Intsha Iyabuza . . .
Kufanele Ngiyiphathe Kanjani Intombazane Ebonisa Ukuthi Iyangithanda?
“USusan wathatha isinyathelo kuqala, futhi angizange ngibe nenkinga ngalokho. Kwangi-thokozisa kakhulu.”—UJames.a
“Uma indoda ingathembeki lapho isebenzelana nabesifazane, lokhu kungaba nemiphumela eyinhlekelele.”—URoberto.
MUVA nje owesifazane osemusha uthe ufuna ukukubuza okuthile. Uvamile ukumbona emibuthanweni yabangane, futhi kuyathakazelisa ukuxoxa nokwenza izinto naye. Kodwa okuthile akutshele kona kukushiye umangele. Ufuna ukuba nithandane futhi ufuna ukwazi ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo yini.
Lokhu kungakumangaza uma unombono wokuthi yindoda okufanele yeshele owesifazane. Nakuba ngokuvamile kunjalo, khumbula ukuthi azikho izimiso zeBhayibheli aziphulile ngokukweshela.b Ukwazi leli phuzu kungakusiza usabele ngendlela efanele.
Ngemva kokucabanga ngale ndaba, ungase uphethe ngokuthi usemncane ukuba ungaqala ukuqomisana noma mhlawumbe okwamanje awuzizwa ngaleyo ndlela ngale ntombazane. Ungase futhi uzizwe unecala, ucabange ukuthi mhlawumbe uyenze yaba nombono wokuthi unesithakazelo kuyo. Yini okufanele uyenze? Okokuqala, kumelwe ucabangele imizwa yayo.
Cabangela Imizwa Yayo
Cabanga ukuthi intombazane izizwa kanjani uma ikulesi simo. Njengoba izimisele ukukuhlaba umxhwele, kungenzeka ukuthi kuyithathe izinsuku eziningi ukulungisa kahle amazwi ayo. Ngemva kokuhlanganisa amazwi afanele kanye nokumamatheka okufanele, ibe isilwa nomcabango wokuthi kungenzeka uthi cha. Ekugcineni, iqunge isibindi, yanqoba ukwesaba yakutshela lokho okusenhliziyweni yayo.
Kungani izifake enkingeni engaka? Mhlawumbe ithathekile ngawe. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ithanda izimfanelo zakho ezinhle abanye abantu abangaziqapheli. Ngakho kungenzeka ukuthi ibikuncoma ngamazwi ayo, okuyinto ongayitholi nsuku zonke.
La maphuzu awavezwa ngenjongo yokuthonya isinqumo sakho, kodwa ukuze akukhumbuze ukuthi ube nomusa. Owesifazane osemusha ogama lakhe linguJulie uthi: “Nakuba engayithandi intombi, owesilisa kufanele azizwe ejabula ngokuthi kunothile ombheka ngale ndlela. Ngakho kunokuba amane nje athi cha, kumelwe acabangele imizwa yayo ayitshele ngenhlonipho.” Ake sithi-ke yilokho kanye ohlela ukukwenza—uma kunjalo, ‘itshele ngenhlonipho,’ noma uthole indlela enomusa yokuthi cha.
Kuthiwani uma sewake wayitshela ngaphambili? Ungase uzizwe sekuthi yiphoxe. Yilwa naleso silingo. IzAga 12:18 zithi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” Ukhuluma kanjani ‘ngolimi lwabahlakaniphile’?
Ungase uyibonge ngokuveza imizwa yayo nokuthi ikubheka njengomuntu obalulekile. Xolisa ngokuthi mhlawumbe ngokunganaki uyenze yacabanga ukuthi uyayithanda. Ngokucacile kodwa ngomusa itshele ukuthi wena awuzizwa ngaleyo ndlela. Uma ingayiqondi impendulo yakho futhi kunesidingo sokuba ukhulume nayo ngokuqinile, gwema ukukhuluma ngokhahlo nokusebenzisa amazwi ahlabayo. Bekezela, ngoba lokhu kuhilela imizwa yayo ejulile. Ukuba bekunguwe osesimweni esifanayo, ubuyojabula uma ikhuluma nawe ngenhlonipho, akunjalo?
Kodwa, ingase ime ngelokuthi uyikhohlisile. Ingase isho nezenzo zakho ezithile eziyenze yazizwa ngale ndlela. Ingase ithi: ‘Uyakhumbula ngesikhathi unginika imbali?,’ noma ithi ‘Uthini ngalokho owangitshela kona lapho sihamba sobabili ngenyanga edlule?’ Manje kumelwe uzihlolisise wena.
Bhekana Neqiniso
Abahloli bamazwe bakudala babebheka amazwe abawatholayo njengezinto zokunqotshwa nokuxhashazwa, futhi namuhla amanye amadoda ababheka ngendlela efanayo abesifazane. Ayakujabulela ukuqonywa kodwa awasifuni isibopho somshado. Yize engafuni ukuzibopha, kodwa ashela abesifazane adlale ngemizwa yabo. Indoda enjalo ithola uthando lowesifazane ngokumkhohlisa. Umdala ongumKristu uyaphawula: “Ezinye izinsizwa zisuka kwenye intombazane ziye kwenye. Akulungile ukudlala ngemizwelo yowesifazane kanjalo.” Buholelaphi ubugovu obunjalo?
“Njengohlanya oluciba izikhali ezivuthayo, imicibisholo nokufa, unjalo umuntu oye wakhohlisa umuntu wakubo wayesethi: ‘Angithi mina bengidlala?’” (IzAga 26:18, 19) Uma indoda yeshela owesifazane ngenxa yezizathu zobugovu, ngokuhamba kwesikhathi owesifazane uyozibona izinhloso zayo zangempela. Ukukhohlisa kwayo kungayiphula inhliziyo yowesifazane, njengoba indaba elandelayo ibonisa.
Insizwa ethile yeshela owesifazane kodwa ingahlosile ukumshada. Yayimkhipha baye ezindaweni zokudla eziphambili, futhi babeya nasemicimbini yenjabulo ndawonye. Yayikujabulela ukuba nalona wesifazane, futhi nowesifazane ekuthokozela ukunakwa yile nsizwa, ecabanga ukuthi yayizimisele ngokumshada. Lapho ethola ukuthi le nsizwa yayimane ifuna ukuba babe abangane nje kuphela, wezwa ubuhlungu obukhulu.
Yini okufanele uyenze uma nakuba ubungahlosile uye wenza intombazane esanda kukweshela ukuba icabange ukuthi uyayithanda? Ukuzama ukuzivikela nokuzithethelela kuyomane nje kuyizwise ubuhlungu. Cabanga ngalesi simiso seBhayibheli: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” (IzAga 28:13) Ngakho-ke khuluma iqiniso. Vuma iphutha lakho kunoma yikuphi ukungezwani. Uma udlale ngemizwa yayo ngamabomu, vuma ukuthi wenze iphutha elikhulu. Xolisa ngobuqotho.
Nokho, ungalindeli ukuthi ukuxolisa kwakho kusho ukuphela kwendaba. Intombi ingase ikuthukuthelele isikhathi eside. Kungase kudingeke uchaze izenzo zakho kubazali bayo. Futhi ungase ubhekane neminye imiphumela. EyabaseGalathiya 6:7 ithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Kodwa ngokuxolisa nangokuzama ukulungisa iphutha, uyoyisiza ikwazi ukuqhubeka nokuphila kwayo. Futhi okuhlangenwe nakho okunje kuyokusiza ukuba ufunde ‘ukulonda izindebe zakho ekukhulumeni inkohliso’ kuzo zonke izici zokuphila, kuhlanganise nalezo ezihilela abobulili obuhlukile.—IHubo 34:13.
Cabanga Kanzulu Ngaphambi Kokuba Uphendule
Kodwa kuthiwani uma ungathanda ngempela ukuyazi kangcono le ntombi? Uma kunjalo, kumelwe uqaphele ukuthi ukuqomisana nokuthandana akuzona nje izindlela zokuzijabulisa. Imizwa enamandla labo abaqomisanayo ababa nayo ibaholela esibophweni somshado. Ngemva kokuba sebeshadile, le mizwa ibasiza ukuba basondelane ndawonye njengendoda nomfazi. Kungakuthinta kanjani manje ukwazi lokhu?
Ngemva kokucabanga ngale ntokazi, ungase ubone ukuthi ikhanga ngezindlela eziningi. Ikunikeze ithuba futhi ungathanda ukulisebenzisa. Kodwa kunokuba ugijimele ukuba niqomisane, thatha izinyathelo eziyonivikela nobabili ebuhlungwini eningase nibhekane nabo ngokuhamba kwesikhathi.
Ngokuhamba kwesikhathi ungase uthande ukubonana nabathile abavuthiwe abamaziyo lowo wesifazane. Sikisela kuye ukuba naye enze okufanayo aye kulabo abakwaziyo. Ngamunye wenu kumelwe abuze labo abavuthiwe ukuthi yiziphi izimfanelo zomunye abazibona zizinhle nalezo abazibona ziwubuthakathaka. Futhi ungase ucele nombono wabadala abangamaKristu. Kuhle ukwazi ukuthi umuntu ofuna ukuthandana naye unedumela elihle yini ebandleni lobuKristu.
Kodwa ungase uthi, ‘Kungani kumelwe abanye abantu bahileleke kangaka ezindabeni zami?’ Iqiniso liwukuthi, ngisho nasezindabeni zomuntu zothando, ukuthola imibono yabanye kuwukuhlakanipha. Empeleni, lokhu kuvumelana nemiBhalo, ngoba izAga 15:22 zithi: “Ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.” Abakhulile oyoxoxa nabo ngeke bakwenzele isinqumo. Kodwa ‘iseluleko somphefumulo’ abasinikezayo singaveza izici zomunye, kanye nezakho, ongaziboni.—IzAga 27:9.
UJames, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wakwenza lokhu. Nakuba ayehlala yedwa, wakhuluma nabazali bakhe ngoSusan. Bobabili babe sebenikezana amagama abathile abavuthiwe ababengaphawula ngokufanelana kwabo njengombhangqwana. Ngemva kokuthola imibiko emihle ngomunye nomunye, uJames noSusan baqala ukuqomisana ukuze babone ukuthi babengashada yini. Uma ulandela le nkambo ngaphambi kokuba uhileleke kakhulu ngokomzwelo, uyozizwa uvikelekile esinqumweni oyosenza ekugcineni.
Ngaphezu kwakho konke, thandaza kuJehova. Njengoba ukuqomisana kuyisinyathelo esiya emshadweni, cela uJehova akusize ukuba ubone ukuthi ubuhlobo bakho nale ntokazi bungaholela yini kulowo mgomo. Okubaluleke nakakhulu, cela uNkulunkulu anisize nobabili nenze izinqumo eziyonisondeza kuye. Injabulo yangempela yenu nobabili ixhomeke kulokhu.
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
b Izihloko ezithi “Intsha Iyabuza” ezikuyi-Phaphama! ka-November 8, 2004 neka-January 8, 2005, zibonisa indlela owesifazane angamtshela ngayo owesilisa ukuthi ufisa baqomisane.
[Izithombe ekhasini 29]
Uma ungamthandi ngempela, qaphela ukuba ungadluliseli umbono okungewona