Utamatisi—“Uyimifino” Esebenziseka Ezintweni Eziningi
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
“BENGIYOKWENZENJANI nje ngaphandle kukatamatisi!” kusho omunye unkosikazi ongumNtaliyane ebabaza. Lena yindlela abazizwa ngayo abapheki abaningi emhlabeni jikelele. Ngempela, izizwe eziningi ziyawusebenzisa utamatisi ekudleni. Abalimi bezivande bawutshala kakhulu kunezinye izitshalo ezidliwayo. Kodwa ingabe uyisithelo noma uyimifino?
Ngokwezazi zezitshalo utamatisi uyisithelo ngoba unezinhlamvu ekudleni kwawo. Kodwa abantu abaningi bacabanga ukuthi utamatisi uyimifino, ngoba uvame ukuhambisana nokudla okuphekiwe. Lokhu kudla okwehla esiphundu kunomlando othakazelisayo.
Umlando Othakazelisayo
EMexico, ama-Aztec ayetshala utamatisi ngenjongo yokuba udliwe. Ekuqaleni kwekhulu le-16, izihlabani zempi zaseSpain zabuyela ezweni lazo notamatisi, zawubiza ngelithi tomate, zilithathela kwelesiNahuatl elithi tomatl. Ngokushesha abantu baseSpain abahlala e-Italy, eNyakatho Afrika naseMpumalanga Ephakathi base besijabulela lesi sibilico esisha.
Kamuva kulelo khulu leminyaka, utamatisi waqala ukwaziwa enyakatho yeYurophu. Ekuqaleni kwakucatshangwa ukuthi unobuthi ngakho wawutshalwa njengezihlahlana zasengadini zokuhlobisa. Lesi sithelo satholakala singeyona neze ingozi, nakuba siwuhlobo lwesihlahlana okuthiwa umsobo, esinamahlamvu anephunga elibukhali kodwa elinuka kamnandi kanye nesiqu esinobuthi.
Cishe lo tamatisi ababeqala ngqá ukuwubona abaseYurophu wawuphuzi, njengoba amaNtaliyane ayewubiza ngokuthi i-pomodoro (i-apula elisagolide). AmaNgisi ayewubiza ngelithi tomate kamuva awubiza ngelithi tomato, kodwa ayelithanda kakhulu negama elithi “love apple [i-apula lothando].” Kusukela eYurophu, abakhi bamakoloni bawuthatha bahamba nawo uhambo olude banqamula i-Atlantic bawuphindisela emuva eNyakatho Melika, lapho wagcina usuwukudla okuthandwa kakhulu ekhulwini le-19 leminyaka.
Izinhlobo Zawo Nokuthandwa Kwawo Okumangalisayo
Uma ubungabuza othile ukuthi unjani umbala katamatisi, cishe ubeyothi “ubomvu.” Kodwa bewazi nje ukuthi uyehlukahlukana ngokwezinhlobo zawo, omunye ungaba phuzi, ube sawolintshi, ube bomvana, ube nsomi, ube nsundu, ube mhlophe, noma ube luhlaza, kanti omunye uze ube nemithende imbala. Akuwona wonke oyindilinga. Omunye uyisicaba kanti omunye umise okweqanda omunye okwepheya. Ungaba mncane ngangohlamvu lukaphizi noma ube mkhulu ngangesibhakela somuntu.
Loku kudla okuthandwayo kutshalwa ngisho nasemazweni akude lé enyakatho njengase-Iceland nakude lé eningizimu njengaseNew Zealand. Amazwe ayinhloko atshala utamatisi yi-United States kanye namazwe angaseningizimu yeYurophu. Amazwe abandayo athembela kutamatisi okhuliswa ezindlwaneni zezitshalo, kanti ezindaweni ezomile kusetshenziswa indlela okuthiwa yi-hydroponic technique—okungukuthi, ukukhuliswa ngengxube yamanzi nomanyolo kodwa ingekho inhlabathi.
Utamatisi useyisona sitshalo esithandwa umlimi oyimfunda-makhwela. Kulula ukuwutshala, futhi izithombo ezimbalwa nje zithela utamatisi owanele ukondla umkhaya omncane. Uma unendawo encane, zama ukuthola izinhlobo ezilungiselelwe ngokukhethekile ukutshalwa emabhodweni abekwa kovulandi nasemafasiteleni.
Ukusikisela Kanye Namacebiso Empilo
Ukubanda kwenza utamatisi unganambitheki kamnandi, ngakho ungawufaki esiqandisini. Ukuze uwenze usheshe uvuthwe, ungase uwubeke efasiteleni endaweni enelanga noma uwugcine endaweni epholile endishini kanye notamatisi osuvuthiwe noma ubhanana, noma uwusonge ngephepha elinsundu bese uwugcina izinsuku ezimbalwa.
Utamatisi unempilo. Unamavithamini A, C no-E, kanti futhi une-potassium ne-calcium kanye nosawoti wamaminerali. Abacwaningi sebethola nokuthi uwumthombo omuhle kakhulu we-lycopene, isakhi esinamandla esivimbela ukwanda komoya-mpilo emzimbeni, okuthiwa inciphisa ingozi yezifo ezithile, njengomdlavuza nesifo senhliziyo. Utamatisi uqukethe amanzi angamaphesenti angu-93 kuya kwangu-95, kanti unengcosana yama-kilojoule, okuyizindaba ezijabulisayo kubantu abangafuni ukukhuluphala.
Ulungiswa Ngezindlela Eziningi Eziwenza Wehle Esiphundu
Lapho uthenga utamatisi, uyokhetha muphi? Uhlobo oluvamile olubomvu lungasetshenziswa kumasaladi nasekuphekeni amasobho nososo. Uhlobo oluncane olubizwa ngokuthi ama-cherry olunombala obomvu, osawolintshi, noma ophuzi, olumnandi kakhulu njengoba lunoshukela omningi, lwehla esiphundu uma uludla luluhlaza. Uma wenza i-pizza noma i-pasta, mhlawumbe uhlobo olubizwa ngokuthi ama-plum olumise okweqanda futhi olunesikhumba esiqinile yilona oluyoba kahle. Uhlobo olukhulu olubizwa ngokuthi ama-beefsteak—lubizwa kanjalo ngenxa yesikhumba salo esiqine kakhulu—lukahle kakhulu ekubhakeni noma ekuluhlanganiseni nezithako ezigxishwa ekudleni. Uhlobo oluluhlaza, ngezinye izikhathi oluye lube nemithende ephawulekayo, lwenza isinongo esimnandi kakhulu. Ngempela utamatisi unezela lobo bumnandi obukhethekile ekudleni okuningi okunjengemifino, amaqanda, i-pasta, inyama kanye nenhlanzi, futhi kukwenza kube nombala omuhle. Uma ungenakuwuthola utamatisi, akungabazeki ukuthi uyozithola izinto eziningi ezenziwe ngawo esitolo sangakini.
Umpheki ngamunye unezindlela zakhe asebenzisa ngazo utamatisi ekudleni, kodwa nazi ezinye izindlela ezisikiselwayo ongazizama.
1. Lungisa isidlo esisheshayo futhi esinemibala ekhangayo esokuvula inhliziyo ngokubeka izingcezu zikatamatisi bese ulandelisa ngezikashizi i-mozzarella ugcine ngezikakwatapheya; zonke uzibeke ngendlela yokuthi zingambozani ngokuphelele ukuze imibala yazo ibonakale. Yibe usuvuvuzela usoso owenziwe ngamafutha omnqumo (olive oil) no-pepper omnyama bese uhlobisa isidlo sakho ngamacembe e-basil.
2. Yenza i-Greek salad ngokuqoba utamatisi, ukhukhamba noshizi i-feta kube yizigaqana bese ukuhlanganisa neminqumo emnyama kanye nezingcezu zika-anyanisi obomvu. Vuvuzela usawoti no-pepper, bese wenza usoso ohambisana nayo ngamafutha omnqumo namanzi kalamula.
3. Yenza i-Mexican salsa ngotamatisi, u-anyanisi, upelepele oluhlaza kanye ne-coriander okuqotshiwe bese ukuhlanganisa konke namanzi amancane e-lime.
4. Pheka usoso ongenamicikilisho kodwa owehla esiphundu we-pasta ngokudidiyela epanini utamatisi oqotshiwe osethinini, ushukela omncane (noma usoso katamatisi), amafutha omnqumo, isigaxa sikagalikhi ogayiwe kanye nezinongo ezimbalwa njenge-basil, i-bay leaf noma i-oregano bese uvuvuzela usawoti no-pepper. Yibe usupheka lo soso uze ubile bese uwuyeka emlilweni omncane imizuzu engaba ngu-20 ukuze ubile kancane futhi ujiye. Yibe usuwuthela phezu kwe-pasta yakho ephekiwe yacwengwa wonke amanzi.
Utamatisi osebenziseka ezintweni eziningi uyisibonelo esisodwa nje sokudla okunhlobonhlobo okumnandi okuye kwadalelwa ukuba sikudle.