Ukudla Ngesandla
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EGHANA
ABANTU abaningi basebenzisa imfologo, ummese nokhezo ukuze badle. Abanye, njengalabo abakhulele emazweni aseMpumalanga, basebenzisa izinti ezimbili ngenjongo efanayo.
Nokho, kukhona ukudla okunambitheka kakhudlwana lapho kudliwa ngezandla nje. Ake ucabange ngezimbambo ezosiwe, amaqatha enkukhu, amakhekhe, amaqanda mbumbulu ahlohlwe okuthile ngaphakathi (egg roll) nama-taco.
Kuthiwani ngesobho? Ungalidla yini ngesandla? Ungase uthi, ‘Akunakwenzeka! Liyashisa futhi liyanamfuka, kanti ayikho nje indlela yokuligcina lingachitheki esandleni.’ Emazweni amaningi ase-Afrika, abantu bajwayele ukudla isobho ngezandla njengoba nje abase-Asia bejwayele ukudla ngezinti. Ake sikujwayeze isidlo esithile saseGhana nendlela okujabulisa ngayo ukusidla ngaphandle kwezinkezo.
I-fufu Nesobho Lamantongomane
I-fufu yenziwa ngokubilisa ukhova, isithelo esihlobene kakhulu nobhanana ovamile kanye nomdumbula—isitshalo esinezimpande ezidliwayo, esilinywa emazweni ashisayo. Uhluba ukhova nomdumbula, ukugeze bese ukubilisa kuze kuthambe. Ngemva kokuba amanzi eseshile, uyakugqula ngesigqulo kube yinhlama engenazigaxa. Lapho le nhlama isihlangene kahle futhi isithambile, uyenza izindilingana.
Uyawazi amantongomane. Isobho lamantongomane lenziwa ngamantongomane agayiwe, inyama noma inhlanzi, utamatisi, u-anyanisi, upelepele nezinye izinongo. Ubilisa inyama noma inhlanzi ufake izinongo, bese uthela amanzi namantongomane agayiwe. Uhlanganisa imifino ndawonye bese ukuthela esobhweni, bese ukugoqoza konke kanye kanye ukuyeke kuvuthwe. Lapho usuphaka ufaka indilingana ye-fufu endishini bese uthela isobho lakho lamantongomane elishisayo ngaphezulu.
Ubuciko
Njengoba lokhu kudla okumnandi sekuphambi kwakho, wenze njani-ke ukuze ukudle ngesandla? Phela, yindaba nje yokusebenzisa ubuciko obufanele.
Njengokulindelekile, qala ngokugezisisa izandla zakho. Yibe usugcobhoza iminwe yesandla sakho sokudla esobhweni. Kodwa qaphela! Uma ungajwayele, kungenzeka lishise kakhulu!
Manje hlephula i-fufu, usebenzisa iminwe yomine yesandla sakho ngaphandle kukacikicane. Ungalukhiphi lolu cezwana esobhweni kunalokho lucindezele kancane ngesithupha wenze isifaca, ukuze kungene isobho.
Yibe ususiphakamisa isandla esinocezwana. Njengoba usasiphakamisela emlonyeni phendula isihlakala sakho neminwe kubheke ngakuwe kodwa uqikelele ukuba iminwe ingaphakami ngaphezu kwesihlakala. Ngale ndlela, uvimbela isobho ukuba lingachitheki ligeleze ngengalo lize liyofika endololwaneni.
Goba ikhanda kancane, futhi lapho isandla sifika ezindebeni, sebenzisa iminwe emibili ephakathi ukuze ufake i-fufu nesobho emlonyeni. Kujabulele, kodwa uqaphele. Manje kungenzeka ubatshelwe upelepele obaba hhá ngoba ukudla kwaseGhana kuvame ukubaba!
Kuzodingeka wenze okufanayo uze uyiqede yonke i-fufu. Ezinye izithako, njengenyama, uzozidla zizodwa ngaphandle kwe-fufu. Uma kusekhona isobho elisele, ungaliqedela ngesandla.
Ukudla Ngesandla
Abathile eGhana bathi bafuna ukuba bazisebenzise zonke izinzwa ezinhlanu lapho bedla. Uzwa futhi uhogele ukudla lapho kusaphekwa. Uyakubona futhi ukunambithe lapho udla. Kodwa ukuze usebenzise inzwa yesihlanu, kudingeka ukuthinte, ukuzwe.
Kungakhathaliseki ukuthi unasiphi isizinda, ungaqiniseka ukuthi uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, unesithakazelo kuzo “zonke izinhlobo zabantu.” (1 Thimothewu 2:4) Lokhu kwenza ukuba kube namasiko anhlobonhlobo nathakazelisayo. Ngisho noma ungakujwayele ukudla isobho lakho ngesandla, ungase ukuthole kuyinto ejabulisayo nemnandi.