Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 5/8 k. 24-k. 26 isig. 6
  • “Ingabe Kufanele Ngizame Ukuqomisana Nge-Internet?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ingabe Kufanele Ngizame Ukuqomisana Nge-Internet?”
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Ukuqomisana Nge-Internet Kukhange
  • Ingabe Lokhu Kuyindlela Enhle Yokwazana?
  • Lapho Nibonana Ubuso Nobuso
  • Izingozi Zokuphamazela
  • Ngingaqala Nini Ukuqomisana?
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Ukuqomisana Nge-Internet Kungaba Yingozi Ngempela?
    I-Phaphama!—2005
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Banemithetho Mayelana Nokuphola?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Ziyini Izingozi Zokufihla Ukuthi Uphola Nothile?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 5/8 k. 24-k. 26 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

“Ingabe Kufanele Ngizame Ukuqomisana Nge-Internet?”

“Sasithumelelana imiyalezo nge-E-mail nsuku zonke. Saqala ukwenza amalungiselelo omsebenzi nendawo yokuhlala. Mina kwakumelwe ngithenge izindandatho zokuthembisana. Kwakungakapheli ngisho nenyanga sazana futhi singakaze sibonane ubuso nobuso.”—UMonika, e-Austria.a

UNGATHANDA ukwazana nothile—ozomazi kangcono futhi ongase uthande ukushada naye. Kodwa kuze kube manje, imizamo yakho yokuthola umuntu onjalo ayikaphumeleli. Imizamo eqotho yomkhaya wakini nabangane yokukuhlanganisa nothile ayizange iphumelele kodwa ikushiye uphoxekile futhi udangele kakhulu kunangaphambili. Manje ucabanga ukuthi mhlawumbe kumelwe uzame ezobuchwepheshe ukuze uthole usizo.

Kule nkathi yama-computer, ukuthola umngane womshado ofanelekayo kungase kubonakale kulula, kuyindaba nje yokuchafaza izinkinobho ezimbalwa. Abanye bathi into nje okumelwe uyenze ukungena engosini ye-Internet, engosini yengevu, noma emashadini ezaziso alungiselelwe abangashadile. I-New York Times ibika ukuthi ngenyanga eyodwa vó e-United States kuphela, bayizigidi ezingu-45 abantu abangena ezingosini zokuqomisana ze-Internet. Omunye umxhumanisi wabaqomisana nge-Internet uthi bangaphezu kwezigidi ezingu-9 abantu abasebenzisa ingosi yabo yokuqomisana emazweni angu-240.

Okwenza Ukuqomisana Nge-Internet Kukhange

Ingabe unamahloni, futhi ukuthola kunzima ukujwayelana nabantu? Usaba ukungamukeleki? Noma umane nje unomuzwa wokuthi indawo yakini ayinabo abantu ongashada nabo? Khona-ke ukuqomisana nge-Internet kungase kukukhange. Phakathi kokunye, izingosi zokuqomisana nge-Internet zikuthembisa ukuthi nguwe olawula ukuthi ufuna “ukuqomisana nobani.” Kulezi zingosi umuntu unikezwa imininingwane yobudala babantu, ukuthi abakuphi, ubuntu babo, izithombe zabo, kanye negama eliyimfihlo lowo muntu aziwa ngalo kuyi-Internet. Njengoba unenkululeko yokuzikhethela, kungase kubonakale sengathi ukuqomisana nge-Internet kulula, kuyasebenza futhi akulethi ukucindezeleka njengokuqomisana ubuso nobuso.

Liyini iqiniso ngale ndaba? Ingabe ngempela ukuqomisana nge-Internet kuholela enjabulweni ehlala njalo? Cabanga ngalokhu: Phakathi neminyaka eyisithupha, enye ingosi yokuqomisana yaba namalungu ayizigidi ezingu-11. Kodwa, kwashada imibhangqwana engu-1 475 kuphela. Enye ingosi eyayinamalungu angaphezu kwesigidi abhalisiwe ithi kwaba nemishado engu-75 kuphela! Iyini inkinga ngalo mkhuba?

Ingabe Lokhu Kuyindlela Enhle Yokwazana?

Isihloko esithile sephephandaba sabika: “Kuyi-Internet, wonke umuntu ubonakala ekhanga, ethembekile futhi ephumelela.” Kodwa kuyiqiniso kangakanani ukwaziswa abantu abakunikezayo ngabo siqu? Esinye isihloko sezindaba sathi: “Kuyinto eyaziwayo ukuthi wonke umuntu uyawaqamba amanga.” Umhleli kamagazini odumile wentsha wacwaninga ngalokhu. Wajoyina izingosi ezintathu ezithandwayo zokuqomisana nge-Internet, futhi ngokushesha nje abantu abaningi baphendula. Lokhu kwaholela ekubeni abonane namanye alawo madoda. Waba yini umphumela? Konke kwabhuntsha! Bonke laba bantu babeqambe amanga aluhlaza ngobuntu babo. Lona wesifazane wabe esexwayisa: “Mina ngithole ukuthi abantu abasebenzisa lezi zingosi baqamba amanga.”

Ukuqamba amanga ngobude noma ubukhulu bomuntu kungase kubonakale kuyinto encane nje. Abanye bangase bathi: ‘Ukubukeka komuntu akubalulekile.’ Kuyiqiniso, iBhayibheli ngokwalo lithi “ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize.” (IzAga 31:30) Kodwa ingabe ukuqamba amanga ngezinto ezibonakala zingelutho kuyindlela enhle yokuqala ubuhlobo? (Luka 16:10) Ungaqiniseka kanjani ngezinye izinto ezibalulekile, njengemigomo yomuntu, uma eseqale wakutshela amanga? IBhayibheli lithi: “Khulumani iqiniso omunye komunye.” (Zakariya 8:16) Yebo, ukwethembeka kuyisisekelo sobuhlobo obungase bukhule.

Nokho, ukuqomisana nge-Internet ngokuvamile kuhlanganisa nezinto ezingamaphupho nje. Umbiko we-Newsweek uthi: “Abaqomisanayo bangayihlela kahle imiyalezo yabo yama-e-mail basebenzise amazwi akhangayo lapho bezichaza. . . . Umphumela uba muhle kakhulu nhlangothi zombili: babonakala bengabantu abakahle futhi abanesithakazelo kuwe, ngakho nawe uba umuntu okahle futhi ube nesithakazelo kubo.” Uprofesa e-Rensselaer Polytechnic Institute yaseNew York ocwaninga ngokuqomisana nge-Internet, uthi ukuthandana kuqala ngokukhulu ukushesha ngaphansi kwalezi zimo. Kodwa njengoba kuye kubonakale, asinakwethemba ukuthi lokhu kuyoholela emshadweni onenjabulo. Enye indoda yabhala ngokuhlangenwe nakho kwayo kokuqomisana nge-Internet: “Kuwugibe. Imicabango yakho igcwalisa okusilelayo ngalokho kanye okufunwa nguwe.”

Lapho Nibonana Ubuso Nobuso

Nokho, abanye bangase bakholelwe ukuthi ukungabonani ubuso nobuso kunezinzuzo ngempela. Bangase babe nomuzwa wokuthi ukuqomisana nge-Internet kunika abaqomisene ithuba lokunaka ingaphakathi lalowo abaqomisana naye, ngaphandle kokuphazanyiswa ukubukeka kwangaphandle. Kuyiqiniso, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sigxile ezimfanelweni zomuntu zangaphakathi. (1 Petru 3:4) Nokho, inkinga ekuqomisaneni nge-Internet iwukuthi awukwazi ukubona ukushukuma komzimba, ukumoyizela kanye nesimo sobuso somuntu. Awukwazi ukubona ukuthi ubaphatha kanjani abanye noma ukuthi wenzenjani lapho engaphansi kokucindezeleka. Izinto ezinjengalezi zibaluleke kakhulu ukuze wazi ukuthi lowo muntu ungamethemba yini futhi umthande. Funda indlela iBhayibheli elichaza ngayo uthando kweyoku-1 Korinte 13:4, 5. Qaphela ukuthi uthando luchazwe ngezenzo zalo, hhayi ngamazwi. Ngakho-ke, kumelwe uzinike isikhathi sokumazi lowo muntu nokubona ukuthi izenzo zakhe ziyahambisana yini namazwi akhe.

Nakuba bengenayo imininingwane ebaluleke kangaka, ngokuvamile abaqomisene baqala ukuhlanganyela imizwa yabo ejulile ngokushesha yize besanda kuqala ukuqomisana. Ngaphandle kokucabangisisa, abanye benza izivumelwano ezijulile zothando ngokuphamazela yize bengazani nhlobo. Isihloko esithi “Kuyi-Internet, Uthando Aluboni Ngempela” silandisa ngabantu ababili abaqhelelene ngamakhilomitha angu-13 000 abaqala ukwazana nge-Internet. Ngemva kwamasonto amathathu babonana ubuso nobuso. “Wayezibhixe ngesimonyo sezinkophe,” kusho owesilisa. “Angiqomisani nabesifazane abazigcoba ngesimonyo sezinkophe.” Ubuhlobo baphela ngokushesha. Umphumela wokubonana ubuso nobuso kwabathile ababeqomisene wadumaza kakhulu, kangangokuthi owesilisa wakhansela ithikithi lendiza lokubuyela emuva ayelithengele lona wesifazane!

Owesifazane ogama lakhe lingu-Edda, ukhumbula ahlangabezana nakho ngokuqomisana nge-Internet. Uthi: “Ubuhlobo bethu babuyisimangaliso. Sase sihlela ukushada.” Kodwa lapho bebonana, ubuhlobo bavele baphela. “Wayengekona lokho engangikucabanga, wayethanda ukugxeka nokukhalaza njalo. Kwakungeke neze kulunge.” Ngemva kwesonto elilodwa ubuhlobo baphela, u-Edda wasala edumele.

Ezweni lamaphupho lokuqomisana nge-Internet, kungakheka imizwelo enamandla ngaphambi kwesikhathi. Lokhu kungakushiya usengozini yokulimala ngokomzwelo uma ubuhlobo bungaphumeleli—njengoba kungase kube njalo. “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku,” kuxwayisa izAga 28:26. Yebo, kuwubuwula ukwenza izinqumo ezijulile ezisekelwe emaphusheni nasemizweni yokuthatheka. Isaga siyaqhubeka: “Kodwa ohamba ngokuhlakanipha nguye oyophunyuka.”

Izingozi Zokuphamazela

Ukugijimela ukuqomisana nibe ningazani kahle akukhona ukuhlakanipha. Umlobi oyiNgisi uShakespeare ucashunwa ethi: “Imishado yokuphamazela ayivamile ukuphumelela.” Iseluleko seBhayibheli siqondile: “Noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.”—IzAga 21:5.

Ngokudabukisayo, abaningi abaqomisana nge-Internet bakuthole kuyiqiniso lokho. Ngemva kokuxhumana nothile inyanga eyodwa nje, uMonika, ocashunwe ekuqaleni, wacabanga ukuthi wayesesitholile isisombululo sesifiso sakhe sokuthola umngane womshado. Naphezu kokwenza amalungiselelo omshado—ngisho nokuthola izindandatho zokuthembisana umshado—ukuqomisana ngokuphamazela kwaphela “ngosizi olukhulu.”

Ungabugwema ubuhlungu benhliziyo ngokulalela iseluleko seBhayibheli: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Kodwa indumalo nemizwa ebuhlungu akuzona lezo zingozi kuphela ongabhekana nazo ekuqomisaneni nge-Internet. Isihloko esilandelayo sizodingida izinkinga ezengeziwe.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 25]

Lapho besebenzisa i-Internet, abantu ngokuvamile benza ihaba noma baqambe amanga

[Isithombe ekhasini 26]

Ngemva kokuthumelelana imiyalezo eminingi yothando nge-E-mail, ukubonana ubuso nobuso kuvame ukudumaza

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela