Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 9/8 k. 8-k. 10 isig. 4
  • Umbono Olinganiselayo Ngemfashini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbono Olinganiselayo Ngemfashini
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhle Obungagugi
  • Izici Zemfashini Ezingezinhle
    I-Phaphama!—2003
  • Ukushintsha Kwemfashini
    I-Phaphama!—2003
  • Izingubo Zokugqoka Zisho Ukuthini Kuwe?
    I-Phaphama!—1987
  • Ngibukeka Kanjani?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 9/8 k. 8-k. 10 isig. 4

Umbono Olinganiselayo Ngemfashini

IBHAYIBHELI lithi uNkulunkulu “wenzé konke kwaba kuhle ngesikhathi sako.” (UmShumayeli 3:11) Sibona ubuhle kuyo yonke indawo ezweni elisizungezile. Siyabubona nakubantu.

Injongo yomklami wemfashini iwukunezela ebuhleni bethu ngezingubo esizigqokayo. Kodwa, njengoba kuboniswe esihlokweni esandulele, imboni yezemfashini iye yabuchaza ngenye indlela futhi ubuhle. Uprofesa wezokusebenza kwengqondo uRuth Striegel-Moore uthi: “Sesijwayele ukubona abesifazane abazace kakhulu kangangokuthi sesicabanga ukuthi yilokho okuhle.”

Ngokusobala, bekuyoba ubuwula ukuvumela umbono wezwe wamanje ngobuhle usicindezele ukuba sivumelane nalo. Encwadini yakhe ethi Always in Style, uDoris Pooser uveza ukuthi “owesifazane wanamuhla akudingeki ashintshe noma afihle umzimba wakhe njalo lapho kuvela ‘umbono wobuhle’ omusha.” Kungani ngempela kufanele sivumele imithombo yezindaba isicindezele ngemibono yayo elinganiselwe? UPooser uthi: “Kulula kakhulu ukwaneliswa yilokho esiyikho, esikhundleni sokuzama ngamandla ukushintsha lokho esiyikho.”

Ubuhle Obungagugi

Ukuzethemba nokwaneliseka ekuphileni kuxhomeke kokuthile okungaphezu nje kokubukeka umuhle kuphela. UJudy Sargent, owake waba nesifo sokuzincisha ukudla, uyabhala: “Injabulo yangempela isuka ngaphakathi. Ayinakutholakala ngokuba nesisindo esithile somzimba.” IBhayibheli liyanezela kule ndaba. Umphostoli uPetru wabhala: “Ubuhle benu kufanele bube obobuntu benu bangempela bangaphakathi, ubuhle obungagugi bomoya omnene nothule, obuyigugu kakhulu emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Petru 3:4, Today’s English Version.

Ubuhle obungagugi uPetru akhuluma ngabo bubudlula kude ubuhle bomzimba ngoba buhlala njalo futhi buyigugu emehlweni kaNkulunkulu. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule, inkosi ehlakaniphile yathi: “Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.”—IzAga 31:30.

Nakuba ubuhle bomzimba bungase bunakwe kakhulu namuhla, abantu abaningi basamhlonipha umuntu obonisa izimfanelo zobuKristu. Umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Nigqoke ubuntu obusha, . . . [nobubele] bothando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”—Kolose 3:10, 12.

Imfashini iyafika idlule. Singase sihlobe ngesitayela samuva isikhashana nje. Kodwa noma iliphi ithonya elihle esiba nalo liyoshabalala ngokushesha uma ubuntu bethu bungahambisani nokubukeka kwethu. Khumbula, “izithelo zomoya”—ezihlanganisa izimfanelo zothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, ubuhle, nokuzithiba—aziphumi emfashinini.—Galathiya 5:22, 23; 1 Thimothewu 2:9, 10.

Nokho, kufanele sivume ukuthi kuyafaneleka ukunaka indlela esigqoka ngayo. U-Aline waseFrance uyavuma ukuthi kwakuyinselele ukulondoloza ukulinganisela kule ndaba. Uthi: “Ngisakhula, ngangizifela ngezingubo zokugqoka. Ngangifuna ukulandela imfashini yamuva ngoba yayingenza ngizethembe. Futhi ngangijabula kakhulu uma ngikwazile ukuthenga izingubo ezinegama elaziwayo.”

U-Aline uyaqhubeka: “Kodwa lapho sengikhulile, kwadingeka ngifunde ukuzinakekela ngokwezimali, futhi ngaqala ukuchitha isikhathi sami esiningi enkonzweni yobuKristu. Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukuphila ngalokho enginakho, ngangingeke ngiqhubeke ngiyisigqila semfashini. Ngaqala ukuthenga izingubo zami endalini noma ezitolo ezishibhile. Ngaqaphela ukuthi ngangisagqoka kahle—kodwa ngentengo ephansi kakhulu. Imfihlo iwukufunda ukuthenga izingubo ezikufanelayo, ezifanele, ezihambisana kahle nalokho osunakho kakade, nezingeke ziphume ngokushesha emfashinini. Esikhundleni sokuvumela ukuba imfashini ilawule lokho okufanele ngikuthenge, manje sengizama ukunquma ukuthi yisiphi isitayela esingifanelayo. Angisho ukuthi angisenamsebenzi nezingubo. Kodwa ukubaluleka kwami kuxhomeke kokuthile okungaphezu nje kokubukeka kwami.”

Emphakathini ogcizelela kakhulu ukubukeka komuntu kunezimfanelo zakhe, amaKristu kufanele akhumbule isikhumbuzo seBhayibheli esisangulukisayo: “Konke lokho izwe elinamandla okuba nakho, konke okwanelisa izifiso noma okuheha amehlo, bonke ubukhazikhazi bokuphila kwalo, akuveli kuBaba kodwa kuvela ezweni elingamhloniphi uNkulunkulu. Futhi lelo zwe liyadlula kanye nazo zonke izinto zalo ezikhangayo, kodwa owenza intando kaNkulunkulu umi kuze kube phakade.”—1 Johane 2:16, 17, The New English Bible.

[Isithombe ekhasini 9]

Ubuhle bangempela buvela ngaphakathi, hhayi kulokho okugqokayo

[Isithombe ekhasini 10]

Khetha izingubo ezifanele nezihambisana kahle nalokho osunakho kakade

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela