Intsha Iyabuza . . .
Kungani Isoka Lami Lingiphatha Kabi Kangaka?
“Ngokuvamile [isoka lami] lingithethisela izinto eziwubuwula ngempela. Kodwa akuvumi ngihlukane nalo.”—UKathrin.a
“Ngaphandle ubungeke ubone [nowodwa umyocu], kodwa ngaphakathi nganginjunjuthelwa impela.”—U-Andrea, owashaywa isoka ngempama.
ISIMO esinjengalesi sivamile: Intombi ithandana nensizwa oyibonayo ukuthi iyincwasimende izihambela nje. Kodwa kancane kancane insizwa iqala ukushintsha. Amazwi amnandi othando athathelwa indawo amagama okubhuqa ahlabayo nokugxekwa okujivazayo. Intombi iqale ikudlulise konke ngokuthi ukungakwazi kwensizwa ukukhuluma kodwa empeleni isuke iyidlalisa ngokuyigcona. Nokho, izinto ziyashuba njengoba kuqala uchungechunge lokuhlaselwa ngamazwi, ukuqhuma kwentukuthelo namazwi okuzisola kamuva. Intombi, izizwa ngandlela-thile inecala ngalesi simo, ifela ngaphakathi, ngethemba lokuthi izinto zizoshintsha. Kodwa azishintshi. Manje isoka layo liqala ukuyithethisa nokuyikhakhabisa. Kwesinye salezi zifuthefuthe zolaka, lize ngisho liyichilize kabuhlungu! Inovalo lokuthi ngokulandelayo lizoyibeka isandla.b
Izinsizwa nezintombi ezithandana nabantu abazihlukumezayo ngamazwi noma ngokoqobo zingase zibhekane nethala elingapheli lokugxekwa, inkulumo ehlabayo nokufutheka. Ingabe ubhekene nesimo esinjalo? (Bheka ibhokisi elithi “Ezinye Zezimpawu Eziyisixwayiso.”) Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi ucindezelekile futhi unamahloni kangangokuba awazi ukuthi wenzenjani.
Izimo ezinjengalezi sezande kakhulu kunalokho okucabangayo. Abacwaningi balinganisela ukuthi umuntu oyedwa kwabahlanu useye waphathwa ngobudlova umuntu athandana naye. Uma kuthiwa ukuhlukunyezwa ngamazwi kuboshwa ngabhande linye nobudlova, lesi sibalo siyenyuka sibe abane kwabahlanu. Ngokuphambene nokucabanga kwabaningi, akubona abesifazane kuphela abahlukunyezwayo. Ngokocwaningo lwaseBrithani lobudlova babantu abathandanayo, “cishe bangamaphesenti alinganayo amadoda nabesifazane” ababika ukuthi baye bahlukunyezwa izithandwa zabo.c
Kungani ukuziphatha okunje okungafanele kwenzeka kubantu abathandanayo? Kufanele wenzeni uma uzithola usesimweni esinjalo?
Ukuthola Umbono KaNkulunkulu
Okokuqala kumelwe uqaphele ukuthi lesi simo sibi kanjani emehlweni kaNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi abantu abangaphelele bathambekele ekukhulumeni nasekwenzeni izinto ezibazwisa ubuhlungu abanye. (Jakobe 3:2) Kuyiqiniso nokuthi ngisho nabantu abathandanayo nabathembanayo ngezinye izikhathi kuyokwenzeka bangaboni izinto ngaso linye. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu noBarnaba babengamaKristu avuthiwe. Nokho, ngesinye isikhathi “kwaqhuma intukuthelo enkulu” phakathi kwabo. (IzEnzo 15:39) Ngakho uma kunothile othandana naye, kungenzeka ngezinye izikhathi kube khona ukungezwani.
Ngaphezu kwalokho, akunangqondo ukulindela ukuthi isoka lakho alisoze likhulume izwi eligxekayo. Kakade, nicabangela umshado. Ngakho uma kukhona okuliphazamisayo emikhutsheni yakho, ngeke yini kube uthando ukuba likhulume nawe ngako? Kuyavunywa ukuthi ukugxekwa akumnandi. (Hebheru 12:11) Kodwa uma kushukunyiswa futhi kunikezwa ngothando, akuyona inkulumo eyinhlamba.—IzAga 27:6.
Kodwa-ke, kungenye into ukuthetha, ukushaya ngempama, isibhakela noma ukusebenzisa inhlamba. IBhayibheli lilahla “ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo.” (Kolose 3:8) UJehova uyathukuthela lapho umuntu esebenzisa “amandla” ukuze athobise, asabise noma acindezele abanye. (UmShumayeli 4:1; 8:9) Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu liyala amadoda ukuba “athande omkawo njengemizimba yawo siqu . . . , ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa.” (Efesu 5:28, 29) Indoda ethuka noma ephatha kabi owesifazane ethandana naye izibonakalisa ingakufanelekele ukuba umngane womshado. Ngesikhathi esifanayo, izibizela ulaka lukaJehova uNkulunkulu ngokwakhe!
Akulona Icala Lakho!
Ngaphezu kwalokho, abahlukumezi bavame ukusola izisulu zabo. Ngakho, mhlawumbe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi nguwe onecala ngale ntukuthelo engaka yesoka lakho. Kodwa kungenzeka ukuthi intukuthelo yalo ayihlangene nawe. Ngokuvamile amadoda ahlukumeza abesifazane akhulele emikhayeni lapho ubudlova nenkulumo yokubukela phansi kuxhaphake khona.d Kwamanye amazwe amadoda abuswa isiko lendawo elivumela amadoda ukuba akhonye. Ontanga nabo bangayicindezela insizwa ukuba ibe umakhonya. Intula ukuzethemba, ingase izizwe isongelwa cishe yiyo yonke into oyishoyo noma oyenzayo.
Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, awunacala ngokuqhuma ngentukuthelo komunye umuntu. Inkulumo eyinhlamba nobudlova akukaze kuthethelelwe.
Ukushintsha Indlela Yakho Yokucabanga
Ngisho noma ungenacala, indlela ozibheka ngayo izinto kungenzeka idinga ukulungiswa. Kanjani? Uma intombazane ikhulele ekhaya elinobudlova nenkulumo eyinhlamba, ukuphathwa kabi kungase kube into eyamukelekayo. Kunokuba kuyinenge ukuziphatha okunjalo okungekhona okobuKristu, ingase ikubekezelele—mhlawumbe ize ngisho ikuthole kuyikhanga. Empeleni, abanye abantu abahlukunyezwayo bayavuma ukuthi amadoda alunge kakhulu abenzela isithukuthezi. Amanye amantombazane anenkinga yokuzikhohlisa ngokuthi angalishintsha isoka.
Uma okunye kwalokhu kunjalo kuwe, kudingeka ‘uguqulwe ngokushintsha ingqondo yakho’ kule ndaba. (Roma 12:2) Ngokuthandaza, ukutadisha nangokuzindla uzokwazi ukuba nombono kaJehova ngokuhlukumeza abanye bese nawe ukucasukela. Kudingeka uqonde ukuthi akufanele uphathwe kabi. Ukuhlakulela isizotha—ukwazi imingcele yakho—kungakusiza ukuba uqaphele ukuthi awunalo ikhono lokushintsha isoka lakho elithukuthelayo. Kungumthwalo walo ukushintsha!—Galathiya 6:5.
Kwezinye izimo amantombazane abekezelela ukuphathwa kabi ngoba ezinyeza. UKathrin, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Angiboni ukuthi ngingaphila kanjani ngaphandle kwakhe, futhi angiboni ukuthi ngisazomthola ongcono kunaye.” Intombazane okuthiwa uHelga yasho okufanayo ngesoka layo: “Ngiyamyeka angishaye ngoba kungcono lokho kunokuba anganginaki.”
Ingabe imibono enje izwakala iyisisekelo esihle sobuhlobo obuhle? Ungamthanda yini ngempela omunye umuntu uma kwawena ungakwazi ukuzithanda? (Mathewu 19:19) Sebenzela ukuba nomuzwa wokuzihlonipha okahle.e Ukubekezelela ukuphathwa kabi ngeke kukusize ukuba wenze kanjalo. Njengoba intombazane okuthiwa u-Irena yazi ngokuhlangenwe nakho kwayo, ukubekezelela ukuhlukunyezwa “kungakuphuca konke ukuzihlonipha.”
Ukubhekana Namaqiniso
Kungase kube nzima ngabanye ukuvuma ukuthi basebuhlotsheni obungajabulisi—ikakhulukazi uma sekunemizwelo ejulile yothando. Kodwa musa ukushalazela amaqiniso. Isaga seBhayibheli sithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Owesifazane osemusha okuthiwa uHanna uyakhumbula: “Lapho uqala ukuthandana nale nsizwa, ufana ncamashi nempumputhe, ubona ubuhle bodwa kuyo.” Nokho, uma uphathwa kabi, kubalulekile ukuba uyibhekisise ukuthi injani ngempela. Futhi uma isoka lakho likwenza uzizwe usongelwa noma uyinto engelutho, kukhona okushaya amanzi. Ungazami ukuthulisa imizwa yakho, ulithethelele noma uzisole wena. Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi uma kunganqandwa, ukuphathwa kabi ngokuvamile kuyakhula. Inhlalakahle yakho ingaba sengozini enkulu!
Nokho-ke, kungaba kuhle ukuba ungathandani nomuntu ontula ukuzithiba. (IzAga 22:24) Ngakho uma othile ongamazi kahle ekuqomisa, kungaba umqondo omuhle ukuba wazi okuthile ngaye. Kungani ungasikiseli ukuba niqale ngokujwayelana niphakathi kwabanye abantu? Lokhu kungakunikeza ithuba lokuba umazi ngaphandle kokuba usheshe ukuhileleka kwezothando. Buza imibuzo enengqondo, njengokuthi: Bangobani abangane bakhe? Hlobo luni lomculo, amabhayisikobho, imidlalo ye-computer, noma eminye imidlalo ayithandayo? Ingabe ingxoxo yakhe ibonisa ukuthi unesithakazelo ezintweni ezingokomoya? Xoxa nabantu abamaziyo, njengabadala bebandla akulo. Bazokutshela uma ‘ekhulunyelwa kahle’ abanye ngoba evuthiwe futhi eziphatha ngokwesaba uNkulunkulu.—IzEnzo 16:2.
Kodwa ungenzenjani uma kuwukuthi kakade usuthandana nomuntu okuhlukumezayo? Isihloko sikamagazini olandelayo sizowuphendula lo mbuzo.
Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibheli samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Lesi sihloko sikhuluma nezisulu zokuhlukunyezwa ngamazwi noma ngokoqobo. Iseluleko esingasiza abahlukumezi sanikezwa esihlokweni esithi “Ukuyeka Amazwi Alimazayo Usebenzise Amazwi Aphilisayo” nesithi “Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?” kumagazini wethu ka-October 22, 1996, noka-March 22, 1997.
c Nokho, ukwenza izinto zibe lula, sizobhekisela kwabahlukunyezwayo njengabesifazane. Izimiso ezinikezwe lapha zisebenza kokubili emadodeni nakwabesifazane.
d Bheka isihloko esithi “Ukwembula Izimbangela Zenkulumo Echaphayo,” kumagazini wethu ka-October 22, 1996.
e Bheka isahluko 12 encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 32]
Ezinye Zezimpawu Eziyisixwayiso
◼ Uvame ukukhuluma amazwi ajivazayo ngawe, umkhaya wakini, noma abangane bakho, ninodwa noma niphakathi kwabanye
◼ Ngokuvamile akazinaki izifiso noma imizwa yakho
◼ Uzama ukulawula cishe zonke izici zokuphila kwakho, njalo efuna ukwazi ukuthi ukuphi futhi ekwenzela izinqumo
◼ Uyakuthethisa ememeza, akuchilize noma akusunduze noma akusongele
◼ Uzama ukukuyengela ezenzweni zokubonisana uthando ezingafanele
◼ Akusekho lutho ongalwenza ungacabangi ukuthi mhlawumbe luzomcasula ngandlela-thile
[Isithombe ekhasini 31]
Ukugxekwa njalo noma ukuthukwa kungaba uphawu lobuhlobo obungebuhle