Ushayela Ngakuluphi Uhlangothi Lomgwaqo?
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
Ngiya esikhumulweni sezindiza ngiyohlangabeza isivakashi sami esivela eMelika, bese sihambisana siya emotweni yami. “Ngena ngaphambili,” ngisho ngisikisela, futhi ngokushesha sizama ukungena ohlangothini lomshayeli. “Hawu, sengikhohliwe,” sisho. “Konje nishayela ohlangothini lomgwaqo olungafanele kule ndawo.”
Kuyiqiniso, mhlawumbe nami ngangizosho okufanayo ukube ngangivakashele e-United States. Kodwa njengoba sisendleleni siya ekhaya, nganquma ukuthola ukuthi kungani abantu kwamanye amazwe beshayela ngakwesokunxele emgwaqweni, kuyilapho amazwe amaningi emhlabeni eshayela ngakwesokudla.
Imikhuba Yokushayela Endulo
Ake sithi ukuhlehla nomlando siye eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, ngesikhathi amaRoma esaphethe iBrithani. Abavubukuli baye bathola okuthile okubakhanyisela ngemikhuba yokushayela yangaleso sikhathi. Ngo-1998 bathola umzila osabonakala kahle oya enkwalini yamaRoma eduze kwaseSwindon, eNgilandi. Imizila yamasondo ohlangothini olulodwa ijulile kuneyolunye uhlangothi, njengokungathi izinqola zaziya khona zingathwele lutho kodwa zibuye sezithwele amatshe. Okungenani kule ndawo, le mizila ibonisa ukuthi amaRoma ayeshayela ngakwesokunxele.
Empeleni, abanye bakholelwa ukuthi abagibeli bamahhashi basendulo babevame ukuhamba ngakwesokunxele somgwaqo. Njengoba iningi labantu lisebenzisa isandla sokudla, abagibeli bamahhashi babekwazi ukubamba amatomu ngesandla sokunxele, bese sikhululeka esokudla—ukuze bakwazi ukuxhawula umgibeli abaphambana naye noma bazivikele ngenkemba, uma kudingekile.
Ukushintshela Ngakwesokudla
Ngasekupheleni kwawo-1700, amazwe anjenge-United States ashintsha kusuka kwesokunxele asebenzisa uhlangothi lwesokudla, ngesikhathi abashayeli bamakalishi beqala ukusebenzisa izinqola ezinkulu zokuthwala impahla ezidonswa amabhangqa amaningana amahhashi. Lezi zinqola zazingenaso isihlalo somshayeli, ngakho umshayeli wayegibela ihhashi elingemuva kwesokunxele abese ephatha isiswebhu sakhe ngesandla sokudla. Njengoba ehlezi kwesokunxele, umshayeli ngokuvamile wayethanda ukuba ezinye izinqola zidlule kwesokunxele sakhe ukuze aqiniseke ukuthi akashayiswa amasondo ezinqola aphambana nazo. Lokho wayekwenza ngokushayela ngakwesokudla emgwaqweni.
Nokho, amaNgisi áqhubeka eshayela ngakwesokunxele. Ayenezinqola ezincane, futhi umshayeli wayegibela enqoleni, ngokuvamile ohlangothini lwesokudla lwesihlalo esiphambili. Elapho, wayekwazi ukusebenzisa isiswebhu sakhe eside ngesandla sokudla singabambeki emthwalweni ongemva kwakhe. Njengoba ehlezi lapho, ngakwesokudla senqola, umshayeli wayekwazi ukubona ukuthi kuphephile yini uma ephambana nezinye izinqola ngokuba ahambe ngakwesokunxele somgwaqo. Amazwe aba yingxenye yoMbuso WaseBrithani nawo aqala ukushayela ngakwesokunxele, yize amanye engazange ashintshe. Ngokwesibonelo, iCanada yagcina isishintshele kwesokudla ukuze kube lula lapho umuntu ewela umngcele engena noma ephuma kwelase-United States.
Izigigaba zezombangazwe eFrance zaba nethonya elikhulu emikhubeni yokushayela. Ngaphambi kweNkathi Yenguquko ngo-1789, abasebukhosini babeshayela izinqola zabo ngakwesokunxele somgwaqo, bephoqelela abantu abavamile ukuba bahambe ngakolunye uhlangothi. Kodwa lapho iNkathi Yenguquko isiqalile, laba bantu basebukhosini bazama ngamandla ukuzifihla ngokuhamba nabantu abavamile ngakwesokudla. Ngo-1794 uhulumeni waseFrance wawusushaye umthetho wokuba kushayelwe ngakwesokudla eParis, kamuva wasakazekela kwezinye izifunda njengoba amabutho anqobayo kaNapoléon I ehlasela ingxenye enkulu yezwekazi laseYurophu. Akumangalisi ukuthi uNapoléon wayethanda ukushayela ngakwesokudla. Incwadi ethile ichaza ukuthi ngenxa yokuthi wayeyinxele, “amabutho akhe ayemasha ngakwesokudla ukuze akwazi ukugcina isandla abamba ngaso inkemba siphakathi kwakhe nanoma isiphi isitha.”
EYurophu, amazwe amelana noNapoléon aqhubeka eshayela ngakwesokunxele. IRussia nePortugal aqala ukushayela ngakwesokudla ekuqaleni kwekhulu lama-20. I-Austria neCzechoslovakia ashintshela ngakwesokudla ngesikhathi sokubuswa iJalimane lobuNazi ekupheleni kwawo-1930, futhi iHungary nayo yenza okufanayo. Namuhla mane kuphela amazwe aseYurophu asashayela ngakwesokunxele: iBrithani, i-Ireland, iKhupro neMelitha. Kuyathakazelisa ukuthi nakuba iJapane ingakaze ibe ikoloni laseBrithani, nakhona kushayelwa ngakwesokunxele.
Imikhumbi, Izindiza, Izitimela Kanye Nawe
Kuthiwani ngemikhumbi nezindiza? Ngokuvamile imikhumbi ihamba ngakwesokudla. Izindiza nazo zihamba ngakwesokudla. Izitimela zona? Emazweni athile amarobhothi aqondisayo yiwo anqumayo ukuthi kujantshi onemizila emibili iluphi uhlangothi olusebenzayo. Imizila kajantshi yesimanje exhumanisa amadolobha amakhulu ngokuvamile ivumela izitimela ukuba zihambe kunoma iluphi uhlangothi kunoma imuphi umzila, kodwa emizileni enezimpawu ezindala izitimela zihamba ohlangothini olulodwa kuphela. Ezimweni ezithile, ukuthi iluphi lolo hlangothi cishe kwakunqunywa yizwe elalisuke liklame futhi lakha lowo mzila wesitimela ekuqaleni.
Kuthiwani ngabahamba ngezinyawo? Ngokuvamile kutuswa ukuthi uma ingekho indledlana yabahamba ngezinyawo, kuphephile ukuhamba ohlangothini lwezimoto ophambana nazo, kungakhathaliseki ukuthi zingakuluphi uhlangothi. Uma izimoto zihamba ngakwesokudla, khona-ke abahamba ngezinyawo bakhuthazwa ukuba bahambe ngakwesokunxele baphambane nezimoto. EBrithani, lapho sishayela khona ngakwesokunxele, sizama ukukhumbula ukuba sihambe ngakwesokudla uma sihamba ngezinyawo. Kuthiwani ngomngane wami waseMelika? Phela yena uvele enze okuphambene!