Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 2/1 k. 5
  • Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
    I-Phaphama!—2005
  • Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UNkulunkulu—Ungubani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungubani UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 2/1 k. 5

Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?

Izimpendulo ezivamile:

◼ “Ukuyo yonke indawo, kuzo zonke izinto. Unjengomoya.”

◼ “Ungamandla nokuhlakanipha okungachazeki.”

Wathini uJesu?

◼ “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi.” (Johane 14:2) UJesu wachaza ukuthi uNkulunkulu unendlu engokomfanekiso, noma indawo yokuhlala.

◼ “Ngaphuma ngivela kuBaba futhi ngizé ezweni. Futhi, ngiyalishiya izwe ngiya kuBaba.” (Johane 16:28) UJesu wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu unguMuntu ongokoqobo ophila endaweni ethile.

UJESU akazange abhekisele kuNkulunkulu njengamandla athile angachazeki. Ngokuphambene nalokho, wakhuluma noNkulunkulu futhi wathandaza kuye. Wayevame ukubiza uJehova ngoYise wasezulwini, igama elembula ukusondelana kwakhe okukhulu noNkulunkulu.—Mathewu 6:14, 26, 32.

Kuyiqiniso ukuthi “akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu” nokuthi “uNkulunkulu unguMoya.” (Johane 1:18; 4:24) Kodwa lokhu akusho ukuthi akanalo uhlobo oluthile lomzimba. IBhayibheli liyasitshela: “Uma ukhona umzimba wenyama, ukhona nowomoya.” (1 Korinte 15:44) Khona-ke, ingabe uJehova unomzimba womoya?

Yebo. Lapho uJesu evuswa kwabafileyo, “wangena ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu ngenxa yethu.” (Hebheru 9:24) Lokhu kusifundisa amaqiniso amabili abalulekile ngoNkulunkulu. Elokuqala, unendawo ahlala kuyo. Elesibili, unguMuntu, akawona nje amandla athile angachazeki akuyo yonke indawo.

Kodwa pho, amandla kaNkulunkulu angaba khona kanjani kuyo yonke indawo? UNkulunkulu angathumela umoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo, nomaphi kuyo yonke indawo. Njengobaba oduduza futhi asekele izingane zakhe, uNkulunkulu usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuba ufeze injongo yakhe.—IHubo 104:30; 139:7.

Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguMuntu, unezinto azithandayo nangazithandi—ngisho nemizwa. IBhayibheli lisitshela ukuthi uyabathanda abantu bakhe, uyayijabulela imisebenzi ayenzile, uyakuzonda ukukhulekelwa kwezithombe, futhi ububi bumzwisa ubuhlungu. (Genesise 6:6; Duteronomi 16:22; 1 AmaKhosi 10:9; IHubo 104:31) Kweyoku-1 Thimothewu 1:11, ubizwa ngokuthi “uNkulunkulu ojabulayo.” Yingakho uJesu athi singafunda ukumthanda lo Nkulunkulu ngenhliziyo yethu yonke!—Marku 12:30.a

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngale ndaba, bheka isahluko 1 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Njengobaba oduduza futhi asekele izingane zakhe, uNkulunkulu usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze afeze injongo yakhe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela