Kungani kunabantu abaningi kangaka abanemfiva ethimulisayo?
Ngumlobeli we-Phaphama! eSpain
A MEHLO akho ayaluma futhi ayakhala, uthimula usuku lonke, ikhala liyavuza, futhi uyacinana. Kwenzekani? Kungenzeka unomkhuhlane. Kodwa uma lezi zimpawu zikuhlupha lapho usendaweni enempova, kungenzeka ukuthi unemfiva ethimulisayo. Uma kunjalo, awuwedwa neze. Isibalo sabantu abatholakala benale mfiva siyenyuka minyaka yonke.
“Imfiva ethimulisayo imane nje iwukusabela komzimba ngamawala entweni ocabanga ukuthi iyingozi,” kubika umagazini i-Mujer de Hoy. “Isimiso sokuvikela umzimba sabantu abanemizimba ezwelayo senqaba zonke izinto esicabanga ukuthi aziyona ingxenye yomzimba—kuhlanganise nempova—yize lezi zinto zingeyona ngempela ingozi.” Futhi lapho isimiso somzimba sisabela ngamawala ngale ndlela, sibangela izimpawu eziyisidina ezichazwe ngenhla.
Ngo-1819, udokotela oyiNgisi uJohn Bostock wachaza le mfiva ethimulisayo. Wayengowokuqala ukuyichaza. UBostock wabhala ngokuningiliziwe izimpawu ezicasulayo ayeba nazo ngenkathi ethile yonyaka. Wayekholelwa ukuthi lezi zimpawu zazidalwa utshani befolishi obusanda kusikwa, ngakho le nkinga yabizwa ngokuthi i-hay fever ngesiNgisi. Kamuva kwatholakala ukuthi imbangela yalesi simo esidalwa ukungezwani komzimba nezinto ezithile empeleni kwakuyimpova yezihlahla ezihlukahlukene. Ekuqaleni kwekhulu le-19, uBostock wathola abantu abambalwa kakhulu kulo lonke elaseNgilandi ababenale nkinga.
Pho-ke, kungani bebaningi kangaka abanale nkinga namuhla? UDkt. Javier Subiza, umqondisi weCenter for Asthma and Allergies eMadrid, eSpain, ukhuluma ngemibono emibili esacwaningwa abacwaningi. Omunye umbono icala ulinameka ezimotweni ezihamba ngo-diesel. Kucatshangwa ukuthi izinhlayiya ezikhishwa izinjini zika-diesel zingashukumisa amasosha omzimba alwa nezinto ezingeyona ingxenye yomzimba, wona-ke adale lezi zimpawu. Ngokwesazi sezinkinga zokungezwani komzimba nezinto ezithile uDkt. Juan Kothny Pommer, “emazweni athuthukile imfiva ethimulisayo ithinta abantu abangaba amaphesenti angu-20 emphakathini, futhi ivame kakhulu emadolobheni.”
Umbono wesibili usikisela ukuthi kudalwa ukunaka inhlanzeko kakhulu. ‘Sizalelwa endaweni engenasilabi kuhle kwegumbi lokuhlinzela, sidla ukudla okungenamagciwane, sigonyelwe izifo eziningi, bese siphuza imithi ebulala amagciwane lapho nje sigula. Ngakho, kwasebuntwaneni isimiso somzimba wethu sokuzivikela sifunda ukuxabana nezinto eziningi,’ kuchaza uDkt. Subiza.
Uma uyisisulu salokhu kusabela komzimba ngamawala, musa ukuphelelwa ithemba! Uma iye yatholakala futhi yelashwa ngemithi efanele, kulula ukuyilawula nokunciphisa izikhathi nezinga lokuhlasela kwalezi zimpawu ezicasulayo zemfiva ethimulisayo.