Ingabe Izinto Ziyoke Zibe Ngcono?
NAMUHLA, i-World Health Organization nezinye izinhlangano ezikhathazekile zenza ucwaningo nezinhlelo zokunqanda ukubhebhetheka kwezifo. Izinhlangano ezihlukahlukene zidlulisela ukwaziswa futhi zikhuthaza ukuba kwenziwe ucwaningo ngemithi emisha nangezindlela ezintsha zokunqanda izifo, zikwenza konke lokhu ngoba zizama ukuxazulula inkinga ekhulayo yezifo ezithwalwa yizinambuzane. Abantu ngabanye nemiphakathi nabo bangenza lukhulu ngokuzigcina benolwazi nangokuzivikela. Noma kunjalo, ukuvikela abantu akufani nokunqanda izifo emhlabeni wonke.
Ochwepheshe abaningi bakholelwa ukuthi ukubambisana kwembulunga yonke nokwethembana kubalulekile ukuze ukunqandwa kwezifo kuphumelele. “Ukuxhumana ngokushesha kwabantu embulungeni yonke kudinga ukuba abantu kuyo yonke indawo emhlabeni bangagcini ngokubheka omakhelwane babo, izifundazwe, amazwe nezingxenye zomhlaba njengokuphela kwezici ezibazungezile ezibathintayo,” kubhala intatheli uLaurie Garret owazuza uMklomelo KaPulitzer encwadini yakhe ethi The Coming Plague—Newly Emerging Diseases in a World out of Balance. “Amagciwane, nabathwali bawo abanandaba nemingcele emiswe ngabantu.” Ukuqubuka kwesifo kwelinye izwe kubangela ukukhathazeka ngokushesha hhayi nje kuphela emazweni angomakhelwane kodwa emhlabeni wonke.
Abanye ohulumeni nabantu bayaqhubeka bengakwethembi konke ukungenela—ngisho nezinhlelo zokunqanda izifo—okuvela ngaphandle kwemingcele yabo. Ngaphezu kwalokho, ukungabheki izinto ngeso elibanzi kwabezombangazwe nokuhaha kwabezentengiselwano ngokuvamile kukhinyabeza imizamo ebumbene yezizwe zonke. Empini yokulwa kwabantu nezifo, ingabe kuyonqoba amagciwane? Umlobi u-Eugene Linden, ocabanga ukuthi amagciwane ayonqoba, uthi: “Liyasishonela.”
Isizathu Sethemba
Intuthuko yezesayensi nobuchwepheshe iyasilela kakhulu emncintiswaneni wokulwa nezifo. Futhi-ke, inkinga yezifo ezithwalwa izinambuzane imane nje ingenye yezingozi eziningi ezisongela impilo yabantu. Kodwa sikhona isizathu sethemba. Yize besaqala ukuqonda ubudlelwano obuyinkimbinkimbi phakathi kwezinto eziphilayo, ososayensi bayaqaphela ukuthi umhlaba unamandla okuzivuselela. Unozungezilanga wethu unezinqubo ezihlala njalo ezikwaziyo ukubuyisela izimiso zemvelo esilinganisweni sazo. Ngokwesibonelo, kuvamile ukuba amahlathi aphinde akhule ezindaweni ezazicatshiwe ngaphambili, kanti nobuhlobo phakathi kwamagciwane, izinambuzane nezilwane buyasimama ngokuhamba kwesikhathi.
Ngaphezu kwalokho, umklamo oyinkimbinkimbi wemvelo ubonisa ukuthi kunoMdali, uNkulunkulu okunguyena kwasekuqaleni owasungula izimiso zomhlaba. Ososayensi abaningi nabo bayavuma ukuthi kumelwe ukuba kukhona umuntu ohlakaniphe kakhulu kunabantu owenza ukuba kube khona indalo emhlabeni. Yebo, abantu abacabanga nzulu abakwazi ukukuphika ngokunengqondo ukuthi uNkulunkulu ukhona. IBhayibheli lichaza uMdali, uJehova uNkulunkulu, njengoNkulunkulu ongumninimandla onke nonothando. Uyikhathalela kakhulu injabulo yethu.
IBhayibheli lichaza nokuthi ngenxa yesono sangamabomu somuntu wokuqala, umuntu wazuza njengefa ukungapheleli, ukugula nokufa. Ingabe lokhu kusho ukuthi silahlelwé ukuba sihlupheke phakade? Lutho neze! Injongo kaNkulunkulu iwukwenza lo mhlaba ube ipharadesi, lapho abantu bengaphila khona benethezekile nezinye izidalwa, ezinkulu nezincane. IBhayibheli libikezela ukuthi kuyoba khona izwe kulo okungeke kube nasidalwa, kungakhathaliseki ukuthi izilo ezinkulu noma izinambuzane ezincane, esiyoba ingozi kumuntu.—Isaya 11:6-9.
Yebo, umuntu uyoba nendima ekulondolozeni izimo ezinjalo—kwezokuhlalisana kwabantu nasekusebenzelaneni nemvelo. UNkulunkulu wayala umuntu ukuba ‘anakekele’ umhlaba. (Genesise 2:15) Epharadesi elizayo, umuntu uyowufeza ngokuphelele lowo msebenzi ngokulandela ngokuzithoba iziyalezo zoMdali ngokwakhe. Ngakho-ke, singabheka phambili kulolo suku lapho ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’—Isaya 33:24.