Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 6/1 kk. 3-4
  • Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INKINGA EKUMUNTU NGAPHAKATHI
  • Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ubandlululo​—⁠Ingabe Unalo?
    IPhaphama!—2020
  • Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuphela Kobandlululo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 6/1 kk. 3-4

ISIHLOKO ESIYINHLOKO: UMHLABA ONGENALO UBANDLULULO—NINI?

Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke

UJONATHAN, waseKorea kodwa owazalelwa eMelika, wayebandlululwa lapho esemncane. Njengoba ekhula, wafuna indawo lapho abantu babengeke bafinyelele iziphetho ngaye ngenxa yokubukeka kwakhe noma ubuzwe bakhe. Waba udokotela edolobheni elisenyakatho ye-Alaska, e-U.S.A., lapho abantu abaningi ayebelapha babebukeka njengaye. Wayenethemba lokuthi mhlawumbe ngokuba lapho, e-Arctic Circle, ulubalekele ubandlululo.

Noma yiliphi ithemba ayenalo laphela nyá lapho elapha owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala. Njengoba lona wesifazane ephaphama, wabuka uJonathan wabe esemchapha ngenhlamba, eveza inzondo anayo ngabantu baseKorea. Leso senzakalo saba buhlungu kuJonathan, sambonisa ukuthi yonke imizamo yakhe yokuthuthela kule ndawo enabantu ababukeka njengaye ayimenzanga wakwazi ukubalekela ubandlululo.

Okwenzeka kuJonathan kuqokomisa iqiniso lokuphila elibuhlungu. Ubandlululo lugcwele umhlaba wonke. Kubonakala sengathi nomaphi lapho kukhona khona abantu, kukhona nobandlululo.

Nokho, naphezu kokwanda kobandlululo, iningi labantu liyashesha ukulugxeka. Lokhu kuyindida ngempela. Kungenzeka kanjani ukuba into ezondwa kangaka yande kangaka? Kuyaphawuleka ukuthi abaningi abalugxekayo ubandlululo bayahluleka ukulubona kubo ngokwabo. Unjalo yini nawe? Ungawuphendula kanjani lo mbuzo?

LUYINI UBANDLULULO?

Abacwaningi bakuthola kunzima ukuchaza ubandlululo. Abanye bathi ubandlululo “luyisimo sengqondo noma umuzwa omubi ngomunye umuntu ngenxa nje yokuthi uyilungu leqembu elithile.” Abanye bathi lesi simo sengqondo sisekelwe “ekungabini nolwazi olwanele,” okuholela “ekufinyeleleni iziphetho ngabantu beqembu elithile.” Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, umuntu angabandlululwa ngenxa yohlanga, ubungako bomzimba, ubulili, ulimi, inkolo, nanoma yini abantu abayibona ihlukile.

INKINGA EKUMUNTU NGAPHAKATHI

Kungakhathaliseki ukuthi siyaqaphela noma cha, kunzima ukubona ukuthi sinalo yini ubandlululo ezinhliziyweni zethu. IBhayibheli lichaza isizathu salokhu lapho lithi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye.” (Jeremiya 17:9) Ngakho, singase sizikhohlise sicabange ukuthi asikho isizwe esinenkinga naso. Noma singase sizithethelele ngokuthi sinesizathu esizwakalayo sokungazithandi izinhlanga ezithile.

Ubungazizwa kanjani uma uzithola ubhekene nalesi simo?

Ukuze uzibone ukuthi unayo yini inkinga yobandlululo, cabanga ngalesi simo: Ake sithi uhamba wedwa emgwaqweni ebusuku. Uzophambana nezinsizwa ezimbili ongakaze uzibone. Zibukeka ziyizidlakela futhi enye ibonakala iphethe okuthile esandleni.

Ingabe uphetha ngokuthi lezi zinsizwa ziyingozi kuwe? Yiqiniso, okwenzeka esikhathini esidlule kungase kukwenze ungazethembi lezi zinsizwa, kodwa ingabe lokho kukwenza kufaneleke ukuba uphethe ngokuthi lezo zinsizwa ziyingozi kuwe? Nanku omunye umbuzo ongakusiza uzihlolisise, ucabanga ukuthi lezi zinsizwa ezaluphi uhlanga? Impendulo yakho ingase yembule indlela ozizwa ngayo ngempela. Ingase ibonise ukuthi ngokwezinga elithile unalo ubandlululo.

Uma sibhekana namaqiniso, kumelwe sivume ukuthi ekujuleni kwezinhliziyo sonke sinalo ubandlululo ngamazinga ahlukahlukene. Ngisho neBhayibheli liyavuma ukuthi kunohlobo oluvamile lobandlululo lapho lithi: “Abantu bahlulela abanye ngokubukeka kwabo.” (1 Samuweli 16:7, Contemporary English Version) Njengoba sonke sinale nkinga—evame ukuba nemiphumela elimazayo—ingabe likhona ithemba lokuthi siyoke silunqobe noma silususe ubandlululo ekuphileni kwethu? Ingabe siyoba khona isikhathi lapho umhlaba wonke uyobe ungasenalo ubandlululo?

UBANDLULULO LUGCWELE UMHLABA WONKE

ECanada: “Nakuba [leli zwe] lamukela izinhlanga ezihlukahlukene futhi linemithetho eminingi evikela amalungelo ezinhlanga ezihlukahlukene, ukucwasa ngokohlanga kuye kwaqhubeka kuyinselele enkulu emalungelweni abantu.”—Umbiko ka-2012 ngeCanada, we-Amnesty International.

EYurophu: “Abantu baseYurophu abangamaphesenti [angu-48] bakholelwa ukuthi kuncane kakhulu okwenziwayo ukuze kulwiwe nobandlululo ezweni labo.”—Umbiko WaseYurophu Ka-2011, We-Intolerance, Prejudice and Discrimination.

E-Afrika: “Ubudlova nokubandlululwa kwabesifazane kusalokhu kuyinkinga emazweni amaningi.”—Umbiko Ka-2012 We-Amnesty International.

ENepal: “Abantu ababizwa ngokuthi ama-Dalit (“abahluphekayo”) bavame ukubandlululwa, ikakhulu kwezomnotho, kwezenhlalo nakwezamasiko.”—Umbiko Ka-2012 We-Human Rights Watch World.

EMpumalanga Yurophu: “Ukubandlululwa kweRoma ezwekazini layo iYurophu nokubekwa kwayo amacala engawazi emazweni aphesheya, kuyinkiyankiya yenkinga okungekho sombusazwe ozimisele ukuyixazulula.”—I-Economist, ka-September 4, 2010.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela