Ukuphela Kobandlululo
SINGAKUBONA yini ukuthambekela kobandlululo kithi? Ngokwesibonelo, ingabe sahlulela ubuntu bomuntu ngokwebala lakhe, ubuzwe bakhe, noma uhlanga—ngisho noma singamazi lowo muntu? Noma ingabe singamazisa umuntu ngamunye ngenxa yezimfanelo zakhe eziyingqayizivele?
Osukwini lukaJesu abantu ababehlala eJudiya naseGalile ngokuvamile ‘babengadlelani namaSamariya.’ (Johane 4:9) Inkulumo elotshwe kuyi-Talmud ngokungangabazeki iveza indlela amaJuda amaningi ayezizwa ngayo: “Kwangathi ngingeze ngambona umSamariya.”
Ngisho nabaphostoli bakaJesu kungenzeka babenobandlululo oluthile ngamaSamariya. Ngesinye isikhathi abazange bamukelwe kahle emzaneni othile wamaSamariya. UJakobe noJohane babuza ukuthi kwakufanele yini babize umlilo ukuba wehlele kulaba bantu abangasabeli. Ukubakhuza kukaJesu kwababonisa ukuthi isimo sabo sengqondo sasingafanele.—Luka 9:52-56.
Kamuva, uJesu walandisa umfanekiso wendoda eyayihlaselwe abaphangi lapho isendleleni esuka eJerusalema eya eJeriko. AmaJuda amabili angamalungu enkolo adlula lapho awathandanga ukuyisiza le ndoda. Nokho, umSamariya othile wama futhi wabopha amanxeba ale ndoda. Wabe esehlela ukuba le ndoda inakekelwe ukuze ilulame emanxebeni ayo. Lowo mSamariya wazibonakalisa engumakhelwane wangempela. (Luka 10:29-37) Umfanekiso kaJesu kungenzeka wasiza izilaleli zakhe zaqaphela ukuthi ubandlululo lwazo lwaluzivale amehlo zangazibona izimfanelo ezinhle kwabanye. Eminyakeni embalwa kamuva, uJohane wabuyela eSamariya futhi washumayela emizaneni eminingi yakhona—mhlawumbe nasemzaneni ngaphambili ayefuna ukuba ubhujiswe.—IzEnzo 8:14-17, 25.
Umphostoli uPetru naye kwadingeka ukuba enze ngokungakhethi lapho ingelosi imqondisa ukuba ayokhuluma ngoJesu kuKorneliyu, induna yekhulu yaseRoma. UPetru wayengakujwayele ukusebenzelana nabangewona amaJuda, futhi amaJuda amaningi ayengawathandi amasosha amaRoma. (IzEnzo 10:28) Kodwa lapho uPetru eqaphela isiqondiso sikaNkulunkulu kulolu daba, wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Amandla Okulwa Nobandlululo
Ubandlululo lungqubuzana nesimiso esibalulekile esafundiswa nguJesu: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Ubani ofuna ukuzondwa ngenxa nje yendawo azalelwa kuyo, ibala lakhe noma isizinda sakhe? Ubandlululo lubuye luphule izindinganiso zikaNkulunkulu zokungakhethi. IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova “ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Ngakho-ke, bonke abantu bayazalana.
Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wahlulela umuntu ngamunye eyedwa. Akamlahli umuntu ngenxa yalokho okwenziwa abazali bakhe noma okhokho bakhe. (Hezekeli 18:20; Roma 2:6) Ngisho nokucindezelwa esinye isizwe akusona isizathu esizwakalayo sokuzonda abantu baleso sizwe, okungenzeka abanacala nhlobo ngaleso senzo sokungabi nabulungisa. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba ‘bathande izitha zabo futhi bathandazele labo ababashushisayo.’—Mathewu 5:44, 45.
Ngenxa yezimfundiso ezinjalo, amaKristu ekhulu lokuqala asizwa ukuba anqobe ubandlululo ayenalo futhi abe ubuzalwane obuhlukile bomhlaba wonke. Ayebizana ngabazalwane nodade futhi ayezibheka kanjalo, yize ayevela emasikweni ahlukahlukene kakhulu. (Kolose 3:9-11; Jakobe 2:5; 4:11) Izimiso ezaletha lolu shintsho zingaba nenzuzo efanayo nanamuhla.
Ukulwa Nobandlululo Namuhla
Cishe sonke sinemibono ethile engenasisekelo, kodwa le mibono akufanele izale ubandlululo. “Ukwahlulela ungenalwazi kuba ubandlululo kuphela uma kungenakuguqulwa yize umuntu esethola ulwazi olusha,” kusho incwadi ethi The Nature of Prejudice. Ngokuvamile, ubandlululo lunganqotshwa uma abantu beqala ukwazana. Nokho, incwadi efanayo ithi “ubudlelwane obuholela abantu ekwenzeni izinto ndawonye kuphela obungase bushintshe izimo zengqondo.”
UJohn, ongum-Ibo waseNigeria, walunqoba kanjalo ubandlululo ayenalo ngamaHausa. Uthi: “Eyunivesithi, ngahlangana nabafundi abangamaHausa ababa abangane bami, futhi ngathola ukuthi banezimiso ezinhle. Ngasebenza nomfundi othile ongumHausa esabelweni esithile, futhi sasizwana kakhulu; kanti umngane wami wangaphambili, owayengum-Ibo, yena wayengawenzi umsebenzi wakhe.”
Ithuluzi Lokulwa Nobandlululo
Ngokombiko i-UNESCO Against Racism, “imfundo ingaba yithuluzi eliyigugu lokulwa nezinhlobo ezintsha zobandlululo lobuhlanga, ukucwasa nokukhipha inyumbazane.” OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi imfundo yeBhayibheli iwusizo olungcono kakhulu kule ndaba. (Isaya 48:17, 18) Lapho abantu besebenzisa izimfundiso zalo, ukudlinzekela kuthathelwa indawo yinhlonipho, futhi uthando luqede inzondo.
OFakazi BakaJehova baye bathola ukuthi iBhayibheli liyabasiza ukuba banqobe ubandlululo abanalo. Yebo, iBhayibheli libanika isisusa nethuba lokuhlanganyela emisebenzini nabantu bamasiko nezinhlanga ezihlukahlukene. UChristina, ocashunwe esihlokweni sokuqala salolu chungechunge, ungomunye woFakazi BakaJehova. Uthi: “Imihlangano yethu eHholo LoMbuso yakha ukuzethemba kwami. Ngizizwa ngilondekile uma ngilapho ngoba anginawo umuzwa wokuthi ukhona ongibandlululayo.”
UJasmin, naye onguFakazi, ukhumbula ukuthi waqala ukubhekana nobandlululo lobuhlanga eneminyaka engu-9 ubudala. Uthi: “ULwesine usuku lwesonto okulula kakhulu ukuba ngibhekane nalo ngoba kusihlwa ngiya eHholo LoMbuso. Abantu balapho bangibonisa uthando. Bangenza ngizizwe ngikhethekile, hhayi ngenyanywa.”
Imisebenzi yokuzithandela exhaswa oFakazi BakaJehova nayo ihlanganisa abantu bezizinda ezihlukene. USimon wazalelwa eBrithani, nakuba umkhaya wakubo udabuka eCaribbean. Uye wabandlululwa kakhulu lapho esebenza njengomeselane ezinkampanini zezwe zokwakha. Kodwa lokhu akuzange kwenzeke phakathi neminyaka ayekhonza emikhankasweni yokuzithandela nabafowabo okholweni. “Ngiye ngasebenza nabanye oFakazi basemazweni amaningi ahlukahlukene,” kulandisa uSimon, “kodwa siye safunda ukusebenzelana ngokuthula. Abanye babangane bami abakhulu bavela kwamanye amazwe nezizinda.”
Kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova abaphelele. Ngakho-ke, kudingeka balwe nokuthambekela kobandlululo. Kodwa ukwazi ukuthi uNkulunkulu akakhethi kubanika isisusa esinamandla sokwenza kanjalo.—Efesu 5:1, 2.
Kunemivuzo eminingi yokulwa nobandlululo. Njengoba sihlangana nabantu bezinye izizinda, ukuphila kwethu kuyacetshiswa. Ngaphezu kwalokho, ngoMbuso wakhe, maduzane uNkulunkulu uzokwakha umphakathi wesintu okuyohlala kuwo ukulunga. (2 Petru 3:13) Ngaleso sikhathi ubandlululo luyonqotshwa phakade.
[Ibhokisi ekhasini 11]
Ingabe Nginobandlululo?
Zibuze imibuzo elandelayo ukuze uhlaziye ukuthi awunalo yini ubandlululo ungahlosile:
1. Ingabe ngiphetha ngokuthi abantu bohlanga oluthile, indawo, noma isizwe banezimfanelo ezingathandeki, njengobuwula, ukuvilapha, noma ukuncishana? (Amahlaya amaningi abhebhezela lolu hlobo lobandlululo.)
2. Ingabe ngivame ukusola abafuduki noma abantu bolunye uhlanga ngezinkinga zami zezomnotho noma zezenhlalo?
3. Ingabe ngiye ngavumela ubutha obudlule phakathi kwendawo yakithi nesinye isizwe bangenza ngabazonda abantu baleso sizwe?
4. Ingabe ngiyakwazi ukubheka umuntu ngamunye engihlangana naye njengomuntu ohlukile—kungakhathaliseki ibala lakhe, isiko, noma uhlanga?
5. Ingabe ngiyawajabulela amathuba okwazi abantu besizinda esihlukile kwesami? Ingabe ngiyawenza umzamo wokubazi?
[Isithombe ekhasini 8]
Emfanekisweni wakhe womSamariya olungileyo, uJesu wasifundisa indlela yokunqoba ubandlululo
[Isithombe ekhasini 8]
Emzini kaKorneliyu, uPetru wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi”
[Isithombe ekhasini 9]
Imfundiso yeBhayibheli ihlanganisa abantu bezizinda ezihlukene
[Isithombe ekhasini 9]
OFakazi BakaJehova bayakusebenzisa abakufundile
[Isithombe ekhasini 10]
UChristina—“Imihlangano yaseHholo LoMbuso yakha ukuzethemba kwami”
[Isithombe ekhasini 10]
UJasmin—“Abantu bangibonisa uthando. Bangenza ngizizwe ngikhe-thekile, hhayi ngenyanywa”
[Izithombe ekhasini 10]
USimon, isisebenzi sokwakha sokuzithandela—“Siye safunda ukusebenzelana ngokuthula”