Intsha Iyabuza . . .
Ngingenzenjani Ukuze Isoka Lami Liyeke Ukungiphatha Kabi?
“Namuhla isoka lami lingishayile ngokokuqala ngqa. Lixolisile, kodwa angazi ukuthi ngenzenjani uma kunje.”—UStella.a
“NGOKWESILINGANISO oyedwa kubafundi abahlanu besifazane,” kusho isihloko esaphuma kuyi-Journal of the American Medical Association, “wabika ukuthi wayehlukunyezwa ngokomzimba noma ngokobulili umuntu ayethandana naye.” Ekuhloleni okwenziwa eJalimane phakathi kwentsha eneminyaka engu-17 kuya kwengu-20, amantombazane angaphezu kwengxenye eyodwa kwezine abika ukuthi enziswa izenzo zobulili engathandi ngobudlova, ngokucindezelwa ngamazwi, ngezidakamizwa noma ngotshwala. Ngokokunye ukuhlola okwenziwa e-United States, intsha engamaphesenti angu-40 okwaxoxwa nayo yayike yabona izingane efunda nazo “zithuka kabuhlungu umuntu ezithandana naye.”b
Ingabe ungumuntu osemusha ophokophele ukushada nomuntu okuthukayo noma okuthethisayo noma okululazayo, akusunduze, akuchilize, noma akushaye ngempama? Isihloko sikamagazini owandulelayo kulolu chungechunge sabonisa ukuthi ukuphathwa kabi ngaleyo ndlela sekwande ngendlela ethusayo.c Sabonisa nokuthi uJehova uNkulunkulu akakwamukeli ukuhlukumeza abanye ngamazwi noma ngokomzimba nokuthi izisulu akufanele zibheke ukuziphatha okunjalo njengento evamile noma njengento eyiphutha lazo. (Efesu 4:31) Noma kunjalo, akulula ukwazi ukuthi yini okumelwe uyenze esimweni esinjalo. Kungenzeka ukuthi usalithanda isoka lakho—yize liziphatha ngale ndlela. Okubi nakakhulu ukuthi kungenzeka wesabe indlela elizosabela ngayo lapho ulibonisa iphutha lalo. Yini okufanele uyenze?
Hlaziya Isimo Sendaba
Okokuqala, kudingeka ubeke umoya phansi ubhekisise okwenzekile nhlangothi zonke. (UmShumayeli 2:14) Ingabe ngempela amazwi alo abengahlukumezayo? Ingabe isoka lakho belenza ngamabomu ngokuba nonya noma limane ‘laphahluka’ nje? (IzAga 12:18) Lokhu kuye kwenzeka izikhathi ezingaki? Ingabe yiphutha elenzeka kanye ongase nje ulizibe? Noma ingabe isoka lakho seliqale umkhuba wokusho izinto ezikululazayo noma amazwi ayinhlamba?
Uma ungaqiniseki ngemizwa yakho kule ndaba, xoxa nothile—hhayi untanga kepha umuntu omdala futhi ohlakaniphile kunawe. Mhlawumbe ungathululela abazali bakho isifuba sakho noma omunye umKristu ovuthiwe. Leyo ngxoxo ingakusiza uthole uma kuwukuthi usabela ngamawala noma uma ikhona inkinga engathi sina.
Uma kubonakala kuphephile, hlela ukukhuluma nesoka lakho ngale nkinga. (IzAga 25:9) Litshele ngomoya ophansi ukuthi ukuziphatha kwalo kukwenza uzizwe kanjani. Litshele ngokuqondile okukucasulile. Beka imingcele ecacile ngezinto ongeke uzibekezelele. Lisabela kanjani? Ingabe liyichilizela eceleni imibono yakho noma ingabe lisabela ngamazwi agcwele intukuthelo nangokwengeziwe? Lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi alizimisele ukushintsha.
Kodwa-ke kuthiwani uma libonisa ukuzithoba kokwesaba uNkulunkulu futhi lizisola ngobuqotho? Khona-ke kusengenzeka nibulondoloze ubuhlobo benu. Kodwa-ke, kudingeka uqaphele! Abantu abathanda ukuhlukumeza abanye ngamazwi ngokuvamile baye bakhulume kugcwale umlomo ngendlela abazisola ngayo ngemva kokuba bezwise umuntu othile ubuhlungu—kuthi kungakabiphi bawaphinde wona lawo mazwi ahlabayo lapho becasukile futhi. Ukuhamba kwesikhathi kuyobonisa ukuthi lizimisele kangakanani ukwenza izinguquko. Enye inkomba enhle yokubona ukuthi liqinise kangakanani kungaba ukuzimisela kwalo ukucela usizo lwabadala abangamaKristu.—Jakobe 5:14-16.
Khumbula ukuthi abantu “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Uma ufuna umuntu ophelele awusoze wamthola. Yonke imibhangqwana eshadile iyobhekana ‘nosizi oluthile enyameni’ ngenxa yokungapheleli. (1 Korinte 7:28) Ekugcineni kumelwe unqume ukuthi uzokwazi yini ukuwabekezelela amaphutha esoka lakho ngaphandle kwenkinga. Nalapha futhi, ukuvumela isikhathi esithile sidlule kuyindlela ephephile yokukuthola lokhu.
Lapho Kunobudlova Khona
Nokho, kungenye indaba uma amazwi akuhlukumezayo ehambisana nenhlamba noma izinsongo zokukushaya noma uma uzithola uhlukunyezwa emzimbeni—mhlawumbe ngokusunduzwa, ukuchilizwa noma ukushaywa ngempama. Lokhu kubonisa ukuntula ukuzithiba okuyingozi; izinto zingase kalula nje ziholele ezenzweni zobudlova ezimbi nakakhulu.
Okungcono ukuba kwasekuqaleni abantu abangashadile bakugweme ukuba bodwa. Kodwa uma kwenzeka uba wedwa nesoka elinobudlova, ‘ungaphindiseli okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) Khumbula: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Zibambe. Licele isoka lakho likuyise ekhaya. Uma kudingekile suka uhambe—noma ubaleke!
Kuthiwani uma isoka lizama ukuphoqela intombi ezenzweni zobulili? Kuwukuhlakanipha ukuba abantu abathandanayo bayibeke zisuka nje imingcele ecacile yezenzo zokubonisana uthando. (1 Thesalonika 4:3-5) Uma insizwa iphoqa intombi ukuba iphule izimiso zeBhayibheli, kufanele ikwenze kucace ukuthi ayisoze yakuvumela lokho. (Genesise 39:7-13) U-Anne, owavumela ukucindezelwa okunjalo kokuhlanganyela ebulilini, uyancenga: “Ungavumi. Zihloniphe. Ngiyakucela, ungalenzi leli phutha, kungakhathaliseki ukuthi umthanda kangakanani!” Uma engakunaki ukwenqaba kwakho, mtshele ukuthi noma yini enye azoyenza uzoyibheka njengokudlwengula. Uma engayeki nalapho, memeza ucele usizo futhi uzame ukumelana naye ngendlela obungenza ngayo kunoma ubani ongumdlwenguli.d
Kunoma ikuphi, iseluleko seBhayibheli kuyizAga 22:24 siyafaneleka: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.” Awubophekile neze ukuba uqhubeke nobuhlobo obukuhlukumezayo. Ngokusobala, kungaba ubuwula obuphindwe kabili ukuya wedwa esokeni elikuhlukumezayo uyolazisa ukuthi uyahlukana nalo. Cishe, inkambo engcono iwukutshela abazali bakho ukuthi kwenzekeni. Ngokulindelekile kuyobathukuthelisa futhi kubacasule ukwazi ukuthi uye waphathwa kabi. Kodwa bangakusiza ukuba unqume ukuthi iziphi ezinye izinyathelo okudingeka zithathwe.e
Ukuzama Ukulishintsha Isoka
Kahle-hle, akuwona umthwalo wakho ukwenza isoka lakho lishintshe. U-Irena uyavuma: “Uyaye ucabange ukuthi uyamthanda, ukuthi uzokwazi ukusisingatha isimo, nokuthi ungamsiza. Kodwa empeleni awukwazi.” UNadine naye uyavuma: “Bengilokhu ngicabanga ukuthi ngingamshintsha.” Iqiniso liwukuthi, nguye yedwa ‘ongaguqula ingqondo yakhe’ ashintshe. (Roma 12:2) Futhi ukwenza kanjalo kudinga isikhathi nokuzikhandla.
Ngakho qina esinqumweni sakho, ungayinaki noma imiphi eminye imizamo yokunxenxa imizwelo yakho. Zama ukuvula igebe phakathi kwakho naye—ngokomzwelo nangokoqobo. Ungamvumeli ukuba akuncenge, akunxenxe noma akusongele ukuba ubuyelane nawe. Lapho u-Irena ehlukana nesoka lakhe elinobudlova, lasonga ngokuthi lizozibulala. Ngokusobala, umuntu onjalo uyaludinga usizo, kodwa hhayi usizo lwakho. Uyobe umsiza kangcono kakhulu ngokumelana nanoma yikuphi ukuziphatha okungekona okobuKristu. Uma efuna ukushintsha, ukhululekile ukuba acele usizo.
Nokho, abanye bacabanga ukuthi ukushada kuyoyixazulula inkinga. Omunye umcwaningi uthi: “Abesifazane abashada namasoka abahlukumezayo namadoda ashada nezintombi eziwahlukumezayo ngokuvamile ayamangala lapho ethola ukuthi lobo budlova abupheli. Abantu abaningi bakholelwa inganekwane ethi lapho sekusayindwe isitifiketi somshado, zonke lezi zinkinga ziyaphela. Amanga aluhlaza.” Iqiniso liwukuthi, ukuhlukumeza ngokomzimba okuqala nisathandana cishe kuyoqhubekela nasemshadweni.
IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ukuhlukana nomuntu omthandayo kubuhlungu. Kodwa ukuzithola usubhajwe emshadweni okuhlukumezayo kubuhlungu nakakhulu. Ngaphandle kwalokho, asikho isizathu sokwesaba ukuthi ngeke usamthola umngane womshado ofanelekayo. Ngenxa yokuthi usunokuhlangenwe nakho, uyobhekisisa nakakhulu ukuze uthole umuntu onesandla esihle, onomusa futhi ozithibayo.
Ukubopha Amanxeba Angokomzwelo
Ukuba yisisulu sokuhlukunyezwa ngamazwi noma emzimbeni kungakushiya ushaqekile. UMary oyisisulu uyeluleka: “Thola usizo—shesha uxoxe nothile ngakho. Ngangicabanga ukuthi ngizokwazi ukukusingatha ngokwami, kodwa ukuxoxa nabantu kuye kwangisiza.” Tshela abazali bakho, umngane ovuthiwe omethembayo, noma umdala ongumKristu.f
Abanye baye bakuthola kuwusizo ukuzigcina bematasa ngokuhlanganyela ezintweni ezinjengokufunda izincwadi ezinhle, imidlalo, noma izinto zokuzilibazisa. U-Irena uyakhumbula: “Okubaluleke nakakhulu kwaba ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yobuKristu.”
Ngokusobala, uJehova akakwamukeli ukuhlukumeza abanye ngamazwi noma ngezenzo. Ngosizo lwakhe, ungazivikela ukuba ungaphathwa kabi.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Nakuba amadoda angaba izisulu zokuhlukunyezwa ngamazwi noma ngokomzimba njengabesifazane, i-U.S. Centers for Disease Control and Prevention iphawula ukuthi “abesifazane balimala kakhulu ngaphezu kwabesilisa.” Yize behlukunyezwa bonke, ukuze sigcine indaba ilula, kulesi sihloko sizokhuluma ngomhlukumezi ongowesilisa.
c Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Isoka Lami Lingiphatha Kabi Kangaka?” kuyi-Phaphama! ka-June 8, 2004.
d I-Phaphama! ka-March 8, 1993, inokwaziswa mayelana nendlela yokuvimbela ukudlwengulwa.
e Ezimweni ezinjengokuzama ukukudlwengula, abazali bakho bangase banqume ukubika lolu daba emaphoyiseni. Lokhu kungavikela amanye amantombazane ukuba angabhekani nalolu sizi lokuhlukunyezwa ngale ndlela.
f Ezimweni lapho umuntu eye wahlukumezeka kakhulu khona, abanye bangase bakhethe ukwelashwa udokotela noma isisebenzi sezempilo yengqondo esichwepheshile.
[Isithombe ekhasini 22]
Ukuphathwa kabi nisathandana cishe kuyoqhubeka nalapho senishadile
[Isithombe ekhasini 23]
Musa ukuphoqwa ukuba uhlanganyele ezenzweni zokubonisana uthando ezingafanele