Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 9/8 k. 12-k. 13 isig. 4
  • Intsha Elumelelayo Ukholo Lwayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intsha Elumelelayo Ukholo Lwayo
  • I-Phaphama!—2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingane Zesikole Ziyatuswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Kungani Ngihluleka Ukufunda?
    I-Phaphama!—1996
  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Insimu Ekhethekile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 9/8 k. 12-k. 13 isig. 4

Intsha Elumelelayo Ukholo Lwayo

PHAKATHI koFakazi BakaJehova kunentsha eningi. Ithanda uNkulunkulu futhi ilwela ukuphila ngezindinganiso zakhe ezise-Bhayibhelini. Le ntsha iyaziqhenya ngokholo lwayo, futhi ikhuluma ngalo ngokukhululekile nabanye esikoleni. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

◼ Lapho efunda ibanga lesine, uHolly nezingane afunda nazo banikezwa umsebenzi wokubhala indaba ngombuzo othi “Ubungayixazulula kanjani inkinga yobuphekula ngaphandle kokusebenzisa ubudlova?” UHolly wabamba leli thuba lokuba abhale ngethemba elisekelwe eBhayibhelini ayenalo ngekusasa. Wachaza ukuthi kuwo wonke umlando ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Wabe esebonisa okuwukuphela kwethemba langempela lesintu—uMbuso kaNkulunkulu. Wabhala: “Njengoba uJesu eyiNkosi emisiwe yalowo Mbuso, zonke izinkinga kuhlanganise nobuphekula ziyoqedwa.” UHolly wachaza kabanzi ngendlela uJesu ayofeza ngayo lokho okungekho mbusi ongumuntu ongakufeza. Wabhala: “Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi wayeyoba umbusi onjani. Wayenothando, futhi ebakhathalela abantu. Wabonisa amandla ayenawo ngokwelapha izifo nangokuvusa abafileyo. Awukho uhulumeni womuntu okwazi ukubuyisela abantu abafile ekuphileni. Kodwa uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza.” UHolly waphetha indaba yakhe ngala mazwi, “Ikhambi likuNkulunkulu, hhayi abantu.”

Uthisha wabhala lokhu ngezansi kwendaba yakhe: “Wewu! Ubhale indaba eshukumisayo, Holly. Futhi icatshangelwe kahle.” Uthisha wahlatshwa umxhwele nayizikhombo ezingokomBhalo uHolly azisebenza. Lokhu kwanika uHolly ithuba lokuxoxa nothisha ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, isimiso samasonto onke sokuthuthukisa ukukhuluma nokufundisa esiqhutshwa oFakazi BakaJehova. Uthisha wakujabulela ukuthola ikhophi yencwadi esetshenziswa eSikoleni Senkonzo.

◼ UJessica naye uye wakwazi ukukhuluma ngokholo lwakhe lapho ebhala izindaba zasesikoleni. “Ngikwazile ukubhala izindaba ezintathu eziphathelene nezinkolelo zami,” esho. “Enye yazo yayiphathelene noFakazi BakaJehova namalungelo angokwenkolo. Uthisha wayichoma emtatsheni ukuze abathanda ukuyifunda bakwazi ukwenze njalo. Muva nje ngibhale indaba ngobhapathizo lwami nokuthi lolo suku lwalubaluleke kangakanani kimi. Abafundi bayaye bajikelezise izindaba zabo ezingakaphothulwa komunye nomunye, ngakho labo engifunda nabo bathola ithuba lokuyifunda indaba yami. Enye intombazane yathi: ‘Yinhle kakhulu. Kuyasiza ukwazi ngemisebenzi ehambisana nokuba omunye woFakazi BakaJehova. Ngiyakuhalalisela nangobhapathizo lwakho!’ Nenye intombazane yathi: ‘Indaba yakho iyamangalisa ngempela! Ngiyajabula ukubona ukholo lwakho luqine kangaka! Omunye umfana wabeka ngamafuphi: ‘Unekhanda elihluzekile. Halala.’”

◼ Lapho uMelissa eneminyaka engu-11 ubudala, waba nethuba eliyingqayizivele lokukhuluma ngokholo lwakhe. “Umhlengikazi wesikole sethu weza ekilasini lethu lesayensi ezokhuluma nathi ngesimiso somzimba sokuzivikela. Kwabe sekuvela udaba lokumpontshelwa igazi. Ngemva kwaleli kilasi ngatshela uthisha wami wesayensi ngenye yama-video ethu akhuluma ngegazi. Ngeza nayo esikoleni ngakusasa, futhi uthisha wayithatha waya nayo ekhaya wafike wayibukela nomkhaya wakhe. Ngosuku olulandelayo weza nale video esikoleni wayibonisa emakilasini amabili, kuhlanganise nelethu. Wabe esephawula izinto ezinhle ngoFakazi BakaJehova, etshela ikilasi ukuthi ukube kwakungengenxa yethu, ngabe ezinye izindlela zokwelapha ngaphandle kwegazi azikatholakali namanje. Lapho engibuyisela le video, wabuza, ‘Ngingayithola kanjani enye ukuze igcinwe emtatsheni wesikole?’ Ngamtholela yona. Wayijabulela kakhulu, nami ngajabula!”

UHolly, uJessica, noMelissa baphakathi kwentsha eningi engoFakazi BakaJehova elandela iseluleko seBhayibheli sokukhumbula uMdali wayo. (UmShumayeli 12:1) Ingabe nawe wenza kanjalo? Uma kunjalo, ungaqiniseka ukuthi wenza inhliziyo kaJehova ijabule.—IzAga 27:11; Hebheru 6:10.

Lapho nina basha nikhuluma ngokholo lwenu nenifunda nabo nawothisha, kunikeza ubufakazi obunamandla ngoJehova uNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Kuyaluqinisa nokholo lwenu, futhi kwakha kini ukuziqhenya okufanele ngokuthi ninelungelo lokuba phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu. (Jeremiya 9:24) Ukufakaza esikoleni kusebenza nanjengesivikelo. UJessica ukuchaza kanje: “Enye yezinzuzo zokukhuluma ngezinkolelo zami iwukuthi abafundi abazami ukungicindezela ukuba ngenze izinto ezingavumelani nalokho iBhayibheli elikushoyo.”

[Izithombe ekhasini 12]

UHolly

[Izithombe ekhasini 12, 13]

UJessica

[Izithombe ekhasini 13]

UMelissa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela