Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 30
  • Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ukulungele ukugwema izithombe ezingcolile?
  • Izinganekwane namaqiniso
  • Indlela yokugwema izithombe ezingcolile
  • Ngingazigwema Kanjani Izithombe Ezingcolile?
    I-Phaphama!—2007
  • Umonakalo Odalwa Yizithombe Ezingcolile Zobulili
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Izithombe Zobulili Ezingcolile—Ziyingozi Noma Cha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 30
Umfana obizwa abanye abafana ukuthi azobuka izithombe ezingcolile kumakhalekhukhwini

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ugweme Izithombe Ezingcolile?

  • Ingabe ungakwazi ukugwema izithombe ezingcolile?

  • Izinganekwane namaqiniso

  • Indlela yokugwema izithombe ezingcolile

Ingabe ukulungele ukugwema izithombe ezingcolile?

Uma usebenzisa i-Internet, kumelwe ukulindele ukuthi uzozithela phezu kwezithombe ezinokungcola kohlobo oluthile. UHayley oneminyaka engu-17 ubudala uthi: “Akusadingeki ngisho nokuba uzifune. Yizona ezifuna wena.”

Izithombe ezingcolile zingalinga ngisho nalabo abazimisele ngempela ukuzigwema. UGreg oneminyaka engu-18 uthi: “Ngazitshela ukuthi angisoze ngazivumela ukuwela kulolo gibe, kodwa ngagcina sengiwele kulo. Ungasho ukuthi ngeke kwenzeke kuwe.”

Namuhla, sekulula kakhulu ukungena kuzo. Kanti futhi njengoba sekwande ukuthumelelana izithombe zocansi ngomakhalekhukhwini, intsha eningi isinezazo izithombe ezingcolile ezithumelayo.

Iphuzu elisemqoka: Ubhekene nenselele enkulu kunaleyo abazali bakho noma ugogo nomkhulu wakho ababebhekene nayo ngesikhathi bengangawe. Umbuzo uwukuthi, Ingabe uzokwazi yini ukugwema izithombe ezigcolile?​—IHubo 97:10.

Impendulo ingu-yebo​—uma ukhetha ukwenza kanjalo. Kodwa okokuqala kudingeka uqiniseke ngokuthi ukubuka izithombe ezingcolile kubi. Asicabangele izinganekwane namaqiniso ambalwa ngale ndaba.

Izinganekwane namaqiniso

Inganekwane: Izithombe ezingcolile ngeke zingilimaze.

Iqiniso: Izithombe ezingcolile zingcolisa ingqondo yakho njengoba nje nogwayi uwangcolisa amaphaphu akho. Ziyakungcolisa. Zilulaza ukuba yigugu kwento uNkulunkulu ayidalela ukuba ibe yisibopho esinamandla nesihlala njalo phakathi kwabantu ababili. (Genesise 2:​24) Ngokuhamba kwesikhathi, zingenza nokuba ungabe usaba nandaba nokulungile nokungalungile. Ngokwesibonelo, ochwepheshe bathi abantu besilisa abahlale bebuka izithombe ezingcolile, bangase bangabi nandaba nokuhlukunyezwa kwabesifazane.

1. Umuntu obhema ugwayi ungcolisa amaphaphu akhe; 2. Umuntu obuka izithombe ezingcolile ungcolisa ingqondo yakhe

IBhayibheli likhuluma ngabantu ‘abangasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19) Unembeza wabo awusazweli kangangokuthi abasezwa buhlungu ngokwenza izinto ezimbi.

Inganekwane: Izithombe ezingcolile zingakufundisa ngocansi.

Iqiniso: Izithombe ezingcolile zifundisa ukuba nobugovu. Zenza ubheke abanye njengezinto nje zokwanelisa izifiso zobugovu. Akumangazi-ke ukuthi enye inhlolo-vo yaphetha ngokuthi, labo abakwenza umkhuba ukubuka izithombe ezingcolile mancane amathuba okuba bathole ukwaneliseka ngokocansi lapho sebeshadile.

IBhayibheli litshela amaKristu ukuba agweme “ubufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha”​—zonke izinto ezikhuthazwa izithombe ezingcolile.​—Kolose 3:5.

Inganekwane: Abantu abagwema izithombe ezingcolile banenhlonipho edlulele ngezindaba zobulili.

Iqiniso: Abantu abagwema izithombe ezingcolile banombono oqondile ngocansi. Bayaqaphela ukuthi luyisipho uNkulunkulu asidalele ukuba siqinise isibopho esiphakathi kwendoda nomkayo abazibophezele komunye nomunye. Labo abanombono onjalo banamathuba amakhulu okuthola ukwaneliseka ngokocansi lapho sebeshadile.

IBhayibheli liyakhuluma ngocansi. Ngokwesibonelo, lithi emadodeni ashadile: “Ujabule ngomfazi wobusha bakho . . . Kwangathi njalo ungagajwa uthando lwakhe.”​—IzAga 5:​18, 19.

Indlela yokugwema izithombe ezingcolile

Kuthiwani uma uzwa sengathi isilingo sokubuka izithombe ezingcolile sinamandla? Ikhasi lomsebenzi elithi “Indlela Yokugwema Izithombe Ezingcolile,” lingakusiza.

Qiniseka ukuthi ungakwazi ukunqoba isilingo sokubuka izithombe ezingcolile. Ungafunda nokuyeka ukubuka izithombe ezingcolile uma kuwukuthi ubusuqalile ukuzibuka. Kuningi oyokuzuza ngokwenza kanjalo.

Cabanga ngoCalvin, ovumayo ukuthi waqala ukubuka izithombe ezingcolile cishe eneminyaka engu-13. Uthi: “Ngangazi ukuthi akulungile, kodwa ngangihluleka ukunqoba isilingo sokuzibuka. Kodwa, ngemva kokuzibuka ngangizizwa kabi. Ekugcineni, ubaba wakuthola lokhu​—futhi eqinisweni, ngazizwa ngikhululeke kakhulu! Ekugcineni, ngakwazi ukuthola usizo engangiludinga.”

UCalvin wafunda ukugwema izithombe ezingcolile. Uthi: “Ukuhileleka ezithombeni ezingcolile, kwaba yiphutha elikhulu engisajeza namanje ngalo ngoba lezi zithombe zisekhona engqondweni yami. Kanti ngezinye izikhathi, sisangifikela isilingo sokucabanga ngezinto engingazibona uma ngibuka lezi zinto okungafanele ngizibuke. Kodwa ngibe sengicabanga ngendlela engijabule ngayo, engihlanzeke ngayo, nendlela ikusasa lami eliqhakaze ngayo uma ngenza izinto ngendlela kaJehova.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela