Okuthile Okungcono Kunezinguquko
UMA umuthi uthela izithelo ezingenamsebenzi, inkinga ngeke ixazululwe ngokugawula amagatsha nje ambalwa. Lowo muthi kumelwe ugawulwe wonke kukhishwe nezimpande zawo emhlabathini. Khona-ke kufanele kutshalwe omunye umuthi, okhiqiza izithelo ezinhle.—Mathewu 7:16-20.
Ngesizathu esifanayo, ngisho nalabo bashisekeli bezinguquko abanezinhloso ezinhle baxazulula nje izimpawu zalokho okonakele emphakathini wesintu—ukukhohlakala, ukungabi nabulungisa, ukuswela, nokukhwabanisa. Nokho, abafinyeleli emnyombweni wenkinga. Kufanele kushintshwe sonke isimiso. Yilokho iBhayibheli elikuthembisayo.
UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyokwenza okungaphezulu kakhulu kokumane ushintshe, uhlele kabusha, noma uguqule umphakathi wesintu. Lowo hulumeni uyoletha indlela entsha sha yokusingatha izindaba zabantu, uhlanganise sonke isintu ngaphansi kokubusa kwawo. Lo hulumeni uyonakekela izinto ezinjengemfundo, umsebenzi, indawo yokuhlala, ukondleka, impilo nemvelo.
IHubo 72:12-14 lichaza ngokwesiprofetho lokho iNkosi enguMesiya eyokwenzela isintu: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.”
Kodwa ukuze umphakathi ukhululeke ngokuphelele ekukhohlakaleni, ekungabini nabulungisa, nasekusweleni, ngokuqinisekile ngeke nje kudingeke ukuba kushintshwe uhulumeni kodwa nabantu kuyomelwe bashintshe. Ngakho, lo Mbuso uyonikeza umuntu ngamunye isiqondiso sendlela yokuphila ukuphila okujabulisayo, okunenjongo, nokwanelisayo. IBhayibheli lithembisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyosiza izikhonzi zawo zasemhlabeni ukuba zishintshe. Kanjani?
Lo Mbuso uyofundisa izikhonzi zawo ngezindlela zikaJehova uNkulunkulu, kanjalo uzisize zihlakulele ukholo nothando. (Isaya 11:9) Ukuthanda uNkulunkulu kushukumisela inhliziyo esenzweni. Ngokwesibonelo, ekhulwini lokuqala, uJesu wahlangana noZakewu, umthelisi omkhulu owayezicebisa ngokukhuphula intela ekhokhwa abantu. UJesu akazange acindezele lesi sikhulu esikhohlakele ngokusihlaza ukuze sishintshe izindlela zaso. Kunalokho, uJesu wasiza uZakewu ukuba aqaphele iphutha lakhe futhi aphenduke. UZakewu washukunyiswa ulwazi olunembile lwezimiso zikaNkulunkulu nawukuthanda uNkulunkulu. Wenza izinguquko eziphawulekayo.—Luka 19:1-10.
Ingabe lelo akulona ikhambi elingcono kunawo wonke lamaphutha omphakathi? Uhulumeni wokulunga ophelele oyonakekela izindaba zesintu kanye nokuzimisela komuntu ngamunye ukushintsha izindlela zakhe. Ingabe zisayodingeka izinguquko ngaleso sikhathi? Cha, ngoba uNkulunkulu uyobe esenze konke kwaba kusha. Izinto zangaphambili ziyobe sezidlulile.—IsAmbulo 21:4, 5.
[Izithombe ekhasini 10]
UMbuso kaNkulunkulu ngeke ulethe izinguquko, kodwa uyoletha ushintsho oluphelele
[Isithombe ekhasini 11]
Lapho esemhlabeni uJesu wasiza abantu ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo