuciko budalelwe ukuba buhlanganyelwe nabanye futhi bujatshulelwe—abulutho ngaphandle kwezibukeli.

Yebo, uJehova wenza izinto ezinhle ngenjongo—ukuze zihlanganyelwe nabanye futhi zijatshulelwe. Eqinisweni, ikhaya labazali bethu bokuqala laliyipaki eliyipharadesi elikhulu elalibizwa ngokuthi i-Edene—okusho ukuthi “Injabulo.” UNkulunkulu akazange nje agcwalise umhlaba ngobuciko bakhe kodwa futhi uye wanikeza isintu ikhono lokububona nokubazisa. Futhi yeka ukuthi kunensada engakanani yobuhle esingayibona! Njengoba uPaul Davies aphawula, “ngezinye izikhathi kubonakala sengathi imvelo ‘yenza umzamo okhethekile’ wokwenza indawo yonke ithakazelise futhi ikhiqize.” Sithola indawo yonke ithakazelisa futhi ikhiqiza ngoba uJehova uye ‘wenza umzamo okhethekile’ ngokusidala sinekhono lokuyifunda nokuyijabulela.

Akumangalisi ukuthi ukuqaphela ubuhle bemvelo—nesifiso sokubulingisa—kwandile kuzo zonke izizinda, kusukela kubadwebi bemifanekiso yasemigedeni kuya kubadwebi bemifanekiso elufifi. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, izakhamuzi zasenyakatho yeSpain zadweba imifanekiso ecacile yezilwane emigedeni yase-Altamira, eCantabria. Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, abadwebi bemifanekiso elufifi bazikhandla bezama ukuthwebula imibala egqamile ensimini yezimbali noma ukushintsha kokukhanya emanzini. Ngisho nezingane ezincane ziyaziqaphela izinto ezinhle. Eqinisweni, eziningi lapho zinikezwa amapeni okudweba nephepha zithanda ukudweba noma yini eziyibonayo ezikhangayo.

Namuhla, abantu abadala abaningi bakhetha ukuthatha isithombe ukuze bakhumbule okuthile okuhle okwabakhanga. Kodwa ngisho nangaphandle kwekhamera, izingqondo zethu ziyakwazi ukukhumbula imifanekiso emihle okungenzeka sayibona emashumini eminyaka adlule. Ngokusobala, uNkulunkulu uye wasenza sakwazi ukujabulela ikhaya lethu eliwumhlaba, aye walihlobisa kahle kakhulu. (IHubo 115:16) Nokho, kunesinye isizathu esenza ukuba uNkulunkulu asinikeze ikhono lokuqaphela ubuhle.

‘Izimfanelo Zakhe Zibonakala Ngokucacile’

Ukujulisa ukwazisa kwethu ngobuciko bemvelo kungasisiza ukuba sazi uMdali wethu, esizungezwe imisebenzi yakhe. Ngesinye isikhathi uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi babhekisise izimbali zasendle ezazikhula eGalile. Wathi: “Thathani isifundo eminduzeni yasesigangeni, indlela ekhula ngayo; ayikhandleki, futhi ayiphothi; kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengowodwa wayo.” (Mathewu 6:28, 29) Ubuhle bembali yasendle engabalulekile bungasikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uyazinaka izidingo zomkhaya wesintu.

UJesu futhi wathi umuntu ungamahlulela ‘ngezithelo,’ noma imisebenzi yakhe. (Mathewu 7:16-20) Ngakho, kumelwe silindele ukuthi ubuciko bukaNkulunkulu buyosikhanyisela ngobuntu bakhe. Yiziphi ezinye ‘zezimfanelo zakhe ezingabonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuya phambili’?—Roma 1:20.

“Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho,” kubabaza umhubi. “Yonke uyenzile ngokuhlakanipha.” (IHubo 104:24) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kungabonakala ngisho nasemibaleni aye wayisebenzisa “ekupendeni” izitshalo nezilwane zomhlaba. Encwadini yabo ethi Colore, Disegno ed estetica nell’arte grafica (Umbala—Umklamo Nobuhle Bezithombe), uFabris noGermani bathi: “Umbala ujabulisa inhliziyo namehlo.” Imibala ehambisanayo nengahambisani, ejabulisa amehlo nenhliziyo, itholakala yonke indawo. Kodwa mhlawumbe imibala ekhanga kunayo yonke yileyo evezwa ukushintshashintsha kwemibala—imibala ekhazimula njengothingo—enikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuklanywa ngokuhlakanipha.

Imibala eshintshashintshayo ivamile ikakhulukazi kuma-hummingbird.a Yini eyenza ukuba izimpaphe zawo zikhazimule kangaka? Ingxenye yesithathu engaphezulu yezimpaphe zawo eziyingqayizivele ihlukanisa ukukhanya kwelanga kube imibala egqamile enjengothingo—ngendlela efana neye-prism. Amagama avamile ama-hummingbird, njengelithi ama-ruby, ama-sapphire, nelithi ama-emerald, abufakazela kahle ubukhazikhazi bemibala ebomvu, eluhlaza njengesibhakabhaka, neluhlaza njengotshani ehlobisa lezi zinyoni eziyigugu. “Iyini injongo yalobu buhle obumangalisayo balezi zidalwa ezinhle?” kubuza uSara Godwin encwadini yakhe ethi Hummingbirds. Uyaphendula: “Ngokwalokho okunganqunywa isayensi, abunanjongo emhlabeni ngaphandle kokuba buxhophe isibukeli.” Ngokuqinisekile, ayikho ingcweti engumuntu eyake yenza ingxube yemibala enjalo!

Singawabona amandla kaNkulunkulu empophomeni edumayo, emagagasini aphenduphendukayo, noma ezihlahleni ezinde zasehlathini ezintengiswa ukuvunguza komoya. Lobu buciko obuphambili bungakhanga njengesigcawu esinokuthula. Isazi semvelo esidumile saseMelika uJohn Muir sake sachaza umphumela wesivunguvungu eqoqweni lama-Douglas fir eSierra Nevada eCalifornia:

“Nakuba emancane ngokwesilinganiso, ayengamafidi angaba yikhulu [amamitha angu-30] ukuphakama, futhi izihloko zawo ezinamagatsha zaziyendezela futhi ziyaluza ngendlela eyisimangaliso. . . . Izihloko ezizacile zaziyendezeliswa imvula enamandla, zigoba ziya emuva naphambili, ngapha nangapha, ziyendezela ngendlela engachazeki.” Njengoba umhubi abhala eminyakeni eyizinkulungwane edlule, ‘isiphepho sidumisa uJehova’—sisibonisa amandla akhe angaphezu kwavamile.—IHubo 148:7, 8.

Sekuyisikhathi eside inyoni iwuphawu lothando kumaJapane. Unohemu omuhle waseJapane, ogiya ngobunono njengomdansi we-ballet lapho uqomisana nomunye. Laba badlali abayizinyoni baziswa kakhulu kangangokuba eJapane baye bachazwa ngokuthi “ubuhle obukhethekile bemvelo.” Njengoba onohemu behlala njengombhangqwana kukho konke ukuphila kwabo futhi bengase baphile iminyaka engu-50 noma ngaphezulu, amaJapane ababheka njengomfuziselo wokwethembeka emshadweni.

Kuthiwani ngothando lukaNkulunkulu? Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli liqhathanisa ukuvikela kukaJehova ngothando abaqotho bakhe nenyoni ewumzali esebenzisa amaphiko ayo ekukhoseliseni amaphuphu ayo ezimweni zezulu ezimbi. UDuteronomi 32:11 ukhuluma ngokhozi ‘olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, lwelule amaphiko alo, luwathathe, luwathwale ngezimpaphe zalo.’ Ukhozi oluwumzali lwenza lezi zinto ukuze lukhuthaze amaphuphu ukuba aphume esidlekeni futhi andize. Nakuba zingavamile ukubonakala, kubikwa ukuthi kunezinkozi ezisiza amaphuphu azo ngokuwathwala ngezimpaphe zazo.—IHubo 17:8.

Njengoba sibhekisisa imvelo esizungezile, siqaphela ukusebenza kwezimiso ezithile nazo ezembula izici ezithile zobuntu bukaNkulunkulu.

Ukuhlukahluka Kwenza Ukuphila Kuthakazelise

Ukuhlukahluka emsebenzini kaNkulunkulu kuyinto ebonakala ngokushesha. Ukuhlukahluka kwezitshalo, izinyoni, izilwane, nezinambuzane kuyamangalisa. Ihlathi lasendaweni eshisayo eliyihektare elilodwa kuphela lingase liqukathe izinhlobo ezihlukahlukene zezihlahla ezingu-300 nezinhlobo zezinambuzane ezingu-41-000; amakhilomitha-skwele amathathu angase abe nezinhlobo zezimvemvane ezingu-1 500; futhi isihlahla esisodwa singaba nezinhlobo zamabhungezi ezingu-150! Futhi njengoba bengekho abantu ababili abafana ncamashí, kungashiwo okufanayo ngezihlahla ze-oki noma amahlosi. Ukuba sesimweni esingokwemvelo, imfanelo eyaziswa izingcweti ezingabantu, kuyingxenye yemvelo.

Yiqiniso, siye sathi fahla-fahla ngezici ezimbalwa zobuciko bemvelo. Ngokuyihlolisisa, singaqonda ezinye izici eziningi zobuntu bukaNkulunkulu. Kodwa ukuze senze kanjalo, kudingeka sisebenzise ikhono lethu lokuqaphela ubuciko esilinikwe uNkulunkulu. Singakufunda kanjani ukubazisa kangcono ubuciko beNgcweti ephambili?

[Umbhalo waphansi]

a Izimvemvane eziningi, njengama-morpho aluhlaza asezindaweni ezishisayo zaseMelika, zinamazinga ashintshashintsha imibala emaphikweni azo.

[Ibhokisi ekhasini 7]

Kudingeka Sazi Ukuthi Ubani Owasibeka Lapha

Umhumushi weBhayibheli uRonald Knox wake waxoxa ngenkolo nososayensi uJohn Scott Haldane. UHaldane wathi: “Endaweni yonke egcwele izigidi zamaplanethi, akunakwenzeka yini ukuba kutholakale ukuphila okungenani kwenye yawo?”

“Mnumzane,” kuphendula uKnox, “uma abeScotland Yard bebengathola isidumbu ebhokisini lakho, ubungabatshela yini ukuthi: ‘Kunezigidi zamabhokisi emhlabeni—ngokuqinisekile elinye lawo kumelwe ukuba linesidumbu?’ Ngicabanga ukuthi bebesengafuna ukwazi ukuthi ubani osifake lapho.”—I-Little, Brown Book of Anecdotes.

Ngaphandle kokwanelisa ilukuluku lethu lokufuna ukwazi, kunesinye isizathu esenza kufanele sazi ukuthi ubani owasibeka lapha—ukuze sikwazi ukumnikeza udumo olumfanele. Ibingasabela kanjani ingcweti enekhono uma umgxeki oziqhayisayo ebengachaza umsebenzi wayo ngokuthi umane wavela ngengozi endaweni yokupenda? Ngokufanayo, kukhona yini ukweyisa uMdali wendawo yonke okudlula ukuba sithi ubuciko bakhe bumane buyinto evele ngengozi?

[Umthombo]

Courtesy of ROE/Anglo-Australian Observatory, photograph by David Malin

[Izithombe ekhasini 8]

Onohemu bendiza

Imidwebo emigedeni e-Altamira, eSpain

[Izithombe ekhasini 9]

Amahlengethwa, ama-“hummingbird,” nezimpophoma konke kwembula izici zobuntu beNgcweti Ephambili

[Umthombo]

Godo-Foto

G. C. Kelley, Tucson, AZ

Godo-Foto

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela