Izici Zemfashini Ezingezinhle
AKUNGABAZEKI ukuthi ukulandela imfashini kungakusiza ukuba uthuthukise ukubukeka kwakho nokuzethemba. Izingubo ezifanele zingafihla izici ezithile zomzimba ezingathandeki futhi zigqamise ngisho nezici zakho ezinhle. Zingaba nethonya nasekutheni abanye bakubheka kanjani.
Kodwa imfashini inezici ezingezinhle, ezingenakushalazelwa. Abathengi bangabambeka emjikelezweni onganqamuki wokushintsha izingubo zabo njalo. Phela, le mboni ihlale iveza indathane yezitayela ezintsha. Lokhu akwenzeki ngengozi, ngoba izikhungo zemfashini zenza imali eyengeziwe uma izingubo ziphuma emfashinini ngokushesha. Njengoba kwasho umklami uGabrielle Chanel, “imfashini yenzelwé ukuba isheshe iphume.” Ngenxa yalokho, umthengi ongaqaphile angase azizwe ebophekile ukuthenga izingubo ezintsha ukuze nje angashiywa yimfashini.
Kukhona nengozi yokuthonywa ukucindezela kwezikhangiso okucashile. Izinkampani zemfashini zichitha izigidi zamaRandi zikhangisa imikhiqizo yazo, ngokuvamile ziveze indlela yokuphila yokunethezeka okuthiwa ijatshulelwa yilabo abagqoka izingubo zazo. Le miyalezo ingaba nethonya elinamandla. Uthisha othile waseSpain uthi: “Ayikho into ecindezela intsha ngaphezu kokuswela izicathulo ‘zegama elifanele.’”
Ukuheha Kwezimfashini
Amanye amaqembu asebenzisa izitayela ezithile zokugqoka njengophawu lwawo. Indlela agqoka ngayo ingase ibonise ukungavumelani nomphakathi, indlela yokuphila ngokuzibusa, noma ngisho nemiqondo enobudlova noma enobandlululo lobuhlanga. Nakuba ezinye zalezi zitayela zingase zibe yinqaba noma zishaqise, ngokuvamile kuba nokuvumelana okukhulu phakathi kweqembu elizikhethayo. Ngisho nabanye abangavumelani nemibono yalelo qembu bangase bakhangwe yileso sitayela. Labo abamukela lezi zimfashini zokugqoka bangase banikeze abanye umbono wokuthi bahlanganyela futhi bakhuthaza izinkolelo eziyisisekelo zalelo qembu.
Izimfashini ngokuvamile ziyafika zidlule, ezinye ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa. Zingase ziqanjwe ngumculi othandwayo noma omunye umuntu osungula izimfashini. Nokho, ezinye izimfashini ezimbalwa ziba yizitayela ezihlala isikhathi eside. Ngokwesibonelo, obhogadi abaluhlaza okwesibhakabhaka babeyintandokazi entsheni eyayibhikisha ngawo-1950 nawo-1960. Nokho, manje sebegqokwa ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene abantu bobudala obuhlukahlukene.
Ukufuna Umzimba Omi Kahle
Labo abagxila kakhulu emfashinini bangase bakhathazeke kakhulu ngokubukeka kwabo. Onobuhle bengqephu ngokuvamile bade futhi bancane ngomzimba, futhi imifanekiso yabo siyibona njalo.a Kusetshenziswa umzimba “ofanele” ekudayiseni zonke izinto kusukela ezimotweni ukuya kuswidi. ISocial Issues Research Centre yaseBrithani iveza ukuthi “amantombazane asakhula manje abona izithombe eziningi zabesifazane abayizimomondiya ngosuku olulodwa kunalezo ezazibonwa omama bethu phakathi naso sonke isikhathi sobusha babo.”
Lezi zithombe eziningi zingaba nomphumela oyingozi. Ngokwesibonelo, e-United States, inhlolo-vo eyacashunwa kuyi-Newsweek yathola ukuthi amantombazane amhlophe angamaphesenti angu-90 ayenganelisekile ngemizimba yawo. Amanye awo angenza noma yini ukuze abe ‘nomzimba omi kahle.’ Nokho, iSocial Issues Research Centre ithi bangaphansi kwamaphesenti amahlanu abesifazane abangafinyelela isilinganiso sesisindo nobukhulu bomzimba imithombo yezindaba ethi sihle. Noma kunjalo, ukukhonzwa kwabantu abanomzimba omncane kuye kwafaka izigidi zabesifazane abasha ebugqilini. Kuye kwafaka nabanye enkingeni engalungiseki kalula yesifo sokuzincisha ukudla.b Unobuhle waseSpain uNieves Álvarez, owayenesifo sokuzincisha ukudla, uyavuma: “Ukukhuluphala kwakungethusa ngaphezu kokufa.”
Yiqiniso, izinkinga zemikhuba yokudla njengesifo sokuzincisha ukudla nesokuzigcingca ngokudla zingadalwa ezinye izici eziningana. Nokho, oDkt. Anne Guillemot noMichel Laxenaire bathi: “Ukuthandwa komzimba omncane kunomthelela othile kulezi zinkinga.”
Ngokusobala, imfashini inezici ezinhle nezimbi. Yanelisa isifiso sabantu esiyisisekelo sokubukeka kahle nokuba nokuthile okusha umuntu angakugqoka. Kodwa ukweqisa kwezemfashini kungasenza sigqoke izingubo ezinikeza abanye umbono oyiphutha. Futhi uma sigxila kakhulu endleleni esibukeka ngayo, singase samukele inkolelo eyiphutha yokuthi ukubaluleka kwethu kuxhomeke ‘ekubukekeni’ kwethu hhayi ebuhleni bangaphakathi. U-Álvarez, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Kudingeka siqale ukwazisa ikhono lomuntu nobuntu bakhe bangaphakathi, hhayi nje indlela abukeka ngayo.” Kodwa ukushintsha okunjalo kwezindinganiso cishe akunakwenzeka maduzane. Ngakho-ke, singawuthola kanjani umbono olinganiselayo ngemfashini?
[Imibhalo yaphansi]
a Umagazini i-Time ubika ukuthi ngokuvamile onobuhle kulindeleke ukuba babe “amafidi amahlanu nama-intshi angu-9 [amamitha angu-1,74] ubude, bazace, babe nezindebe ezinkulu, iziqhomo, amehlo amakhulu, imilenze emide, kanye nekhala eliqondile elingelide kakhulu.”
b I-National Association of Anorexia Nervosa and Associated Disorders yase-United States ilinganisela ukuthi abantu abayizigidi ezingu-8 e-United States iyodwa banesifo sokuzincisha ukudla futhi idlanzana ligcina lifile. Iningi lalaba (abangamaphesenti angu-86) laqala ukuba nenkinga yokuphazamiseka kwemikhuba yokudla lingakayihlanganisi iminyaka engu-21 ubudala.
[Ibhokisi ekhasini 8, 9]
Ukhona Ngempela Umuntu Ongayigqoka Leyo Nto?
Izikhungo zemfashini zaseNew York, eParis naseMilan ziba nemibukiso yezingubo zikanokusho zabaklami abaphambili njalo entwasahlobo nasekwindla. Ngaphandle kwentengo yazo ephakeme, eziningi zalezi zingubo zibonakala zixakile ngempela futhi zingagqokeki. Umklami waseSpain uJuan Duyos uthi: “Imiklamo eyeqisayo nexakile oyibonayo ayenzelwa ngempela ukugqokwa ngabantu. Injongo yombukiso wengqephu kungenzeka ukudonsela ukunaka kumklami noma egameni lengubo hhayi ukudayisa izingubo ezisembukisweni. Ngokwesibonelo, izingubo ezinhle ezikhulunyelwa kakhulu emithonjeni yezindaba zingase zisize ekudayiseni amakha kanokusho.”
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuhambisana nezimfashini kungabiza kakhulu
[Isithombe ekhasini 7]
Ukugqoka izitayela ezithile kungakuhlanganisa neqembu elithile
[Isithombe ekhasini 7]
Abanye baye bangena enkingeni engalungiseki kalula yesifo sokuzincisha ukudla