Woza Uzobona Imakethe Yase-Afrika
INDLELA engcono kakhulu yokuhlola usiko-mpilo, imikhuba nokudla kwakulelo zwe, ukuvakashela emakethe. Lapho ungabona abantu bendawo, unambithe ukudla kwabo, futhi uthenge nezinto abazidayisayo. Uyohlangana nanabathengisi abahlukahlukene abenza konke abangakwenza ukuze bakhulume nawe ngolimi lwakho.
Kungaba nzima ukuthola izimakethe ezithakazelisa ukwedlula ezase-Afrika. Zigcwele abantu nemikhiqizo yalo lonke uhlobo ongalucabanga. Uma usemakethe uba nomuzwa wokuba se-Afrika. Hamba nami njengoba sivakashela emakethe yaseDouala, eCameroon.
Ukuya Emakethe Ngendlela Yase-Afrika
Emadolobheni amaningi amakhulu ase-Afrika, indlela eshibhile nesheshayo yokuya emakethe ukugibela isithuthuthu. Kuwo wonke amakhona emigwaqo, kukhona abashayeli bezithuthuthu abakunxenxa ukuba uzogibela. Uma unesibindi ngokwanele, ungacela oyedwa akugibelise. Le ndlela yokuhamba eCameroon iyona esetshenziswa kakhulu ngenxa yemali yayo nokuthi iyashesha.
Kulabo abangenasithakazelo sokuhamba ngesithuthuthu, kunamatekisi amaningi akahle. Abagibeli abaningi bavame ukugcwala emotweni eyodwa ukuze bahlanganyele izindleko.
Amatafula Amaningi Okuthengisa
Umuntu oqalayo ukuya emakethe, angamangazwa ubuningi babantu namatafula okuthengisa agudla imigwaqo. Izinkumbi zabantu ezihlanganisa nezingane zithwala imikhiqizo abayithengisayo emakhanda. Uma usondela kubo, obhasikidi abanezinkukhu eziphilayo, amawolintshi asehlutshiwe nemithi ehlukahlukene phakathi kwezinye izinto.
Kunenqwaba yamatafula amapulwangwe agcwele imifino enjengamakabishi, izaqathe, ukhukhamba, u-brinjal, amathanga, ubhontshisi, ubhatata, utamatisi, ubhoqongwane (yams) nezinhlobo eziningi zika-lettuce. Izivakashi ezivela kwamanye amazwe zingase zingazazi ezinye izilimo ezitholakala e-Afrika ngoba azijwayelekile emazweni angaphandle. Mhlawumbe amatafula anemibala eminingi kungenzeka kube yilawo athengisa ophepha ababomvu nabaphuzi abacwebezelayo uma beselangeni lasekuseni ngenxa yokuthi basanda kukhiwa. Amatafula amaningi adayisa ukotapeya, ubhanana, upapamuzi, amakhabe, uphayinaphu, amawolintshi nolamula. Izithelo zibukeka ziconsisa amathe kanti nemali yazo ingakulinga! Ubhoqongwane, umdumbula, nerayisi—okuwukudla okuyisisekelo kule ndawo nako kubekwa kahle kanye no-anyanisi nogaliki ovela emazweni angaphandle.
Kwenye yezimakethe zaseDouala, abathengisayo abantu abangamaHausa namaFula. Laba bathengisi baphawuleka ngenxa yemijiva emide eluhlaza okwesibhakabhaka, nemhlophe noma ephuzi, ebizwa ngokuthi ama-gandouras noma ama-boubous nendlela yabo yokubingelela enobungane ngolimi lwesiFulfulde. Imakethe iyindawo ekhululekile. Njengoba ngivakashile, omunye wabadayisi, u-Ibrahim, ukhetha o-anyanisi abakhulu abathathu angiphe bona. Ube esethi: “Utshele umkakho abafake irayisi elinongiwe abese ebapheka kancane kancane.”
Buqamamana nje, kudayiswa inyama yenkomo neyembuzi ikakhulukazi, esanda kuhlatshwa. Amadoda anamandla atshatha izidikadika zenyama yezilwane emahlombe abese ezibeka phezu kwamatafula. Abathengisi benyama baphenduphendula imimese yabo ngesandla ukuze bahehe abathengi abangase bathenge inyama yabo. Kubuye kuthengiswe nezimbuzi eziphilayo, izinkukhu nezingulube kulabo bathengi abakhetha ukuzihlabela bona.
Woza Uzokudla E-Chophouse
Kuyinto engacabangeki ukuthi indawo yasemakethe ingabi nayo indawo yokudla. ECameroon, izindawo zokudla ezisemakethe zibizwa ngokuthi ama-chophouse. Ezinye zivulela umculo phezulu ukuze zihehe abantu, kodwa kunezinye izindawo ezipholile lapho ungathenga khona ukudla futhi uhlangane nabantu bendawo. Cishe uhlu lwezinhlobo zokudla ezidayisayo lubhalwa ebhodini elimnyama futhi noma ubani ongajwayelene nokudla kwendawo angase adinge usizo lomuntu ozomchazela ngakho.
Izinhlobo ezimbili zokudla okuyisisekelo irayisi ne-fufu, eyenziwa ngomdumbula, ukhova noma ubhoqongwane obondiwe. Uyothola nenhlanzi, inyama yenkomo neyenkukhu echochobaliswe kahle edliwa nososo owenziwe nge-okra, ibhotela lamantongomane noma utamatisi. Izinto bazenza ngesineke lapha, okukunikeza ithuba elanele lokuxoxa nabanye.
Oweta ababili beza bazosikhonza. Omunye ephethe ithileyi elikhulu lesiliva linezitsha ezimbili zerayisi elishisayo, ubhontshisi ne-fufu. Lokhu kudla kunongwa ngososo we-okra bese eceleni kubekwa inyama nenhlanzi efakwe othini. Kuba nesitshana esincane sikasoso owenziwe ngopelepele obomvu walabo abathanda ukudla okubabayo. Uweta wesibili uletha ithawula nesitsha esinamanzi ukuze sigeze izandla. Lokhu kuyadingeka ngoba ukudla kwakhona kwesintu kudliwa ngesandla. Akuyona into engajwayelekile ukubona umthengi ethandaza ngaphambi kokudla futhi uzwe nohleli etafuleni elingumakhelwane esenanela ngo-“Amen.”
Ukuhlanganyela Nabanye Izindaba Ezinhle Emakethe
Sekuyisikhathi eside izimakethe zidlala indima yokuba izindawo zokuhlangana emiphakathini eminingi. Azigcini nje ngokuba indawo ekahle yokuthenga noma ukuthengisa kodwa nokuxoxela abanye izindaba, ukuhlangana nabangane ngisho nokuthola umsebenzi. IBhayibheli lithi uJesu wavakashela izindawo zezimakethe lapho afundisa khona abantu ngoNkulunkulu futhi wabaphulukisa. Nomphostoli uPawulu wabonisana “esigcawini nsuku zonke nalabo okwakwenzeka ukuba babe khona.” (IzEnzo 17:16, 17; Marku 6:56) Nanamuhla ngokufanayo, oFakazi BakaJehova eCameroon bathola imakethe iyindawo ekahle yokushumayela izindaba ezinhle.—Inikelwe.
[Isithombe ekhasini 24]
Ophepha abamibalabala