Kungani Abantu Beba Ezitolo?
“Angikubheki njengokweba ngempela kodwa ngikubheka njengokwabiwa kwengcebo kubantu abayidinga ngempela.”—UMFUNDISI WASESHESHI.
UMA izinganekwane ziyiqiniso, kuthiwa uRobin Hood wayecabanga ukuthi kufanelekile ukweba. Inganekwane yamaNgisi ithi uRobin lo wayephanga abacebile abese abela abampofu. Lo mfundisi ocashunwe ngenhla naye ucabanga ukuthi ubumpofu buyisisusa esizwakalayo sokweba. Ngokuqondene namasela eba ezitolo uthi: “Ngiyabazwela kakhulu, empeleni ngicabanga ukuthi kufanele ngempela bebe.” Usikisela ukuba izitolo ezinkulu zivule iminyango yazo kanye ngonyaka, zivumele abampofu ukuba bazithathele konke abakufunayo bangakhokhi.
Kodwa amasela amaningi ashukunyiswa ezinye izisusa kunobumpofu. EJapane amaphoyisa abopha ozakwabo ababili ngenxa yokweba ezitolo. E-United States, elinye ilungu lesigungu sabaqondisi besitolo esidayisa ukudla ngaphandle kwenzuzo labanjwa lintshontsha kuso sona lesi sitolo sabo. Ezikhathini eziningi, intsha yeba izinto engazidingi ibe inayo imali. Yini ebangela laba bantu ukuba bebe ezitolo?
‘Kumnandi’
Injabulo. Uvalo. Amandla. Njengalawaya mantombazane amabili esihlokweni esandulele, abanye abeba ezitolo bazizwa ngale ndlela ezikhathini eziningi, futhi isifiso sokuzizwa ngaleyo ndlela sibaqhubela ukuba bebe ngokuphindaphindiwe. Ngemva kokweba okokuqala ngqá owesifazane othile wathi: “Ngazizwa nginenjabulo enkulu. Angizange ngibanjwe futhi lokho kwangenza ngavukwa amadlingozi!” Echaza indlela azizwa ngayo ngemva kokweba isikhathi eside, wathi: “Nganginamahloni ngesimo sami—kodwa futhi ngangizizwa nginenjabulo enkulu. Amandla ami abuya ngezinkani. Ukweba kodwa ngingabanjwa kwakungenza ngizizwe nginamandla asabekayo.”
Insizwa egama layo linguHector ithi ngemva kwezinyanga iyekile ukweba, kwakunento eyayilokhu ithi ayihambe iyokweba futhi.a “Lo muzwa wawulokhu ungibelesele kuhle kwento ethile eluthayo. Kwakuye kuthi lapho ngisedolobheni ngibone umsakazo efasiteleni lesitolo esithile bese ngithi, ‘Ngingayithatha kalula kabi leya nto. Ngingaphuma nayo kalula nje ngingabanjwa nokubanjwa.’”
Abanye abeba ngenjongo yokuzijabulisa basuke bengazidingi ngempela lezo zinto abazeba esitolo. Elinye iphephandaba laseNdiya lithi: “Izazi zengqondo zithi isasasa lokwephula umthetho yisona sisusa esishukumisela laba bantu ukuba bebe. . . . Abanye bayazibuyisela nokuzibuyisela lezo zinto abazebile.”
Ezinye Izizathu
Amashumi ezigidi zabantu acindezelekile. Ngezinye izikhathi, abantu abacindezelekile bazama ukuveza ukucindezeleka kwabo ngokwenza izenzo ezimbi—njengokweba ezitolo.
Enye intombazane eneminyaka engu-14 ubudala yayivela emkhayeni ozinzile futhi omi kahle ngokwezimali. Nakuba lona osemusha ayephakathi komhlane nembeleko, wayezizwa engento yalutho futhi lo muzwa wawusibekela konke ukuphila kwakhe “kuhle kwefu.” Uthi: “Ngangingakwazi ukuwunqoba lo muzwa.” Waqala ukuphuza nokusebenzisa izidakamizwa. Kwathi ngolunye usuku wabanjwa eba esitolo. Ngemva kwalokho wazama ukuzibulala kabili.
Uma ingane iqala ukweba ezitolo ngokungazelelwe kanti ibilokhu iziphethe kahle, abazali bangaphetha ngokuthi hleze ingane yabo icindezelekile ngokomzwelo. UDkt. Richard MacKenzie, oyisazi sempilo yentsha, uthi: “Ngicabanga ukuthi uma umuntu eqaphela noma iluphi uhlobo lokuziphatha olungavamile enganeni yakhe angaphetha kufanele ngokuthi hleze lubangelwa ukucindezeleka ngokomzwelo kuze kube yilapho kutholakala esinye isizathu esihlukile.”
Enye intsha yeba ngenxa yokucindezela kontanga—ingase yebe ukuze nje yamukelwe iqembu labangane. Enye ingase yebe ukuze iqede isizungu. Izingcweti zokweba zona ziphila ngako ukweba. Kungakhathaliseki ukuthi eba ngasizathu sini, amasela eba izinto ezibiza izigidi zamaRandi ezitolo nsuku zonke. Kukhona othile okumelwe ezwe ubuhlungu bokulahlekelwa.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama kulolu chungechunge ashintshiwe.
[Ibhokisi ekhasini 21]
I-KLEPTOMANIA
UMaria uthi: “Ngaqala ukuba nenkinga yokweba kusukela lapho ngisanda kweva eminyakeni eyishumi nambili. Lo muzwa owawungibelesela waya ngokuya uba namandla kwaze kwaba yilapho sengeba izinto ezibiza amaRandi angu-3 000 ngosuku.
“Angikufuni ngenhliziyo yami yonke ukweba, kodwa lo muzwa obeleselayo unamandla kakhulu. Ngikufuna ngempela ukushintsha.” Ngenxa yokuthi kunzima kakhulu ukulawula lo muzwa omqhubela ekubeni ebe, uMaria usola ukuthi unenkinga yokuphazamiseka kwengqondo okuthiwa i-kleptomania.
“Abantu abanokuphazamiseka kwengqondo okuthiwa i-kleptomania banomuzwa ophikelelayo oqhubela umuntu ukuba ebe nakuba engaswele mali.” I-kleptomania ayiwona nje umkhuba ovamile wokuluthwa okuthile, ibonakala ibangelwa izinkinga ezijulile ezingokomzwelo.
Abanye baye bathi bonke abantu abanomkhuba wokweba banale nkinga yokuphazamiseka kwengqondo, kodwa odokotela bakholelwa ukuthi abantu abanale nkinga bayivelakancane. Ngokwe-American Psychiatric Association, abantu abanale nkinga bangaphansi kwamaphesenti amahlanu abantu abeba ezitolo. Ngakho kufanele siqaphe, singasheshi siphethe ngokuthi umuntu onomkhuba wokweba ezitolo une-kleptomania. Kungenzeka ukuthi isisusa salowo muntu sokweba sihlukile.
[Isithombe ekhasini 21]
Abazali abakhathalelayo bafuna ukukuqonda okwenza ingane yabo yebe ezitolo