Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngizidwebe Umzimba?
“Eminye imidwebo yomzimba mihle. Yenziwé ngobuciko obukhulu.”—UJalene.a
“Kwaphela iminyaka emibili ngicabanga ngomdwebo wami wokuqala.”—UMichelle.
IMIDWEBO yomzimba yenziwa yinoma ubani—noma kungase kubonakale kunjalo. Abaculi be-rock, osaziwayo bezemidlalo, abakhangisi bengqephu nabadlali bamabhayisikobho babukisa ngayo. Intsha eningi iye yalandela isibonelo sabo, yabukisa ngeqholo ngemidwebo esemahlombe, ezandleni, okhalweni nasemaqakaleni. U-Andrew uthi: “Imidwebo yomzimba mihle. Ukuthi umuntu uyawufuna yini noma cha kuyindaba yakhe.”
I-World Book Encyclopedia ithi: “Imidwebo yomzimba iwumkhuba wokwenza imiklamo engasuki emzimbeni. Yenziwa ngokuqhumbuza izimbotshana esikhunjeni ngothi olucijile, ngethambo, noma ngenaliti efakwe kupende wemibala yemvelo.”
Nakuba kunzima ukuthola izibalo ezithé ngqo, umthombo othile ulinganisela ukuthi amaphesenti angu-25 ayo yonke intsha yase-United States eneminyaka engu-15 kuya kwengu-25 anomdwebo emzimbeni. USandy uthi: “Kuyinto ethandwayo.” Kungani intsha ethile izifela kangaka ngemidwebo yomzimba?
Kungani Ithandwa Kangaka?
Kwabanye, ukuba nomdwebo emzimbeni kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa uthando. UMichelle uthi: “Umfowethu unegama lentombazane ayethandana nayo eqakaleni lakhe.” Pho iyini inkinga? “Akasathandani nayo.” Ngokukamagazini i-Teen, “odokotela balinganisela ukuthi amaphesenti angaphezu kwangu-30 ayo yonke imidwebo esuswa emzimbeni enziwa emantombazaneni afuna ukususa igama lesoka langaphambili.”
Enye intsha ibheka imidwebo yomzimba njengemisebenzi yobuciko. Abanye bayibheka njengophawu lokuzimela. “Ngiphila ngendlela engifuna ngayo,” kusho uJosie, enezela ngokuthi ukuzidweba umzimba “ukuphela kwesinqumo esibalulekile engake ngasenza ekuphileni.” Ukuzidweba umzimba kuvulela enye intsha ithuba lokuzama izinto ezintsha—ukuba izizwe inamandla okulawula indlela ebukeka ngayo. Ukuzidweba umzimba kungase futhi kube uphawu lokuvukela noma lwendlela yokuphila ehlukile. Yingakho eminye yale midwebo inamagama nezithombe ezihlambalazayo noma iziqubulo ezinochuku.
Nokho, intsha eningi kungenzeka ibanjwé yimfashini. Kodwa ingabe ukuthi kubonakala wonke umuntu ezidweba umzimba kusho ukuthi wena kufanele ukwenze?
Ubuciko Basendulo Bokudweba Umzimba
Ukudweba umzimba akuwona neze umkhuba omusha. Kuye kwatholakala izidumbu ezomisiwe eGibhithe naseLibya ezinemidwebo yomzimba, zabantu abaphila emakhulwini eminyaka ngaphambi kwesikhathi sikaKristu. Kuye kwatholakala izidumbu ezomisiwe ezinemidwebo yomzimba naseNingizimu Melika. Imifanekiso eminingi ezinayo yayihlobene ngokuqondile nokukhulekelwa konkulunkulu bamaqaba. Ngokomcwaningi uSteve Gilbert, “umdwebo wasendulo owaziwayo onesithombe sokuthile, ongewona nje umfanekiso ongacacile, umelela unkulunkulu uBes. Ezinganekwaneni zaseGibhithe uBes ungunkulunkulu wokuxokozela obuswa yizinkanuko.”
Kuyinto ephawulekayo ukuthi uMthetho KaMose wawubenqabela abantu bakaNkulunkulu ukuba bazidwebe umzimba. ULevitikusi 19:28 wathi: “Akumelwe nisike inyama yenu ngenxa yomphefumulo oshonile, futhi akumelwe nizidwebe imifanekiso. NginguJehova.” Abakhulekeli abangamaqaba, njengabaseGibhithe, babezidweba amagama noma izimpawu zonkulunkulu babo esifubeni noma ezingalweni. Ngokuvumelana nomthetho kaJehova owawenqabela ukuzidweba umzimba, ama-Israyeli ayeyovelela njengahlukile kwezinye izizwe.—Duteronomi 14:1, 2.
Nakuba namuhla amaKristu engekho ngaphansi koMthetho KaMose, ukwenqatshelwa kwemidwebo yomzimba kusenza sicabangisise. (Efesu 2:15; Kolose 2:14, 15) Uma ungumKristu, ngokuqinisekile ubungeke ufise ukwenza imidwebo emzimbeni wakho—ngisho neyesikhashana—ehlobene nobuqaba noma ukukhulekela kwamanga.—2 Korinte 6:15-18.
Izingozi Zempilo
Kukhona nezingozi zempilo okufanele uzicabangele. UDkt. Robert Tomsick, oyisekela likaprofesa wezifo zesikhumba, uthi: “Umuntu usuke eqhumbuza isikhumba abese efaka upende kuleyo ndawo. Nakuba inaliti ingangeni ijule, njalo uma uqhumbuza isikhumba, uzifaka engozini yokuthola amagciwane. Ngicabanga ukuthi [ukuzidweba umzimba] kuyinto eyingozi ngempela ukuyenza.” UDkt. Tomsick uyaqhubeka: “Uma upende usungenile, noma kungekho magciwane, kuhlale kunethuba lokuba umzimba ungezwani nalowo pende futhi uqubuke, isikhumba sibe bomvu, sivuvukale, sibe noqweqwe noma silume.”
Nakuba imidwebo yomzimba yenziwa ngendlela yokuba ingabe isasuka, kusetshenziswa izindlela ezihlukahlukene ukuzama ukuyisusa: Ukuyisusa nge-laser (ukususa umdwebo ngokuwushisa), ukuhlinzwa (usikwe kususwe umdwebo), ukukhuhla isikhumba (ngebhulashi lensimbi elixebula isikhumba), ukumatisa isikhumba ngoketshezi olunosawoti, kanye nokushisa isikhumba nge-asidi kusale isibazi esikhundleni somdwebo. Lezi zinqubo ziyabiza futhi zingaba buhlungu. Umagazini i-Teen uthi: “Kubuhlungu kakhulu ukususwa komdwebo ngemisebe ye-laser kunokudwetshwa kwawo ekuqaleni.”
Abanye Bazothini?
Kufanele uyicabangisise nendlela abanye abangase bazizwe ngayo ngomdwebo wakho, ngenxa yokuthi abaningi abayithandi. (1 Korinte 10:29-33) Ebhuduzela, owesifazane waseTaiwan okuthiwa uLi wazidweba umzimba lapho eseneminyaka engu-16 ubudala. Manje uneminyaka engu-21 futhi usebenza ehhovisi. ULi uyavuma: “Iyangikhathaza indlela abantu engisebenza nabo abawubuka ngayo lo mdwebo.” Isisebenzi sezempilo yengqondo saseBrithani uTheodore Dalrymple sithi kubantu abaningi, imidwebo yomzimba “ngokuvamile iwuphawu olusobala lokuthi umuntu . . . ungoweqembu elithile elinobudlova, elinesihluku, elingabathandi abantu nelenza izenzo zobugebengu.”
Isihloko sikamagazini i-American Demographics naso sathi: “Kusobala ukuthi abantu abaningi baseMelika bakubheka njengokuyingozi ukuba nemidwebo ebonakalayo emzimbeni. Amaphesenti angu-85 [entsha] avumelana namagama athi, ‘abantu abanemidwebo esobala . . . kufanele baqaphele ukuthi le ndlela yokuzidweba cishe iyobangela izithiyo emsebenzini wabo wokuziphilisa noma ebuhlotsheni babo nabanye abantu.’”
Cabanga nangokuthi ukukhetha ukuzidweba umzimba kuyokuthuthukisa yini noma kukululaze ukusho kwakho ukuthi ungumKristu. Ingabe kungaba ‘isizathu sokukhubeka’ kwabanye? (2 Korinte 6:3) Yiqiniso, enye intsha iye yadweba umzimba ezindaweni ezifihlekile. Ngisho nabazali bayo bangase bangazi lutho ngale midwebo efihlekile. Kodwa qaphela! Isimo esiphuthumayo esidinga ukuba uye kwadokotela noma ukushawa nje esikoleni kungayidalula imfihlo yakho! Kungcono “ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke,” ugweme ukukhohlisa ngobuwula.—Hebheru 13:18.
Njengayo yonke imfashini, imidwebo yomzimba ingase iphume emfashinini ngokuhamba kwesikhathi. Empeleni, ingabe ikhona into ethile—kungaba ibhulukwe, ihembe, ingubo, noma izicathulo—oyithanda kangangokuba ungazibopha uthi uzoyigqoka konke ukuphila kwakho? Ayikho! Izitayela, imiklamo yezinto nemibala yazo kuyashintsha. Nokho, ngokungefani nezingubo, kunzima ukususa imidwebo yomzimba. Ngaphandle kwalokho, into “enhle” kuwe lapho uneminyaka engu-16 ubudala ingase ingakukhangi neze lapho usuneminyaka engu-30.
Abaningi bayazisola ngokuyishintsha unomphela indlela ababukeka ngayo. U-Amy uyalandisa: “Ngazidweba umzimba ngingakafundi ngoJehova. Ngiyazama ukuwufihla lo mdwebo. Uma abanye ebandleni bethuka bewubona, ngizizwa nginamahloni.” Yini esiyifundayo? Cabanga ngaphambi kokuba uzidwebe umzimba. Ungasenzi isinqumo ongase uzisole ngaso kamuva.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 17]
Ngokuvamile imidwebo yomzimba ihlotshaniswa nendlela yokuphila yokuvukela
[Isithombe ekhasini 17]
Ngokuhamba kwesikhathi, abaningi bayazisola ngokuzidweba umzimba
[Isithombe ekhasini 18]
Cabanga ngaphambi kokuba uzidwebe umzimba