Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nokwehluleka?
“Ngisanda kuthola imiphumela yesikole, futhi ngiphinde ngafeyila izifundo ezifanayo ezine. Ngizamile, kodwa ngimane ngafeyila.”—ULauren, oneminyaka engu-15.
“Kunzima ngempela ukubhekana nokwehluleka. Kulula ukuqala ukuphelelwa yithemba.”—UJessica, oneminyaka engu-19.
UKWEHLULEKA. Ungase ungakuthandi ngisho nokucabanga ngalelo gama. Kodwa ngezikhathi ezithile, sonke siyehluleka. Kungakhathaliseki ukuthi ukufeyila ekuhlolweni esikoleni, ukuphoxeka phakathi kwabantu, ukudumaza othile esimkhathalelayo, noma ukuphaphalaza ekuziphatheni, ukwehluleka kungakhungathekisa kakhulu.
Kuyiqiniso ukuthi bonke abantu bayawenza amaphutha. IBhayibheli lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Kodwa abanye bethu bakuthola kunzima ukuvuka bazithathe lapho bewile. Osemusha okuthiwa uJason ukubeka ngale ndlela: “Ngiyazigxeka kakhulu. Uma ngenza iphutha, abantu bangase bahleke—kodwa ngokuvamile bayalikhohlwa lelo phutha. Mina angikhohlwa, futhi ngihlale ngicabanga ngephutha engilenzile.”
Ukucabanga ngokwehluleka kwakho ngezinga elithile akuyona into embi—ikakhulukazi uma ukwenza kanjalo kukushukumisela ukuba uthuthukise isimo. Nokho, ukuzigxeka njalo isikhathi eside kuyalimaza futhi akwakhi. IzAga 12:25 zithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale.”
Cabanga ngendoda okukhulunywa ngayo eBhayibhelini okuthiwa u-Ephafrodithu. Yathunyelwa eRoma ukuba iyoba umsizi kamphostoli uPawulu. Nokho, u-Ephafrodithu wagula futhi wangakwazi ukufeza leso sabelo. Empeleni, kwagcina kunguPawulu omnakekelayo! UPawulu wahlela ukubuyisela u-Ephafrodithu ekhaya, watshela ibandla lakhona ukuthi le ndoda ethembekile yayiye yacindezeleka futhi. Ngani? Ngoba “nezwa ukuthi wayegula,” kuchaza uPawulu. (Filipi 2:25, 26) Lapho u-Ephafrodithu eqaphela ukuthi abanye babazi ukuthi wayegula futhi engakwazi ukwenza imisebenzi yakhe, cishe wazizwa eyisehluleki. Yingakho nje acindezeleka!
Ingabe ikhona indlela yokugwema ubuhlungu obubangelwa ukwehluleka?
Yazi Ukulinganiselwa Kwakho
Enye indlela yokunciphisa amathuba okwehluleka ukuzibekela imigomo enengqondo, efinyelelekayo. “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha,” kusho iBhayibheli. (IzAga 11:2; 16:18) Umuntu onesizotha uyakuqaphela ukulinganiselwa kwakhe. Yiqiniso, kuhle ngezinye izikhathi ukuzivivinya ukuze uthuthukise amakhono akho. Kodwa bhekana namaqiniso. Kungenzeka awuyena ungqondongqondo wezibalo noma awunalo unyawo olulula lomdlali ongumpetha. Insizwa okuthiwa uMichael iyavuma: “Ngiyazi ukuthi iyangihlula imidlalo. Ngakho ngiyadlala, kodwa angenzi izinto ezizongehlula.” Uyachaza: “Kumelwe ubeke imigomo onamandla okuyifinyelela.”
Cabanga ngesimo sengqondo sikaYvonne oneminyaka engu-14 ubudala, owazalwa enesifumbu futhi ekhubazekile ebuchosheni. UYvonne uthi: “Angikwazi ukuhamba noma ukudansa noma ukugijima njengabanye. Kuyangikhungathekisa ukuthi angikwazi ukwenza lokho abanye abakwenzayo. Abantu abaningi abaqondi ngempela. Kodwa ngiyakubekezelela.” Unasiphi iseluleko? “Ungayeki. Qhubeka uzama. Uma wehluleka noma ungenzi ngendlela egculisayo, ungadangali. Mane uqhubeke wenza okusemandleni akho.”
Ngesikhathi esifanayo, ungazihlukumezi ngokuziqhathanisa nabanye ngendlela engafanele. U-Andrew, oneminyaka engu-15, uthi, “Ngizama ukugwema ukuziqhathanisa nothile ngoba sonke sinamandla namakhono angafani.” Okushiwo u-Andrew kwenanela amazwi eBhayibheli atholakala kweyabaseGalathiya 6:4: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”
Ukulindela Okukhulu Kwabanye
Nokho, ngezinye izikhathi abantu balindela okukhulu kuwe—kungaba abazali, othisha, noma abanye. Ungase uqaphele ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi uzama kangakanani, ngeke ubajabulise. Okwenza isimo sibe sibi nakakhulu ukuthi abantu abanjalo bangase basho indlela abadumazeke ngayo besebenzisa amazwi akucasulayo noma akuchoboza akuqede. (Jobe 19:2) Kungenzeka uyaqaphela ukuthi abazali bakho nabanye abantu abazami ukukuzwisa ubuhlungu ngamabomu. Njengoba uJessica esho, “ngokuvamile abaqapheli ngisho nanokuthi bakwenza uzizwe kanjani. Ngezinye izikhathi kusuke kuwukungqubuzana nje kombono.”
Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka yini ukuthi babona okuthile wena ongakuboni? Ngokwesibonelo, mhlawumbe ngempela uyazinyeza, awuwaboni amakhono akho. Esikhundleni sokungakunaki abakushoyo, uyobe wenza ngokuhlakanipha uma ‘ulalela isiyalo.’ (IzAga 8:33) UMichael uyachaza: “Kuzuzisa wena. Bafuna ukuba wenze ngcono, uthuthuke. Kubheke njengenselele.”
Nokho, kuthiwani uma unomuzwa wokuthi lokho abazali nabanye abakufunayo kumane nje akuzwakali—uzokwehluleka nakanjani? Khona-ke kuyoba ukuhlakanipha ukuxoxa nabo—ngenhlonipho, kodwa ungagunci—ubatshele indlela ozizwa ngayo. Ngokubambisana ningase nikwazi ukubeka imigomo efinyelelekayo.
“Ukwehluleka” Ezintweni Ezingokomoya
Intsha engoFakazi BakaJehova inenselele yokufeza izabelo zayo njengezikhonzi zikaNkulunkulu. (2 Thimothewu 4:5) Uma ungumKristu osemusha, ngezinye izikhathi ungase uzizwe ungafaneleki. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi awunikezi izimpendulo ezigculisayo emihlanganweni. Noma mhlawumbe ukuthola kunzima ukuchazela abanye isigijimi seBhayibheli. Ngokwesibonelo, uJessica wayefunda iBhayibheli nentombazane ethile. Isikhathi esithile lo muntu ayemfundela iBhayibheli wayethuthuka kahle. Nokho, kungazelelwe, le ntombazane yanquma ukuthi ayifuni ukukhonza uNkulunkulu. UJessica uyakhumbula, “Ngazizwa ngiyisehluleki.”
UJessica wayisingatha kanjani leyo mizwa? Okokuqala, kwadingeka ukuba aqaphele ukuthi umuntu ayemfundela wayengenqabanga yena, kodwa wayenqabe uNkulunkulu. Wasizwa nawukuzindla ngesibonelo esiseBhayibhelini sikaPetru, indoda ehlonipha uNkulunkulu eyayinamaphutha amaningi. Uyachaza, “IBhayibheli libonisa ukuthi uPetru wabunqoba ubuthaka bakhe, futhi uJehova wamsebenzisa ngezindlela eziningi ukuba athuthukise izithakazelo zoMbuso.” (Luka 22:31-34, 60-62) Nokho, uma amakhono akho njengomfundisi edinga ukuthuthukiswa, kungani ungazikhandli kakhudlwana kuleso sici? (1 Thimothewu 4:13) Cela usizo kwabavuthiwe ebandleni abangakufundisa futhi bakuqeqeshe.
Nokho, mhlawumbe yinkonzo yendlu ngendlu oyithola iyinselele ngokukhethekile. UJason uyavuma, “Njalo uma ngingemukelwa emzini othile ngizizwa ngiyisehluleki ngandlela-thile.” Ubhekana kanjani nalesi simo? “Kufanele ngikhumbule ukuthi angihlulekanga ngempela.” Yebo, usuke ephumelele ukwenza lokho uNkulunkulu amyale ukuba akwenze—ukushumayela! Futhi yize kungajabulisi ukuxoshwa, akubona bonke abantu abayosenqaba isigijimi seBhayibheli. UJason uthi, “Uma ngithola umuntu olalelayo, ngivele ngibone ukuthi bekuwufanele umzamo.”
Amaphutha Amakhulu
Kuthiwani uma wenza iphutha elikhulu—mhlawumbe ngisho nesono esingathi sina? U-Ana, oneminyaka engu-19 ubudala, wenza iphutha elinjalo.a Uyavuma, “Ngadumaza ibandla, umkhaya wakithi, noJehova uNkulunkulu ikakhulukazi.” Ukuze ululame, kudingeka uphenduke ufune usizo lwamadoda amadala ngokomoya ebandleni. (Jakobe 5:14-16) U-Ana ukhumbula amazwi awusizo omdala othile: “Wathi naphezu kwazo zonke izinto ezimbi iNkosi uDavide eyazenza, uJehova wayesazimisele ukuyithethelela, futhi uDavide walulama. Lokho kwangisiza.” (2 Samuweli 12:9, 13; IHubo 32:5) Nawe kudingeka wenze konke okusemandleni ukuze uzakhe ngokomoya. U-Ana uthi, “Ngifunda incwadi yamaHubo ngokuphindaphindiwe, futhi nginencwadi engibhala kuyo imibhalo ekhuthazayo.” Ngokuhamba kwesikhathi, umuntu angalulama ngisho nasesonweni esingathi sina. IzAga 24:16 zithi: “Olungile angawa ngisho nakasikhombisa, kodwa ngokuqinisekile uyovuka.”
Ukululama Ekwehlulekeni
Kuyiqiniso ukuthi ngisho nokwehluleka nje okuncane kungakuzwisa ubuhlungu. Yini engakusiza ukuba ukudlulise? Okokuqala, bhekana namaphutha akho ngokuhluzeka. UMichael uyatusa: “Esikhundleni sokuzibheka njengesehluleki kuzo zonke izinto, tholisisa ukuthi yini owehluleke kuyo nokuthi kubangelwe yini. Kanjalo ungathuthukisa ngokuzayo.”
Gwema nokuzicabangela ngokweqile. ‘Kunesikhathi sokuhleka’—futhi lokho kungase kuhlanganise nokuzihleka wena ngokwakho! (UmShumayeli 3:4) Uma uzizwa udangele, gxila kokuthile okwenza kahle, njengomsebenzi wokuzilibazisa noma ezemidlalo. ‘Ukuceba emisebenzini emihle’—njengokutshela abanye ngokholo lwakho—kungakusiza ukuba ujabule.—1 Thimothewu 6:18.
Okokugcina, khumbula ukuthi “uJehova unesihe futhi unomusa . . . Ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade.” (IHubo 103:8, 9) UJessica uthi, “Nginomuzwa wokuthi uma ngiqhubeka ngisondela kuJehova uNkulunkulu, ngiqiniseka nakakhulu ukuthi uzongisekela futhi angisize kunoma yini engibhekana nayo.” Yebo, kuyaduduza ukwazi ukuthi nakuba unamaphutha, uYihlo wasezulwini uyakwazisa.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lakhe lishintshiwe.
[Isithombe ekhasini 30]
Uma uzizwa uthwele kanzima ngenxa yalokho okulindeleke kuwe, thola indlela enenhlonipho yokuxoxa ngako
[Isithombe ekhasini 31]
Ukugxila ezintweni ozenza kahle kungasiza ekuqedeni imizwa yokuba isehluleki