Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 12/8 k. 15-k. 17 isig. 8
  • Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqaphela Izinyathelo Zakho
  • Umbono Owunikeza Abanye
  • Isidingo Sokuqapha
  • Izimfashini—Yini Ezenza Zikhange?
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Kungani Kumelwe Ngehluke?
    I-Phaphama!—1992
  • Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 12/8 k. 15-k. 17 isig. 8

Intsha Iyabuza . . .

Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?

‘YINHLE ngempela!’ ‘Ihamba phambili!’ Ontanga yakho bangase bakuncome kakhulu lapho bebona ukuthi ulandela imfashini yamuva. Yebo, izimfashini zinamandla okudonsa ukunakekela nokuvusa ukusabela okunamandla.

Nokho, izimfashini zishintsha ngokuphazima kweso, futhi zidume ngokuhlala isikhashana. Ngokokuhlola okuthile kwezezimakethe, imfashini iqale ithandwe amaqembu amancane entsha enamagangangozi, engahambisani nemikhuba evamile. Njengoba iqala ukusabalala, abenzi nabakhangisi bayithuthukisa ngezikhangiso zomagazini, i-TV, nomsakazo. Abaculi nosaziwayo bayakhokhelwa ukuze bayenze ihlonipheke ithole nodumo ngokuthi bayamukele. Intsha ngokwayo ingase iyithuthukise ngentshiseko enkulu. Futhi uma isithandwa, ingaba imfashini ephambili “entsheni eningi ngokushaqisayo.”

Nokho, ekugcineni imfashini iphelelwa idumela bese inyamalala. (American Demographics) Kodwa lapho isitayela esisha, umdanso, noma umshini kuseyimfashini, ungase ucindezeleke kakhulu ukuba uvumelane nakho. Abaningi bazizwa njengoKim oneminyaka engu-15 ubudala: “Ukhishwa inyumbazane lapho wehlukile.”

Ukulandela imfashini kungalimaza kakhulu. Ngokwesibonelo, cabangela imfashini yezipeleti eyabheduka phakathi kwentsha yaseFrance eminyakeni embalwa edlule. Ngokwesihloko esithile sika-1991 kuyi-New York Times, “ku-de rigueur [kumelwe] ukuba ikepisi lakho le-baseball noma umphetho webhantshi ube nezipeleti eziningi ezimibalabala ezinjengamachashazi ayizixebeledu.” Lemfashini yabonakala ingenangozi—kodwa kwakumelwe ukwazi ukukhokhela isipeleti ngasinye esenziwe umklami odumile imali eshisiwe engu-R44.

Osemusha angase athole nokuthi “ubuhle” busho okungaphezu nje kokuchitha imali eningi. Kwamanye amaqembu lapho kuyimfashini khona ukufaka ikepisi le-baseball, kumelwe ukhethe ikepisi elinombala owamukelekayo, elimelela iqembu elamukelekayo, futhi indlela oligqoka ngayo iyingxenye yalemfashini.

Entsheni eningi lokhu kuyindaba engathi sína. Ibheka ukulandela izimfashini ezithile njengesihluthulelo sokuzuza udumo nokwamukeleka. Nakuba kunjalo, sizobona ukuthi ukulandela imfashini akuyona into ewukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi.

Ukuqaphela Izinyathelo Zakho

IBhayibheli aliyilahli ngokuphelele imfashini ngokwayo. Ezinye izinto ezithandwayo zingase zifaneleke nakuba ziyimfashini. Ngokwesibonelo, abanye babebheka ukuzivivinya ngokugijima njengemfashini lapho kuthandwa eminyakeni embalwa edlule. Kodwa ubani ongaphika izinzuzo zokuvivinya umzimba okukahle, okusesilinganisweni?—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:8.

Nakuba kunjalo, ezinye izimfashini zisuka kweziwubuwula kuya kweziyingozi ngokusobala. Ngakho isixwayiso sesaga sasendulo siyafaneleka: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” (IzAga 14:15) Umuntu ohlakaniphile unokuqonda. Akalandeli ngokuphuphutheka imfashini ethile entsha ngoba nje ithandeka. Ngokuhlakanipha, ucabangela imiphumela yezenzo zakhe.

Izindleko zingase zibe esinye isici esidinga ukucatshangelwa. Umagazini othile waseCanada ukhuluma ngentombazane ethile esentsha esebenza endaweni ethengisa ukudla okulungiswa ngokushesha. Ichitha imali engaphezu kwengxenye yeholo layo elisebenzela kanzima ngokuthenga izingubo zemfashini yamuva. “Imali iyisivikelo,” kusho iBhayibheli, okusho ukuthi, iyinto edingekayo, ewusizo. (UmShumayeli 7:12, NW) Ungakwazi yini ukuyisaphaza ezintweni, njengoba omunye umlobi ekubeka, “eziklanyelwe ukulibaleka esikhathini esifushane”?

Esinye isici esingase sicatshangelwe ingozi engokomzimba. Esikhathini esingeside esidlule i-break dance ibithandwa. Kodwa yalimaza abantu abaningi iqolo. Kuthiwani namuhla? Isihloko esithile kumagazini i-Rolling Stone sikhuluma ngemikhuba yokungazithibi ezindaweni zokudansa nasemakhonsathini omculo we-rock, “njengokutshuza esiteji” (ukusuka esiteji ugxumele ezingalweni zezethameli ezishaya ihlombe), “i-slamming,” “ne-moshing”—izenzo “zomdanso” eziwubudlova obuhambisana nesigqi somculo. “Lento ayisalawuleki nakancane. Ayisalawuleki ngempela,” kukhononda omunye osemusha. Uchaza indlela abadansi ‘be-moshing abadansa ngayo ngokungazithibi, beshwibashwibeka, beshayisa ngokungenangqondo noma ubani oneshwa lokuba seduze.’ Ukuziphatha okunjalo kungase kubahlabe umxhwele abanye ontanga yakho. Kodwa ingabe ukuba sezindaweni ezinjalo noma ukwenza izinto ezinjalo kungavunyelwa uNkulunkulu, oyala amaKristu ukuba ‘adele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, ahambe ngokuqonda’?—Thithu 2:12.

Kuthiwani ngezingozi zempilo zokubhoboza umzimba nokuwudweba imifanekiso—nakho okuthandwa intsha? Odokotela bathi ukudweba imifanekiso emzimbeni kungabangela izingozi zempilo, njengokusha kwesibindi futhi mhlawumbe nengculaza, uma kungathathwa izinyathelo zokuhlanzeka. Futhi kungenzeka uhlobiseke unomphela ngisho noma lemfashini isidlulile. Yiqiniso, eminye imifanekiso edwetshwe emzimbeni ingasuswa nge-laser. Kodwa ukwelashwa nge-laser kuhilela izikhawu eziningana zokuzwa ubuhlungu, ngasinye esibiza amakhulu amaRandi.

Okuyingozi kunakho konke ukulimala ngokomoya okungalethwa ukulandela izimfashini ezithile. Eziningi zazo zigxile kosaziwayo—abadlali bamabhayisikobho, abasubathi, abaculi, nabanye abanjalo. Kuba “kuhle” ukugqoka nokuziphatha njenganoma ubani ovelele ngalesosikhathi. Kodwa uJehova uNkulunkulu ukubheka kanjani ukukhulekela iqhawe okunjalo? Njengohlobo lokukhulekela izithombe. Ngakho iBhayibheli liyaxwayisa: “Kubalekeleni ukukhonza izithombe.” (1 Korinte 10:14) Osaziwayo abaningi abazigqizi qakala izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli. (1 Korinte 6:9-11) Uma kunjalo, kungenzeka yini ukuba uNkulunkulu ajabule uma empeleni uziphatha noma ugqoka ngendlela edumisa abantu abanjalo?

Umbono Owunikeza Abanye

Futhi iBhayibheli likhuthaza intsha ukuba ihloniphe abazali bayo. (Efesu 6:2) Bekungeke yini kubalethele isihlamba uma bekubona uzihlobise umzimba ngezinto zokuhloba eziyigugu noma uzidwebe imifanekiso emzimbeni? Futhi kuthiwani ngabanye, njengalabo ofunda nabo esikoleni? Uma ungumKristu, bebengakuthola kunzima yini ukuthatha okushoyo ngokungathi sína uma kamuva uzama ukuhlanganyela nabo ukholo lwakho?—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:3.

Kungashiwo okufanayo nangokugqoka ezinye zezitayela ezikhuthazwa abaculi be-rap. Kuyavunywa, ezindaweni eziningi ikepisi le-baseball limane liyisembozo sekhanda. Kodwa kweminye imiphakathi yasemadolobheni, “umbono womphakathi ufeza indima ebalulekile ekwenzeni ukuba ezinye izigqoko zithandwe.” (Entertainment Weekly) Ingabe ukugqoka amakepisi athile, amabhantshi, amateki, noma ezinye izimpahla ze-hip-hop kunganikeza umbono wokuthi ulandela indlela yokuphila ye-rap? Khumbula, uthando lobuKristu “aluziphathi ngokungafanele” noma ngendlela eshaqisayo.—1 Korinte 13:5.

Cabangela okwenzeka kwelinye iqembu lamantombazane asemasha asedolobheni elisadla ngoludala, ngokukamagazini i-People, elazishaya indiva izinto ezixwaywa umphakathi laya esikoleni ligqoke “izingubo ze-hip-hop.” Enye intombazane yachaza: “Lezizingubo sizibona ku-MTV [isiteshi se-TV esikhokhelwayo esidlala ama-video omculo]. Bengicabanga ukuthi zinhle.” Nokho, lemvunulo eyimfashini yavusa impikiswano—nobudlova bobuhlanga.

Ngakho-ke, njengamaKristu sifuna ‘ukuzihlobisa ngokuhlonipha nokuqonda.’ (1 Thimothewu 2:9) Lokhu kuhilela ukucabangela imizwa nesimo sengqondo sabanye hhayi ukuphikelela kulokhu umuntu akuthandayo. Futhi kusho ukugwema izindlela zokugqoka nokuziphatha abanye abangase bazibheke njengokweqisa.

Isidingo Sokuqapha

Yiqiniso, imfashini ngayinye kufanele icatshangelwe ngokwezici zayo. Nokho, khumbula ukuthi uSathane uDeveli ungumbusi walelizwe futhi umgomo wakhe ‘ukugwinya othile.’ (1 Petru 5:8; Johane 12:31; 1 Johane 5:19) Akungabazeki ukuthi ezinye izimfashini ezithandwayo ziye zasetshenziswa uSathane ukuze aphazamise futhi aphambukise intsha kuNkulunkulu. Ngakho kufanelekile ukuqapha.

Ngokuvamile akukhona ukuhlakanipha ukuba phakathi kwabokuqala abalandela noma imuphi umkhuba noma imfashini entsha; kungcono kakhulu ukungathatheki. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lixwayisa nangokuba ‘olunge ngokwedlulele.’ (UmShumayeli 7:16) Ngokuqinisekile akudingekile ukuba wenqabe izinguquko zezitayela kuze kube seqophelweni lokubukeka njengomuntu oyisidala, noma oyinqaba.

Lapho imfashini ethile yephula izimiso zeBhayibheli noma ukuhluzeka kwengqondo, khona-ke kuwukuhlakanipha ukuba uyigweme. Yiqiniso, akulula ukuhluka kontanga yakho. Kodwa encwadini yakhe ethi How to Say No and Keep Your Friends, umlobi uSharon Scott uyabuza: “Unabo yini abangane abahlakaniphe futhi abakwazi kahle kangangokuba kufanele kube yibo abenzela wena izinqumo? Cishe awunabo!” Ngeke yini kube ngcono ukuqondiswa izifiso zabazali bakho nonembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli? Ukwenza kanjalo ngeke kukwenze wamukelwe ontanga yakho, kodwa kuyokwenza wamukeleke kuJehova, lokho ngokungafani nemfashini edlula ngokushesha, okungahlala phakade!—IHubo 41:12; IzAga 12:2.

[Isithombe ekhasini 16]

Abazali bakho bayosabela kanjani uma wamukela imfashini ethile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela