Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 7/8 k. 22-k. 24 isig. 7
  • Ukweba Ezitolo—Ubani Olahlekelwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukweba Ezitolo—Ubani Olahlekelwayo?
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Abalahlekelwa Ngayo Abanikazi Bezitolo
  • Kuthiwani Ngokweba Izinto Ezincane?
  • Amakhasimende Ayalahlekelwa
  • Ubuhlungu Abazali Ababuzwayo
  • Umvuzo Wamasela
  • Indlela Ongayeka Ngayo Ukweba Ezitolo
    I-Phaphama!—2005
  • Kungani Abantu Beba Ezitolo?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukweba—Kungani Kungafanele?
    I-Phaphama!—1995
  • Kungani Ukweba Kwanda?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 7/8 k. 22-k. 24 isig. 7

Ukweba Ezitolo—Ubani Olahlekelwayo?

EJAPANE umnini-sitolo othile wabhadama omunye umfanyana eba esitolo sakhe wayesebiza amaphoyisa. Lapho amaphoyisa efika, lo mfanyana wacel’ empunzini. Amaphoyisa amhlala ezithendeni. Kwathi lapho ethi weqa umzila kajantshi, washayiswa isitimela waphelela khona lapho.

Ngenxa yokuthi le ndaba yaba undab’ uzekwayo, abanye bagxeka umnini-sitolo ngokubiza amaphoyisa. Wanquma ukusivala isitolo sakhe kwaze kwaba yilapho igwebu selehlile. Kwathi angasivula futhi, amasela aphinda atheleka ngezinkani. Kodwa manje waba madolonzima ekunqandeni amasela ngenxa yalesi sigigaba esasingasuki engqondweni yakhe. Amasela ayesezichachazela esitolo. Ngokushesha nje waphoqeka ukuba asivale unomphela.

Yiqiniso, leso simo sasidabukisa kakhulu, kodwa siveza iqiniso elibaluleke ngempela. Ukweba ezitolo kubangela ubuhlungu obukhulu—ngezindlela eziningi futhi kuthinteka abantu abaningi. Ake sihlolisise lobu buhlungu obubangelwa yilobu bugebengu.

Indlela Abalahlekelwa Ngayo Abanikazi Bezitolo

Osomabhizinisi emhlabeni wonke balahlekelwa izigidigidi zamaRandi unyaka ngamunye ngenxa yamasela eba ezitolo. Abanye balinganisela ukuthi osomabhizinisi e-United States nje kuphela balahlekelwa imali engalé kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-240 zamaRandi. Yimuphi usomabhizinisi ongamela indaba yokulahlekelwa imali eningi kangako? Osomabhizinisi abaningi bayehluleka ukubhekana nale nkinga. Uma amasela ethelekela izitolo ezithile, osomabhizinisi bangase balahlekelwe imali abayisebenzele kanzima kukho konke ukuphila kwabo.

“Ngaphandle kokuncintisana, ukweba ezitolo kungenye yezinto umuntu akhathazeka kakhulu ngazo. Angazi ukuthi leli bhizinisi liyokuma isikhathi eside kangakanani,” kusho uLuke, ongumnini-sitolo eNew York City. Akanayo imali eyanele yokuthenga izinhlabamkhosi zikagesi zokuvikela isitolo sakhe. Maqondana namasela uthi: “Kungenzeka ukuthi wonke umuntu uyeba, ngisho namakhasimende ami athenga njalo kulesi sitolo ayeba.”

Abanye bacabanga ukuthi inkinga kaLuke ayinkulu kakhulu. Bathi: “Lezi zitolo zingenisa imali eningi kakhulu, ngakho uma ngeba okuthile azithinteki kangako.” Kodwa ingabe abanikazi bezitolo bathola inzalo eningi ngempela?

Kwezinye izindawo, abanikazi bezitolo banezela amaphesenti angu-30, 40, noma angu-50 emalini abathenge ngayo okuthile abakudayisayo, kodwa leyo mali ayisona isamba esingena ephaketheni. Umnini-sitolo usebenzisa yona le mali yenzuzo ukuze akhokhele izindleko zokuqhuba ibhizinisi lakhe, njengentela yesakhiwo, izintela ezifunwa uhulumeni, umholo kanye nezinye izimali eziyinzuzo yezisebenzi, ukulungisa isakhiwo, umshuwalense, ugesi, amanzi, izinto zokushisisa isakhiwo, ucingo kanye nezinhlabamkhosi zokuvikela isakhiwo. Ngemva kokukhokhela zonke lezi zinto, angase asale nenzuzo engamaphesenti amabili noma amathathu. Ngakho uma othile eba esitolo, umnini-sitolo ulahlekelwa ingxenye yemali aziphilisa ngayo.

Kuthiwani Ngokweba Izinto Ezincane?

Lapho esesitolo nonina, omunye umfanyana uzihambela yedwa aye engxenyeni enamaswidi. Uma efika lapho, uvula iphakethe lamaswidi abese eshutheka uswidi ekhukhwini. Ingabe ukweba izinto ezincane kanjalo kuyalithinta ibhizinisi?

Encwajaneni yayo ethi Curtailing Crime—Inside and Out, inhlangano okuthiwa i-U.S. Small Business Administration ithi: “Ukweba izinto ezincane kungase kubonakale njengobugebengu obungatheni eseleni eleba ipeni kulesi sitolo, bese leba umshini wokubala kulesiya. Kodwa kusomabhizinisi osafufusa, lokho kusho ukuwa kwebhizinisi.” Ngenxa yokuthi incane inzuzo engenayo, ukuze abuyise imali engamaRandi angu-6 000 emlahlekela ngonyaka ngenxa yamasela, umnini-sitolo kufanele anezele ngokuthengisa amaswidi angu-900 noma amathini esobho angu-380 njalo ngosuku. Ngakho umnini-sitolo ulahlakelwa imali enkulu kakhulu uma abafanyana abaningi beba uswidi esitolo sakhe. Inkinga ilele lapho-ke.

Amashumi ezinkulungwane zabantu, abancane nabadala, abacebile nabampofu, abavela kuzo zonke izizwe nezizinda ezihlukahlukene, ayeba ezimakethe nasezitolo. Uba yini umphumela? I-U.S. National Crime Prevention Council ibika ukuthi cishe izingxenye ezintathu kwezine zezitolo ezikhona e-United States ziyaphoqeka ukuba zivale ngenxa yamasela. Akungabazeki ukuthi nabanye osomabhizinisi kwamanye amazwe babhekene nosongo olufanayo.

Amakhasimende Ayalahlekelwa

Intengo iyenyuka uma abantu beba ezitolo. Ngenxa yalokho, kwezinye izindawo, abathengi bakhokha imali engaba amaRandi angu-1 800 ngonyaka ngaphezu kwentengo evamile ngenxa yamasela eba ezitolo. Lokhu kusho ukuthi uma uhola amaRandi angu-360 ngosuku, usebenza isikhathi esingangesonto unyaka ngamunye ukuze ukhokhele izinto ezebiwa abanye abantu. Ungakumela lokho? Kubantu abaphila ngempesheni noma kumama ozabalaza kanzima ukuze ondle umkhaya wakhe, ukulahlekelwa umholo wesonto lonke ngale ndlela kungabangela ubuhlungu obukhulu. Kodwa ubuhlungu abugcini lapho.

Umphakathi wonke kuleyo ndawo ungalahlekelwa kakhulu uma isitodlwana esiseduze siphoqeka ukuba sivale. Muva nje kubikwa ukuthi ukweba kuye kwabangela ukuba elinye ikhemisi elisemphakathini obumbene eMelika livalwe. Ukuze zithole imithi yazo, izakhamuzi esezigugile futhi ezigulayo manje sekufanele zihambe ibanga elingangekhilomitha nesigamu ziya kwelinye ikhemisi. “Ake ucabange-ke ukuthi kunzima kanjani ukuhamba lelo banga ngesihlalo sabakhubazekile,” kusho esinye isikhulu.

Ubuhlungu Abazali Ababuzwayo

UBruce uyindoda ephila ngezindinganiso eziphakeme zokuziphatha futhi ufundisa izingane zakhe ukuba zithembeke. Ngolunye usuku indodakazi yakhe yabanjwa yeba. Uthi: “Kwaphela nasozwaneni kimi. Ake ucabange nje ukuthi kubuhlungu kanjani ukuthola ucingo olukutshela ukuthi indodakazi yakho ibanjwe yeba esitolo. Sachitha iminyaka sikhulisa indodakazi yethu ukuba ibe umuntu onesimilo, kodwa manje yenza le nto. Sasingaphuphi nakuphupha ukuthi iyodlubulunda ngale ndlela.”

UBruce wayesehlala ekhathazeke ngale ndodakazi yakhe nekusasa layo. Ngaphezu kwalokho, wawuyeka umsebenzi wakhe wokuba uthisha wenkolo oyivolontiya. “Ngangingasithathaphi nje isibindi sokuma phambi kwebandla? Unembeza wami wawungangikhulula kanjani ukuba ngifundise ibandla ngokukhulisa izingane? Ngazibona ngingasafaneleki.” Kubonakala sengathi indodakazi yakhe ayizange icabange nakancane ukuthi ubugebengu bayo babuyomthinta kanjani uyise.

Umvuzo Wamasela

Esikhathini esidlule, lapho abaphathi bezitolo bebamba amasela eba babewayala kanzima bawadedele. Namuhla, abanikazi bezitolo ngokuvamile bayawamangalela ngisho nalapho eqala ngqá ukweba. Amasela aqala ukubona ngaleso sikhathi ukuthi izenzo zawo zokweba ziyicala elingathí sina. Intokazi egama layo linguNatalie yakubona ngokoqobo lokhu.

UNatalie uthi: “Lapho ngeba ngokwengeziwe, ngangiya ngiba nesibindi ngokwengeziwe. Ngangizitshela ukuthi ngisho noma ngingabanjwa, imali engiyokhokhela ngayo ummeli nengiyohlawula ngayo enkantoIo iyoba ubala uma iqhathaniswa nemali obekuyodingeka ngikhokhele ngayo zonke lezi zingubo zikanokusho.” Kodwa uNatalie wayenza iphutha elikhulu kakhulu.

Wabanjwa eba ingubo yokugqoka, futhi amaphoyisa amfaka ozankosi emuka naye. Lapho befika esiteshini samaphoyisa, uNatalie wagingqa izithupha wayesevalelwa esitokisini nezinye izigelekeqe. Wachitha amahora amaningi lapho elindele abazali bakhe ukuba balungise imali yebheyili.

Nakhu akushoyo uNatalie kunoma ubani ocabanga ukweba: “Ngicela usilalele iseluleko sami, mane uyithenge leyo ngubo yokugqoka noma lowo bhogadi, okuyizinto eziwubala nje.” Uthi uma ukhetha ukweba, “uyozisola isikhathi eside kabi.”

Irekhodi lobugebengu libangela ukuba umuntu azisole. Amasela ake aboshwa ngenxa yokweba ezitolo ayadumala lapho ethola ukuthi icala lawo alipheli, kodwa liyawalandela njalo liwazwisa ubuhlungu ngokuphindaphindiwe, kuhle kwebala elingasuki engutsheni yokugqoka noma ehembeni. Isela kungase kudingeke liveze amacala elake laboshelwa wona lapho lifaka isicelo sokwamukelwa eyunivesithi. Lingase libe nezingqinamba ekutholeni imisebenzi ethile, njengasemkhakheni wezokwelapha, wokuba udokotela wamazinyo, noma wokudweba amapulani. Izinkampani zingase zingabaze ukuliqasha. Futhi isela lingase libhekane nalezi zingqinamba ngisho noma selasidonsa sonke isigwebo esakhishwa inkantolo futhi lingasebi.

Ukweba ezitolo kunemivuzo ebuhlungu ngisho noma isela lingakaze libanjwe. UHector, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulolu chungechunge, wakubona ngokoqobo lokho. Uthi: “Ngangisinda njalo ngingabanjwa. Angikaze ngibanjwe ngeba.” Kodwa kukhona isikweletu esasimlindile. Ecabanga ngalokho uthi: “Ngicabanga ukuthi intsha kufanele ikhumbule into eyodwa nje vó: Uvuna lokho okutshalile. Ngisho noma amaphoyisa engeke akubambe, uyokhokha.”

Ukweba ezitolo akubona ubugebengu umuntu abenza nje kungathinteki muntu, kanti nezinto azebayo esitolo zibiza imali. Noma ubani owebayo wenza kahle uma ewushiya ngokuphelele lowo mkhuba. Kodwa isela lingawathathaphi amandla okuyeka ukweba unomphela? Ingabe lobu bugebengu buyoke buqedwe?

[Isithombe ekhasini 23]

Ukweba ezitolo kuwisa amabhizinisi

[Isithombe ekhasini 23]

Ukweba ezitolo kuthinta wonke umuntu

[Izithombe ekhasini 24]

Ukweba ezitolo kuthinta ikusasa lakho

[Umthombo]

Fingerprints: © Morocco Flowers/Index Stock Imagery

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela