Ukukhulumisana—Kubalulekile Ezintweni Eziphila Emhlabeni
LAPHO uJulie esewusana, abazali bakhe babesilinde ngabomvu isikhathi lapho ayezosho khona amazwi akhe okuqala. “Ukuzwa usana luthi ‘Mama’ nokuthi ‘Baba’ kuyinjabulo umzali angenakuyichaza ngokuphelele,” kusho unina kaJulie. “Lapho uJulie eqala ukuthi ‘Mama’ kimi, kwakunjengokungathi wayenganga ngezingadlwana zakhe ethi: ‘Ungumama wami. Ngiyakuthanda, futhi ngifuna ukukhuluma nawe.’ Ngiyohlale ngisikhumbula leso senzakalo esikhethekile.” Yebo, ikhono lokukhulumisana liyisipho esiyigugu ngempela!
Kodwa-ke, akubona abantu kuphela abayizidalwa ezinekhono lokukhulumisana. Nakuba ngokuyinhloko zibuswa umuzwa wemvelo, izilwane nazo zinezindlela eziphawulekayo zokukhulumisana. Ngokwesibonelo, izinguza ama-emperor ezishelanayo e-Antarctica eshubis’ umnkantsha zinesiko laminyaka yonke langaphambi kobusika lokungunguzelana—kodwa azikwenzeli ukuzijabulisa. Kusuke kuhileleke ikusasa letshwele lombhangqwana ngamunye. Kanjani?
Ngemva kokuzalela iqanda layo, insikazi ilishiya kumngane wayo ukuba alifukamele esikhwameni esisemzimbeni wakhe kuyilapho yona isayofuna ukudla olwandle. Ngemva kwezinsuku ezingu-65, iyabuya, ngemva kokukhasazela nokushushuluza eqhweni ngesisu amakhilomitha angaba ngu-150. Ukuthola lapho ezinye zikhona kuyisimangaliso kukodwa nje, kodwa imthola kanjani umngane wayo kanye netshwele elisanda kuchanyuselwa phakathi kwamashumi ezinkulungwane zezinguza ezingunguzayo? Lapho zisashelana, inyoni ngayinye ibamba ngekhanda ukungunguza komngane wayo kangangokuba ngisho nangemva kwezinyanga zihlukene, ziyakwazi ukutholana!
Ngaphandle kwemisindo ehlukahlukene ephawulekayo, ukukhulumisana kwezilwane kuhlanganisa ukushukuma komzimba, imibala ekhangayo, ukukhanya okubenyezelayo kanye namaphunga ayinkimbinkimbi. Kanti nakuba kungase kubonakale kuyisimanga, ngisho nezimila zingakhulumisana zodwa futhi zikhulumisane nezilwane ezithile, njengoba sizobona. Yebo, ukukhulumisana kubaluleke ngempela ezintweni eziphila emhlabeni ezincikene neziyinkimbinkimbi kakhulu.
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngezinye zezindlela ezimangalisayo zokukhulumisana zemvelo esizungezile? Ungathanda yini ukukhulisa indlela owazisa ngayo amakhono akho okukhulumisana futhi uwathuthukise ngisho nokuwathuthukisa? Izihloko ezilandelayo zingase zikusize.
[Isithombe ekhasini 19]
Inguza i-“emperor” eyinsikazi imthola kanjani umngane wayo?