Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g04 11/8 k. 28-k. 30 isig. 4
  • Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?
  • I-Phaphama!—2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khalipha
  • Isithombe Osinikezayo
  • Uma Ingavumi
  • Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Angimthandi?
    I-Phaphama!—2001
  • Kuthiwani Uma Ethi Cha?
    I-Phaphama!—2005
  • Kufanele Ngiyiphathe Kanjani Intombazane Ebonisa Ukuthi Iyangithanda?
    I-Phaphama!—2005
  • Kuthiwani Uma Yena Engangithandi?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2004
g04 11/8 k. 28-k. 30 isig. 4

Intsha Iyabuza . . .

Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?

“Ngingathanda ukuthola impendulo yalo mbuzo, Ubani okufanele atshele omunye ukuthi uyamthanda—insizwa noma intombi?”—ULaura.a

KUNOMUNTU osanda kumazi noma okungenzeka ukuthi usunesikhashana umazi—futhi ungathanda ukuba angagcini nje ngokuba umngane. Uyaqiniseka ukuthi naye uzizwa ngendlela efanayo ukuthi nje uyesaba noma unamahloni okuhlongoza lolu daba. Ngakho uyazibuza ukuthi kungebe yini umqondo omuhle ukuba kube nguwe oqalayo.b

Singakayi kude, ake siqale ngokucabangela imizwa yabantu ohlala nabo—abakini nomphakathi. Ngokwesibonelo, ingabe ngokwesiko lendawo kuwumsebenzi wabazali ukukutholela umngane womshado?c Kuyavunywa ukuthi ungase ube nomuzwa wokuthi ezothando nomshado ziyizindaba zomuntu siqu. Noma kunjalo, amaKristu azama ukugwema ukucasula abanye ngokungenasidingo. Afuna nokucabangela imizwa yamalungu omkhaya nabathandekayo.

Nokho, emazweni amaningi namuhla, kuvamile ukuba imibhangqwana izihlanganele ngokwayo iqomisane ngaphambi kokunquma ukuthi ishade yini. Kungaba okungalungile yini ngentombi ukuthatha isinyathelo kuqala sokuzibika ensizweni? Nalapha futhi, kufanele kucatshangelwe imizwa yomkhaya neyomphakathi. Ingabe leso senzo siyobashaqisa noma sibacasule abaningi?

IBhayibheli liyicacisa kanjani ngokwengeziwe indaba yokuthi kungafaneleka yini ukuba owesifazane athathe isinyathelo kuqala? Ezikhathini zeBhayibheli owesifazane owesaba uNkulunkulu okuthiwa uRuthe waya kumlisa okuthiwa uBhowazi wayokhuluma naye ngomshado. UJehova uNkulunkulu wayibusisa imizamo yakhe! (Ruthe 3:1-13) Yebo, uRuthe wayengeyona ingane; wayengumfelokazi, ngokusobala wayesemdala ngokwanele ukuba ashade. Futhi wayengadlali ngoBhowazi. Esikhundleni salokho, walandela ngokucophelela imithetho kaNkulunkulu ngomshado.—Duteronomi 25:5-10.

Mhlawumbe usumdala ngokwanele ukuba ucabangele umshado, futhi kunensizwa onesithakazelo kuyo. Noma kunjalo, ukuveza imizwa yakho kumuntu ongase angazizwa ngendlela efanayo kuyinto ebucayi, eyingozi. Kufana nokuthatha inhliziyo yakho uyibeke ezandleni zomunye umuntu. Ingabe uzoyiphatha ngesisa noma uzoyiyeka iphahlazeke phansi? Indlela engcono yokugwema amahloni noma ukulimala ngokomzwelo iwukulandela izimiso zeBhayibheli.

Khalipha

Kulula ukuzithola usubanjwe ngqi amaphupho othando. Ungaze uzakhele namaphupho osuku lomshado ngisho nangemva kwalo. Nokho, yize amaphupho anje emnandi, kodwa amane nje awutalagu. Angase avuse inkanuko enamandla ongenandlela yokuyanelisa. Njengoba iBhayibheli lisho, “ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” (IzAga 13:12) Ukwakha amaphupho kungaphuphuthekisa nesinqumo sakho. Nokho, izAga 14:15 zithi: “Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Ukukhalipha kusho ukusebenzisa umqondo ohluzekile nokwahlulela okunengqondo. Ungakhalipha kanjani kwezothando?

Okokuqala, zama ‘ukwenza ngolwazi.’ (IzAga 13:16) Njengoba intombazane ethile ikubeka, “awukwazi ngempela ukuthanda umuntu ngaphambi kokuba umazi kahle.” Ngaphambi kokuba uvumele inhliziyo yakho ithande umuntu othile, qaphelisisa ukuthi wenzani nokuthi ukhuluma kanjani. Phawula indlela aphatha ngayo abantu. Insizwa ethile isikisela lokhu, “Buza abangane bakhe ngaye, abantu abadala abamazi kahle.” Ingabe ‘ukhulunyelwa kahle’ abasebandleni lobuKristu akulo? (IzEnzo 16:2) Futhi, intombazane okuthiwa u-Isabel isikisela ukuthi “ukungcebeleka njengamaqembu nokwazi umkhaya wakubo kungaba usizo kakhulu.” Amaqembu akunika ithuba lokumbona kahle ungacindezelekile kakhulu.

Ukwazi umuntu ngale ndlela kudinga isikhathi nesineke. Kodwa kuyokwenza ubone izimo zengqondo, imikhuba nezimfanelo ezingase ziqinise imizwelo yakho ngaye noma ziyishintshe. IzAga 20:11 zithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana [noma insizwa] uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” Yebo, izenzo zakhe ziyogcina zibonisile lokho ayikho ngaphakathi.

Ngakho-ke, sibambe ngokuhlakanipha noma yisiphi isilingo sokuphikelela wembule imizwa yakho kungakabi yisikhathi. Uma ushesha abese naye evuma, ungase uthole ngemva kwendaba ukuthi akafaneleki njengomngane womshado.d Uma usuze wakhuluma, ukunqamula kwakho lobu buhlobo kungase kuyilimaze leyo nsizwa—mhlawumbe kuvule inxeba elijulile.

Isithombe Osinikezayo

Kungenzeka ukuthi le nsizwa nayo ikubhekile! Ingabe isithombe osinikezayo sigqamisa izimfanelo zakho zokwesaba uNkulunkulu? “Ngiqaphelé ukuthi amantombazane amaningi awagqoki ngendlela efanele,” kusho u-Isabel. “Uma ufuna ukuqashelwa umuntu othambekele ezintweni ezingokomoya, kufanele ugqoke ngendlela enesizotha.” Kungakhathaliseki ukuthi imfashini ithini, ukuzihlobisa “ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo,” kuyokwenza ukhange kowesilisa owesaba uNkulunkulu.—1 Thimothewu 2:9.

IBhayibheli futhi likhuthaza intsha engamaKristu ukuba ibe “isibonelo . . . ekukhulumeni.” (1 Thimothewu 4:12) Indlela okhuluma ngayo yembula lukhulu ngawe. Kufanele wenzeni lapho kuvela amathuba okuxoxa nale nsizwa? Uma inamahloni, kungenzeka ingakhululeki bese ilokhu ibamba iyeka. Intombazane okuthiwa u-Abbie ithi, “Kungase kudingeke ukuba uqale ingxoxo ukuze ubone ukuthi usabela kanjani.”

Kanjani? Uma ukhulumela futhi ngawe ngokwakho, ingase iphethe ngokuthi uyazazisa futhi awuvuthiwe. IBhayibheli litusa ukuba ‘singakhathaleli nje kuphela izindaba zethu siqu, kodwa sikhathalele nezabanye.’ (Filipi 2:4) Ukubuza imibuzo embalwa efanelekayo ngayo noma ngezinto enesithakazelo kuzo kungase kuyisize iqaqeke.

Lesi akusona isikhathi sokusebenzisa ‘ulimi olukhohlisayo’ noma ‘izindebe zamanga’ uyithopha. (IHubo 120:2) Insizwa eqaphelisisayo iyobona ukuthi le nkulumo ayilona iqiniso. Ngesikhathi esifanayo, gwema ukusho izinto ngoba nje ucabanga ukuthi ziyizinto ethanda ukuzizwa. Lokhu kunjalo ikakhulukazi uma ingxoxo yenu iqala ukujiya futhi niqala ukuxoxa ngezinto ezinjengemigomo yakho engokomoya. Yiba nguwe ngaso sonke isikhathi, ube qotho, ukhulume iqiniso futhi ungazenzisi. Yilapho kuphela uyokwazi khona uma ninemigomo efanayo ekuphileni.

Uma Ingavumi

Nokho, kuthiwani uma naphezu kwemizamo enjalo enesizotha, ingokheleki inhlansi yothando? Mhlawumbe sekuphele amasonto amaningana—noma izinyanga—kodwa akukho sithakazelo esibonisayo. Ingabe kufanele ukuthalalise nje ngokuthi amahloni? Ungase uzibuze: ‘Uma inamahloni kangako, ingabe iwulungele umshado? Uma kungenzeka sishade, iyokwazi yini ukuhola njengenhloko yomkhaya, noma ingabe iyolindela ukuba kube yimi engiholayo?’ (1 Korinte 11:3) Omunye umbuzo wokucatshangelwa yilo, ‘Ingabe inamahloni ngempela noma imane nje ayinasithakazelo sokuthandana nami?’ Kungase kube buhlungu ukufinyelela esinqumweni esinje. Kodwa ukusamukela kungakuvikela ehlazweni lokuveza imizwa yakho yothando kumuntu ongazizwa neze ngendlela wena ozizwa ngayo.

Ungase ube nomuzwa wokuthi kunezimpawu ozibonile zokuthi uyakuthanda. Unomuzwa wokuthi umane nje uthatha kancane ukuba akuveze nokuthi udinga ukukhuthazwa okuncane nje ukuze akuveze. Mhlawumbe kunjalo. Kodwa uma ucabanga ukuthatha isinyathelo kuqala, kumelwe uqaphele ukuthi kungaba yingozi lokhu. Kufanele ucabangisise kakhulu hhayi nje kuphela ngalokho oyokusho kodwa nanokuthi isiphi isikhathi esifanelekayo sokukusho.

Ngokwesibonelo, ungase unqume ukuthi ukumbonisa ukuthi uyakujabulela ukukunaka kwakhe kungase kube ngcono kunokuphahluka umtshele ukuthi “uyamthanda.” Ungase nje umtshele esimweni esikhululekile nesifanelekayo ukuthi ufisa ukumazi kangcono. Ungakhathazeki uma amazwi akho engase antule ubugagu ekuqaleni. Imizwa eqotho equkethwe amazwi akho ingase isho okukhulu ngaphezu kwamazwi ngokwawo. Khumbula futhi ukuthi umane nje uzwakalisa isifiso sokwazana kangcono nomuntu othile, awuceli umshado. Noma kunjalo, lokhu kungase kumethuse, ngakho mnike ithuba lokuba akuhlwabuse kahle okushilo.

Uma usuyazi kangcono le nsizwa futhi usuzikholisile ngokuthi inomusa futhi iyacabangela, asikho isizathu sokwesaba ukuthi ingase isabele kabi noma ikuhlaze. Kodwa kufanele wenzenjani uma impendulo yayo ingucha onomusa kodwa oqinile? Futhi insizwa kufanele iziphathe kanjani esimweni esinjengalesi? Isihloko esizolandela esikhathini esizayo siyoyiphendula le mibuzo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Yize lesi sihloko siqondiswe emantombazaneni, izinsizwa nabanye abacabangela ezothando nabo bayosithola siwusizo iseluleko esingokomBhalo esikuso.

c Akukhona ukuthi umshado owufunelwe ngomunye awujabulisi ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, ezikhathini zeBhayibheli, u-Isaka washada noRebheka ayengazifunelanga yena, kodwa u-Isaka “wamthanda.” (Genesise 24:67) Sifundani kulokhu? Ungasheshi uwaphebeze amasiko endawo uma nje engangqubuzani nomthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29.

d Izahluko 28 kuya ku-31 zencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, zingakusiza ekuboneni ukuthi umuntu othile angaba yini umngane womshado ofanelekayo.

[Isithombe ekhasini 30]

Ukuqaphela indlela aziphatha ngayo kungase kushintshe imizwa yakho ngaye

[Isithombe ekhasini 30]

Uma unesithakazelo sokuthandana nomuntu othile, khuluma nabantu abadala abathembekile abamaziyo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela