Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 3 k. 3
  • Ubandlululo​—⁠Ingabe Unalo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubandlululo​—⁠Ingabe Unalo?
  • IPhaphama!—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Umsuka Wobandlululo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 3 k. 3
Amadoda amabili azohlangana. Enye indoda icabanga ukuthi isithunzi senye sikhulu futhi siyethusa.

Ubandlululo​—⁠Ingabe Unalo?

Ubandlululo lufana negciwane. Luyabalimaza labo abanalo, futhi abantu bangase bangaboni ukuthi banalo.

Abantu bangase bangagcini nje kuphela ngokubandlulula abantu bakwelinye izwe, uhlanga, isizwe noma ulimi kodwa bangase babandlulule nabantu benkolo ehlukile, ubulili obuhlukile, noma isigaba sokuphila esihlukile. Abanye bababukela phansi abanye abantu ngenxa yeminyaka yabo, imfundo, ukukhubazeka noma indlela ababukeka ngayo. Noma kunjalo, bazibona bengenalo ubandlululo.

Kungenzeka yini nawe ukuthi unalo ubandlululo? Abaningi bethu bayakwazi ukubona umuntu onobandlululo. Kodwa kungase kube nzima ukubona uma kuyithi esinalo. Iqiniso liwukuthi sonke sinalo ubandlululo ngezinga elithile. Uprofesa wezenhlalo uDavid Williams uthi lapho abantu benombono ongemuhle ngeqembu elithile, bese behlangana nomuntu walelo qembu, “bamphatha ngendlela ehlukile bengaboni nokubona ukuthi bamphathe ngaleyo ndlela.”

Ngokwesibonelo, ezweni eliseBalkan lapho kuhlala khona uJovica, kunohlanga olunabantu abambalwa olungathandwa. Uthi: “Ngangicabanga ukuthi akekho umuntu olungile walolo hlanga. Kodwa ngangingaboni ukuthi nginobandlululo. Ngangizitshela ukuthi vele ‘lokhu kuyiqiniso.’”

Ohulumeni abaningi babeka imithetho elwa nobandlululo nezinye izindlela zokucwasa. Noma kunjalo, ubandlululo lulokhu lukhona. Kungani? Kungenxa yokuthi leyo mithetho ilawula izenzo zomuntu kuphela. Ngeke ikwazi ukulawula imicabango nemizwa yakhe. Kanti ubandlululo luqala engqondweni nasenhliziyweni yomuntu. Uma kunjalo, ingabe imizamo yokulwa nobandlululo ayisoze yaphumelela? Likhona yini ikhambi lobandlululo?

Izihloko ezilandelayo zizoxoxa ngezinto ezinhlanu ezisize abantu abaningi balwa nobandlululo ezingqondweni nasezinhliziyweni zabo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela