Indlela Ongayeka Ngayo Ukweba Ezitolo
“Ukunciphisa izinga lokweba akuyona nje inkinga yakho kuphela, kodwa eyawo wonke umphakathi; wonke umuntu uyazuza lapho ukweba kuqedwa.”—“Every Retailer’s Guide To Loss Prevention.”
UKWEBA EZITOLO, njengeminye imikhuba emibi, kubonakala kuthonya umcabango womuntu, okumbangela ukuba azithethelele. Ngakho, njengomlimi osusa ukhula ngokuba asiphule izimpande zalo, labo abafuna ukuyeka ukweba ezitolo kudingeka basiphule izimpande zemicabango emibi. IBhayibheli kweyabaseRoma 12:2 liyayala: ‘Shintsha ingqondo yakho.’ Kanti kweyoku-1 Petru 1:14, lithi: “Yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili.” Amaphuzu alandelayo amahlanu angase amsize umuntu oweba ezitolo ukuba aguqule indlela acabanga ngayo ngokweba.
Usizo Lokulungisa Indlela Yokucabanga
◼ Okokuqala, ukweba kuwukwephula umthetho. Ukweba ezitolo kungase kube into evamile lapho isela lihlala khona, kanti lingase lisinde lingabanjwa; kodwa noma kunjalo lephula umthetho.—Roma 13:1.
Kwenzekani lapho abantu abaningi bephula umthetho? IBhayibheli lithi “umthetho uba ndikindiki.” (Habakuki 1:3, 4) Ngamanye amazwi, amandla omthetho ayaphela, kuphumele ekuwohlokeni kwesimiso somphakathi. Njalo nje lapho umuntu eba esitolo, uwohloza izisekelo zomphakathi ogcina umthetho. Lapho kwenzeka lokho, wonke umuntu uyathinteka.
◼ Okwesibili, ukweba ezitolo kwenza abantu bangathembani. Ukungathembeki okunjalo kuqeda ubuhlobo babantu kancane kancane, okwenza kube nzima ngabantu ukuba baqondane nokuba baphathane kahle ngaphandle kokubandlululana.—IzAga 16:28.
“Inkinga yami enkulu ukuthi ngibethemba kakhulu abantu.” Washo njalo owesifazane othile owayenesitolo sezingubo zokugqoka ngemva kokuwiswa amasela ayemntshontshela. Ngaphambili wayewethemba amakhasimende nezisebenzi zakhe, engasoli nakancane ukuthi bayamntshontshela. Manje ucabanga ukuthi wayethemba abantu abangathembekile.
Omunye umuntu angase aqambe amanga komunye abese onakalisa idumela lakhe kulowo muntu. Kodwa isela ngalinye eleba esitolo lenza wonke umuntu ongena esitolo ngemva kwalo abhekwe njengesela. Enza abantu abathembekile basolwe njengabangase bantshontshe. Ingabe ukhona onelungelo lokwenza lokho?
◼ Okwesithathu, lo mkhuba wokweba ezitolo ungase uholele emacaleni amabi kakhulu obugebengu. Ngokuhamba kwesikhathi, amasela angase azithole esenesibindi sokuzifaka ezingozini ezinkulu nakakhulu.—2 Thimothewu 3:13.
Ukuphela Kwalo Mkhuba Wokweba
◼ Okwesine, futhi okubaluleke kunakho konke, umuntu owebayo umelene noNkulunkulu uMninimandla onke. IZwi lakhe litshela isela ukuba ‘lingabe liseba,’ futhi lixwayisa labo abangamlaleli uNkulunkulu ngesahlulelo abayosithola. (Efesu 4:28; IHubo 37:9, 17, 20) Kodwa uJehova uyawaxolela amasela azishiyayo izindlela zawo ezimbi. Angakwazi ukuba nokuthula noNkulunkulu.—IzAga 1:33.
◼ Okwesihlanu, ukweba ezitolo, njengabo bonke obunye ubugebengu, kuzodlula ngokushesha nje. Lapho uMbuso kaNkulunkulu uqala ukulawula ngokuphelele emhlabeni njengoba kuthenjisiwe eBhayibhelini, abantu bayoba qotho futhi bathembeke komunye nomunye. Lokhu kuyosho impumuzo enkulu emiphumeleni ebuhlungu elethwa ukweba ezitolo.—IzAga 2:21, 22; Mika 4:4.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
IZINDLELA EZINGABIZI ZOKUNQANDA UKWEBA
Abanye osomabhizinisi abasafufusa bangase bangabi nayo imali eyanele yokuthenga izinhlabamkhosi ezibizayo zokuvikela impahla yabo. Kodwa lokhu akusho ukuthi akukho abangakwenza ukuze bazivikele ekuqolweni amasela. Ngokuvamile, lab’ osomabhizinisi bangavikela impahla yabo ngokuthatha izinyathelo ezithile ezilula.
Encwadini yabo abayiloba bobabili, abaseshi uMichael Brough noDerek Brown bagcizelela isidingo sokuqapha wonke amakhasimende angenayo: “Qapha wonke umuntu. . . . Wena nezisebenzi zakho ezidayisayo yinina ngokuyinhloko okufanele nivikele impahla.” Basikisela ukuba kukhulunywe nomuntu osolekayo ngale ndlela: “Ingabe usukutholile okufunayo? Ngicela uye ngaphambili emshinini, ngizokusiza.” “Ngingakusongela yini le mpahla yakho?” “Lizokulingana nje leli jezi oliphethe?” “Ngingakulethela ubhasikidi?” Laba baseshi bathi: “Lokhu kwenza ukuba amakhasimende angempela, kanye namasela, bazi ukuthi nibanakile nokuthi niyakujabulela ukubasiza.”
Maqondana nokuhleleka, bathi: “Gcwalisa isitoko emashalofini futhi ubeke izinto ngononina. Ukuqapha ngaso sonke isikhathi izinto ezisemashalofini kuyokwenza uyazi kahle yonke impahla onayo esitolo, futhi uma izinto zibekwe ngononina emashalofini kuyoba lula ukubona ukuthi kukhona obezama ukuthatha okuthile noma kukhona okuntshontshiwe.”—Every Retailer’s Guide to Loss Prevention.
Umphenyi uRussell Bintliff usikisela lokhu: “Ukugcina amaphasishi engenazo izinto eziyisithiyo kanye namashalofu egcwele kusiza izisebenzi ukuba zikwazi ukubona konke okwenzekayo njengoba amakhasimende ethenga. Ukuhambahamba ngalapho kukhona khona umuntu osolisayo, isisebenzi singakwazi ukubona okuntshontshiwe bese sizidlisa satshanyana ngakulowo muntu ukuze sibone ukuthi kukhonani enqoleni noma kubhasikidi wakhe. . . . Amasela ayovele azi ukuthi kukhona okushay’ amanzi; kanti amakhasimende angempela ayobe engaboni nakubona ukuthi kukhona isisebenzi esiwaqaphile.” Maqondana nokuhlelwa kwamaphasishi, uthi: “Kufanele uhlele amaphasishi ngendlela eyokwenza ukuthi [umnini-sitolo] nezisebenzi bakwazi ukuwabona kahle amakhasimende.”—Crimeproofing Your Business—301 Low-Cost, No-Cost Ways to Protect Your Office, Store, or Business.
[Isithombe ekhasini 25]
Ukuthembeka kwenza abantu bathembane futhi babe nobungane