Ukukhalela Izinguquko
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EJALIMANE
“Ukube bengisemncane, bengizoqala inhlangano elwela izinguquko!” kusho u-Anna, owesifazane waseJalimane oneminyaka engu-80 ubudala. “Yini obungayishintsha?” kubuza uRobert. “Yonk’ into!” kuphendula u-Anna.
ABANINGI bangavumelana no-Anna. Inhlolo-vo eyenziwa eJalimane maphakathi nawo-1990 yembula ukuthi abantu ababili kwabathathu okwaxoxwa nabo babenomuzwa wokuthi kudingeka ‘izinguquko ezinkulu noshintsho olubalulekile kwezenhlalo.’ Mhlawumbe kuyisimo esifanayo nasezweni ohlala kulo.
Lapho umphakathi ukhalela ushintsho, ngokuvamile uthenjiswa izinguquko. Ekhuluma ngezinguquko kwezemfundo, uFrederick Hess, oyisekela likaprofesa wezemfundo nohulumeni, wabhala: “Ukuthembisa izinguquko ngokuyinhloko kuyindlela yokuthulisa abantu abaphelelwa yisineke.” Sifunda izihloko ezinkulu emaphephandabeni ezimemezela izinguquko kwezomnotho, kwezokunakekelwa kwempilo, kwezolimo, nakwezomthetho. Sizwa ngezinguquko ezihlongozwayo kwezemfundo, kwezenhlalakahle, nasemajele.a Sifunda nokuthi amalungu amasonto athile afuna kuguqulwe nezimfundiso.
Izinguquko Nesimo Esikhona Manje
Yini ebangela isidingo esingaka soshintsho? Abantu bahlale bezama ukuthuthukisa izwe elibazungezile. Baye bazama ukwenza lokho ngokhetho, ngokuchitha imali, ngokubeka imithetho, noma ngokusebenzisa ubudlova. Lokhu kubangelwa yisifiso esijulile somuntu sokuthuthukisa ukuphila kwakhe, akhele izingane zakhe ikusasa elingcono, noma afukule umphakathi ufinyelele izinga alifisayo lenhlalakahle, ukuziphatha, nobulungisa. Uma nje kusenabantu abalwela ukubalekela izingqinamba ezibangelwa ukuntula ulwazi, izifo, ubumpofu, nendlala, abantu bayohlala bekhalela izinguquko.
Nakuba abaningi bezijabulela izinguquko, abanye banombono ohlukile ngabashisekeli bezinguquko nalokho abazama ukukufinyelela. Abanye bancamela ukugcina umphakathi ngendlela ongayo, ukulondoloza isimo esikhona manje. Babheka abashisekeli bezinguquko njengabantu abazikhohlisayo abafuna ukushintsha izwe kodwa abangawanaki amaqiniso. I-Handbuch der deutschen Reformbewegungen 1880-1933 (Incwadi Yezinhlangano Zezinguquko ZaseJalimane 1880-1933) ithi abashisekeli bezinguquko “bayizisulu okulula ukuzigxeka, benziwa opopayi bezombangazwe, amahlaya futhi bayabhuqwa.” Umlobi wemidlalo yaseshashalazini ongumFulentshi uMolière wake wathi: “Abukho ubuwula obedlula ukufuna ukwenza izwe libe yindawo engcono.”
Wena ucabangani? Ingabe izinguquko zingalithuthukisa izwe? Noma ingabe abashisekeli bezinguquko bafuna izinto ezingenakwenzeka? Kuthiwani ngezinguquko ezalethwa esikhathini esidlule? Ingabe abantu abaziletha bayifinyelela imigomo yabo? Izihloko ezilandelayo zizoxoxa ngalezi zindaba.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuvumelana nenjongo eshiwo yalo magazini, i-Phaphama! ‘ihlala ingathathi hlangothi kwezombangazwe.’ Lezi zihloko ezikhuluma ngezinguquko zihloselwe ukukhanyisela abafundi nokuqokomisa okuwukuphela kwekhambi langempela lezidingo zesintu.