Izihluthulelo Ezinhlanu Zokuthola Umsebenzi
UBANI othola umsebenzi omuhle kunayo yonke? Ingabe umuntu ofaneleka kangcono kulabo abafaka isicelo? “Cha,” kuphendula uBrian, ongumxhumanisi wezemisebenzi. “Ngokuvamile umuntu othola umsebenzi yilowo ozikhandla kakhudlwana ekuwufuneni.” Yini ongayenza ukuze uphumelele kakhudlwana ekufuneni umsebenzi? Ake sicabangele ukusikisela okuhlanu.
Hleleka
Uma ulahlekelwe umsebenzi omuhle noma usunesikhathi esithile ungasebenzi, kulula ukudangala. UKatharina, ongumthungi wezingubo eJalimane, uthi: “Lapho ngiqala ukuphelelwa umsebenzi, nganginethemba lokuthi ngizowuthola omunye. Kodwa njengoba kwakudlula izinyanga umsebenzi ungatholakali, ngaqala ukucindezeleka. Ekugcineni, ngakuthola kunzima ngisho nokuxoxa nabangane bami ngale ndaba.”
Ungalwa kanjani nemizwa yokudangala? Incwadi ethi Get a Job in 30 Days or Less, ithi: “Kubalulekile ukuba nesimiso sakho ‘somsebenzi wansuku zonke’ ukuze wazi ukuthi yini okufanele uyenze ekuqaleni kosuku.” Abalobi bale ncwadi batusa ukuthi “uzibekele imigomo yansuku zonke futhi ugcine umbhalo walokho okwenzile.” Ngaphezu kwalokho, bathi “ekuqaleni kosuku ngalunye gqoka njengomuntu olungela ukuya emsebenzini.” Ngani? “Ukugqoka ngendlela efanele kuyokwenza uzethembe kakhudlwana ngisho nalapho ukhuluma ocingweni.”
Yebo, kumelwe usukume ukuze uthole umsebenzi, kungakhathaliseki ukuthi kuthatha isikhathi eside kangakanani. UKatharina, esikhulume ngaye ngenhla, wakhetha ukusebenzisa le ndlela eqondile. Uthi: “Ngathola amakheli nezinombolo zocingo zabantu ababengase bangiqashe ehhovisi lezemisebenzi. Ngaphendula izikhangiso zamaphepha. Ngabheka ibhuku lezingcingo futhi ngenza izinhlu zezinkampani ezingase zibe nemisebenzi engakhangisiwe, ngabe sengithintana nazo. Ngabhala nencwadi yezimfanelo zami zomsebenzi [curriculum vitae] ngayithumela kulezi zinkampani.” Ngemva kwesikhathi esithile efuna ngokuzikhandla, uKatharina wawuthola umsebenzi ofanele.
Funa Ukwaziswa Ngemisebenzi Engakhangisiwe
Umdobi onenetha elikhulu cishe nguye osethubeni lokubamba izinhlanzi. Nawe-ke, uma wazi ukuthi ungalikhulisa kanjani “inetha” lakho, lokho kuyokwandisa amathuba okuthola umsebenzi. Uma ufuna umsebenzi ngokumane nje uphendule izikhangiso zamaphephandaba neze-Internet, kungenzeka ukuthi inetha lakho aliyibambi imisebenzi eminingi etholakalayo. Imisebenzi eminingi ayikhangiswa. Ungakuthola kanjani ukwaziswa ngale misebenzi engakhangisiwe?
Ngaphandle kokuphendula izikhangiso, yenza njengoKatharina, uzinike isikhathi isonto ngalinye sokuthintana namabhizinisi ocabanga ukuthi anemisebenzi ongase ukwazi ukuyenza. Ungawalindi aze akhangise ngomsebenzi. Uma umphathi ethi umsebenzi awukho, mbuze ukuthi ikhona yini enye indawo ayaziyo lapho ungazama khona nokuthi ubani okufanele ukhulume naye ngokuqondile. Uma kukhona akutusayo, cela ukubonana nabaphathi baleyo nkampani, usho igama lomuntu okuthumele kubo.
UTony, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, wawuthola ngale ndlela umsebenzi. Uyachaza: “Ngathatha isinyathelo sokuthintana nezinkampani yize zazingakhiphanga zikhangiso. Inkampani ethile yathi awukho umsebenzi okwamanje kodwa angophinde ngizame ngemva kwezinyanga ezintathu. Ngenza kanjalo, futhi ngawuthola umsebenzi.”
UPrimrose, ongumama ongayedwa eNingizimu Afrika, wenza into ethi ayifane. Uthi: “Lapho ngisenza izifundo zosizo lokuqala, ngaphawula ukuthi kwakwakhiwa isakhiwo esisha ngaphesheya komgwaqo futhi ngathola ukuthi kwakuzoba ikhaya lokunakekela asebekhulile. Ngazama ngiphindelela ukubonana nonsumpa walesi sikhungo. Ekugcineni wangitshela ukuthi awukho umsebenzi. Kodwa ngangilokhu ngiphindela ngiyothola ukuthi awukho yini umsebenzi, ngisho nowokuzithandela. Ngokuhamba kwesikhathi, banginika itoho. Ngazikhandla kunoma imuphi umsebenzi engangiwunikwa. Ngenxa yalokho, amakhono ami omsebenzi athuthuka futhi ngathola umsebenzi wesikhathi esigcwele kuleso sikhungo.”
Ungase ucele nabangane bakho, umkhaya, nabanye abantu obajwayele ukuba bakusize uthole imisebenzi engakhangisiwe. UJacobus, oyisikhulu sezokuphepha eNingizimu Afrika, wawuthola kanjalo umsebenzi. Uthi: “Lapho inkampani engangiyisebenzela iwa, ngatshela abangane nomkhaya wakithi ukuthi ngifuna umsebenzi. Ngolunye usuku umngane wami wezwa abantu bexoxa lapho esemgqeni esitolo. Owesifazane othile wayebuza omunye ukuthi ukhona yini umuntu amaziyo ofuna umsebenzi. Umngane wami wangenela engxoxweni watshela lona wesifazane ngami. Kwahlelwa ukuba sibonane, futhi ngawuthola umsebenzi.”
Vumelana Nezimo
Ukuze wandise amathuba akho okuthola umsebenzi, kumelwe uvumelane nezimo. UJaime, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, uthi: “Cishe akunakwenzeka ukuba uthole umsebenzi onakho konke okufunayo. Kufanele ufunde ukwaneliswa umsebenzi ongewona ngempela owufunayo.”
Ukuvumelana nezimo kungase kusho ukunqoba ukubukela phansi izinhlobo ezithile zomsebenzi. Cabanga ngo-Ericka waseMexico. Njengoba eqeqeshwe njengonobhala womphathi omkhulu wenkampani, ekuqaleni wayengawutholi umsebenzi awuthandayo. Uthi: “Ngafunda ukwamukela noma imuphi umsebenzi ofanelekayo. Kwaphela isikhathi esithile ngingumthengisi. Ngangithengisa nama-taco emgwaqweni ngihlanza nezindlu. Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ukuthola umsebenzi engiwufundele.”
Lapho uMary, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, ephelelwa umsebenzi njengomabhalane, naye kwadingeka azivumelanise nezimo. Uyachaza: “Angizange ngiphikelele ngithi ngifuna uhlobo olufanayo lomsebenzi engangiwenza. Ngangilandelela wonke amathuba omsebenzi engihlangana nawo, ngisho noma kwakuhilela lokho abanye abangase bakubheke njengomsebenzi ophansi. Ngenxa yalokho, ngakwazi ukuthola umsebenzi ukuze ngondle izingane zami ezimbili.”
Yiba Nencwadi Yezimfanelo Zomsebenzi Encomekayo
Kulabo abafuna imisebenzi yokuphatha, ukubhala nokuthumela incwadi yezimfanelo zomsebenzi eyenziwe ngobuchwepheshe kuyimfuneko.a Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ufuna umsebenzi onjani, incwadi yezimfanelo ebhalwe ngobuciko ingaba usizo olukhulu. UNigel, ongumxhumanisi wezemisebenzi e-Australia, uthi: “Le ncwadi ayitsheli nje abantu abafuna ukukuqasha ukuthi ungubani kuphela kodwa ibatshela nalokho obukwenza nokuthi kungani bekudinga.”
Uyibhala kanjani incwadi yezimfanelo zomsebenzi? Bhala igama lakho eliphelele, ikheli, inombono yocingo nekheli le-e-mail. Yisho umgomo wakho. Yisho izinga lakho lemfundo, ugcizelele noma ikuphi ukuqeqeshwa okutholile namakhono ahlobene nomsebenzi owufunayo. Nikeza imininingwane yokusebenza kwakho kwangaphambili. Ungabhali kuphela lokho owawukwenza kodwa nikeza nezibonelo zemigomo owayifinyelela kanye nezinzuzo owazilethela abaqashi bakho bangaphambili. Faka nezici zomsebenzi wakho wangaphambili ezikwenza uwufanelekele lowo msebenzi owufunayo njengamanje. Faka nemininingwane echaza izimfanelo zakho, izinto ozithandayo kanye nemisebenzi ozilibazisa ngayo. Ngenxa yokuthi izinkampani zinezidingo ezingafani, kungase kudingeke uyishintshe incwadi yezimfanelo zomsebenzi isikhathi ngasinye lapho ufaka isicelo.
Ingabe kufanele ube nencwadi yezimfanelo zomsebenzi uma uqala ngqá ukufuna umsebenzi? Yebo! Kungenzeka ziningi izinto osuzenzile ezingase zibhekwe njengolwazi lomsebenzi. Ngokwesibonelo, ingabe unemisebenzi yokuzilibazisa, njengokubaza noma mhlawumbe ukulungisa izimoto ezindala? Ungakubhala nalokhu. Ingabe ukhona umsebenzi wokuzithandela owake wawenza? Yisho lolo hlobo lomsebenzi nemigomo owayifinyelela.—Bheka ibhokisi elithi “Isampula Lencwadi Yezimfanelo Zomsebenzi Yalabo Abangakaze Basebenze.”
Uma ungalitholi ithuba lokuxoxa nomuntu ongase akuqashe, shiya ikhadi elincane—mhlawumbe elingamasentimitha ayishumi ubude nangu-15 ububanzi—elinegama lakho, ikheli, inombolo yocingo, ikheli le-e-mail kanye nombiko ofingqiwe wamakhono akho nezinto osuzifinyelele. Ngemuva kuleli khadi, uma kufaneleka, ungafaka ngisho nesithombe sakho noma esakho nomkhaya wakini. Leli khadi linike bonke abangase bakusize uthole umsebenzi, ubacele ukuba balinike noma ubani abamaziyo onohlobo lomsebenzi owufunayo. Uma umuntu oqashayo ebona leli khadi, angase akunike ithuba lengxoxo yomsebenzi—mhlawumbe engakuvulela ithuba lokuqashwa!
Ukubhala incwadi yezimfanelo zomsebenzi kuyokusiza ukuba uzizwe unekhono lokusingatha isimo njengoba ufuna umsebenzi. UNigel, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukubhala incwadi yezimfanelo zomsebenzi kukusiza ukuba uhlele imicabango nemigomo yakho. Futhi kukwenza uzethembe ngokukusiza ukuba ulungiselele imibuzo ongase uyibuzwe engxoxweni yokufuna umsebenzi.”—Bheka ibhokisi elisekhasini 7.
Zilungiselele Kahle Izingxoxo Zokufuna Umsebenzi
Yini ehilelekile ekulungiseleleni ingxoxo yokufuna umsebenzi? Ungase uthande ukucwaninga ngenkampani onethemba lokuyisebenzela. Uma wazi okuningi ngaleyo nkampani, uyoshiya lowo oxoxa naye enombono omuhle ngawe. Ucwaningo lwakho luyokusiza nokuba unqume ukuthi le nkampani inohlobo lomsebenzi owufunayo yini noma ukuthi uyafuna yini ukuyisebenzela.
Ngokulandelayo, cabanga ngalokho ozokugqoka uma uya engxoxweni yokufuna umsebenzi. Uma umsebenzi owufunayo uhilela ukusebenza ngezandla, gqoka izingubo ezifanele ezicocekile. Ukugqoka izingubo ezicocekile nezihlanzekile kutshela umqashi ukuthi uyazihlonipha, ngakho cishe uyoziqhenya ngomsebenzi wakho. Uma unethemba lokuthola umsebenzi wasehhovisi, khetha izingubo ezinesizotha ezibhekwa njengezifanele kwezebhizinisi endaweni ohlala kuyo. UNigel uthi: “Khetha izingubo ozozigqoka kusekude ngaphambi kokuba uye engxoxweni yokufuna umsebenzi ukuze ungabhuduzeli bese ucindezeleka ngokungadingekile ngaphambi kwale ngxoxo.”
UNigel utusa nokuba umuntu afike kusasele imizuzu engaba ngu-15 ngaphambi kwengxoxo yokufuna umsebenzi. Nokho, ukufika ngaphambi kwesikhathi ngokweqile akuhlakaniphile. Kodwa ukufika sekwephuzile kungaba inhlekelele. Ochwepheshe bathi imizuzwana yokuqala emithathu yengxoxo yakho yomsebenzi ibaluleke kakhulu. Phakathi naleso sikhashana, okubuza imibuzo ucusumbula indlela obukeka ngayo nendlela oziphatha ngayo, okuwuthonya ngokujulile umbono anawo ngawe. Uma ufika sekwephuzile, uyokubuka ngamanye amehlo. Khumbula ukuthi awunalo ithuba lesibili lokulungisa umbono owushiya ekuqaleni engqondweni yomuntu.
Khumbula futhi ukuthi umuntu okubuza imibuzo akasona isitha sakho. Phela, cishe naye kwadingeka ukuba afake isicelo ukuze athole umsebenzi wakhe, ngakho uyayazi indlela ozizwa ngayo. Empeleni, kungenzeka kwayena unovalo, ngoba kungenzeka akakuqeqeshelwanga ngokugcwele noma akakuqeqeshelwanga nhlobo ukusingatha le ngxoxo. Ngaphezu kwalokho, uma lowo muntu engumqashi, angase alahlekelwe kakhulu uma ekhetha umuntu ongafanele kulo msebenzi.
Ukuze uqale kahle, momotheka futhi umxhawule ngesandla esiqinile umuntu oxoxa naye, uma kuyileyo ndlela evamile yokubingelela. Phakathi nengxoxo, gxilisa ingqondo kulokho umqashi akufunayo kuwe namakhono ongamsiza ngawo. Ekhuluma ngezinto okufanele uzigweme, uNigel uthi: “Ungayobayobi noma ube umlembelele—ukuhlala ngendlela efanele kubonisa ukuthi uyazethemba. Ungakhululeki ngokweqile noma ukhulumele futhi, kanti inhlamba-ke yona ungayisebenzisi nangephutha. Ngale kwalokho, gwema ukugxeka abaqashi bakho bangaphambili nabantu owawusebenza nabo—uma ungakhulumi kahle ngabo, umuntu oxoxa naye cishe uyoba nomuzwa wokuthi uyokhuluma kabi nangawo lo msebenzi.”
Uma kuziwa ezintweni okufanele uzenze futhi uzisho phakathi nengxoxo, ochwepheshe batusa okulandelayo: Mbheke emehlweni umuntu oxoxa naye, shukumisa umzimba ngendlela engokwemvelo lapho ukhuluma, futhi uphimisele kahle. Hlala ephuzwini futhi uphendule imibuzo ngokwethembeka, ubuze imibuzo efanele mayelana nenkampani nomsebenzi owufunayo. Ekupheleni kwengxoxo, uma usawufuna lo msebenzi, ucele. Ukwenza kanjalo kuyobonisa ukuthi uyawushisekela.
Ngokulandela ukusikisela okuvezwe ngenhla, ungase uwuthole umsebenzi maduzane. Uma kunjalo, yini ongayenza ukuze wandise amathuba akho okuwulondoloza?
[Umbhalo waphansi]
a Kwezinye izindawo incwadi efanayo ibizwa ngokuthi i-CV, noma i-curriculum vitae.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]
Isampula Lencwadi Yezimfanelo Zomsebenzi Yalabo Abangakaze Basebenze
Igama Lakho:
Ikheli Lakho:
Inombolo Yakho Yocingo Nekheli Le-E-Mail:
Umgomo: Ngifuna isikhundla sabaqalayo emkhakheni wokukhiqiza izinto.
Imfundo: Ngaphothula eSikoleni Esiphakeme SaseZakheni, ngo-2004.
Izifundo Engazenza: Izifundo zezilimi, izibalo, ama-computer nokubaza.
Amakhono: Nginekhono elihle lokusebenza ngezandla. Ngisevisa imoto yakithi njalo. Ngake ngenza izihlalo zokhuni netafula eshabhu lasekhaya. Ngiyakujabulela ukusebenzisa ulwazi lwami lwezibalo lapho ngenza ifenisha. Ngasiza ekufuleleni isakhiwo esasakhiwa yizisebenzi zokuzithandela. Ngiyakwazi ukusebenzisa izinhlobo eziningi zama-computer futhi ngiyakujabulela ukufunda izinhlelo zawo ezintsha.
Imininingwane Yomuntu Siqu: Ngithembekile—ngaphutha izinsuku ezimbili kuphela esikoleni ngonyaka wami wokugcina. Ngiqotho—ngabuyisa isikhwama semali esasilahlekile. Nginobungane—njalo ngenza umsebenzi wokuzithandela emphakathini futhi ngiyakujabulela ukusiza asebekhulile. Ezemidlalo—ngiyakuthanda ukudlala ibhola. Imisebenzi yokuzilibazisa—ngiyakujabulela ukulungisa izimoto nokubaza.
Abantu Okungaxhunyanwa Nabo: Bangatholakala uma nibacela.b
[Umbhalo waphansi]
b Abantu okungaxhunyanwa nabo bangahlanganisa uthisha okwazi kahle noma umngane womkhaya onebhizinisi elithile. Ngokwenza amagama abo atholakale uma ecelwa, ungase usheshe ubone ukuthi umqashi unaso yini isithakazelo sokukuqasha. Qiniseka ukuthi uthola imvume kulabo obafaka kulolu hlu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Imibuzo Ongase Uyibuzwe Engxoxweni Yokufuna Umsebenzi
❑ Kungani ufaké isicelo salo msebenzi?
❑ Kungani ufuna ukusebenzela le nkampani ngokukhethekile?
❑ Wazini ngalo msebenzi/inkampani/imboni?
❑ Wake wawenza umsebenzi walolu hlobo ngaphambili?
❑ Ikhona imishini okwaziyo ukuyisebenzisa?
❑ Unaluphi ulwazi ngalolu hlobo lomsebenzi?
❑ Yimaphi amakhono onawo angaba inzuzo kulo msebenzi?
❑ Awungitshele okuthile ngawe.
❑ Imaphi amagama amahlanu ongathi akuchaza kangcono?
❑ Ungasebenza yini ngaphansi kwesimo esicindezelayo?
❑ Wawushiyelani umsebenzi wakho wangaphambili?
❑ Kungani unesikhathi eside kangaka ungasebenzi?
❑ Umqashi wakho wokugcina wayekubheka kanjani?
❑ Waphutha kangaki emsebenzini wakho odlule?
❑ Iyini imigomo yakho yesikhathi esizayo?
❑ Ungaqala nini emsebenzini?
❑ Yimaphi amakhono akho avelele?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Kuthiwani Ngezinkampani Zokuthola Imisebenzi Ezikuyi-Internet?
Enye yezingosi ezinkulu kakhulu zezemisebenzi ezikuyi-Internet e-United States inezincwadi zezimfanelo zomsebenzi zabantu abayizigidi ezingu-17 abaqashi abangakhetha kuzo kanye nohlu lwemisebenzi engaba ngu-800 000 abantu abangasebenzi abangayicabangela. Izinhlolo-vo zibonisa ukuthi abantu abangaba amaphesenti angu-96 emazweni athile bafuna umsebenzi nge-Internet. Nokho, imiphumela yocwaningo yochwepheshe basemazweni angu-40 ibonisa ukuthi abantu abangamaphesenti amahlanu kuphela kulabo abafuna umsebenzi abaye bawuthola ngale ndlela ngempela.
Ukufaka incwadi yezimfanelo zomsebenzi kuyi-Internet kwandisa inani labaqashi abaziyo ukuthi ufuna umsebenzi, kodwa kufanele uqaphe. Lokhu kwandisa nengozi yokuba yisisulu sobugebengu. Ukuze uzivikele kulokhu, ochwepheshe kulo mkhakha banikeza iseluleko esilandelayo:
1. Funda inkambiso yokugcina izimfihlo yenkampani yomsebenzi ekuyi-Internet ngaphambi kokuba ufake incwadi yezimfanelo zakho zomsebenzi. Ezinye izingosi zemisebenzi zidayisela izinkampani ezinkulu noma abanye abantu abanesithakazelo imininingwane yakho.
2. Faka incwadi yezimfanelo zakho zomsebenzi ezingosini ezimbalwa kuphela ezinedumela elihle. Kubalulekile ukuvikela imininingwane yakho ukuze ingasetshenziswa ngokungafanele. Incwadi yezimfanelo zakho zomsebenzi akufanele ibe nokwaziswa isigebengu esikudingayo ukuze sizenze wena futhi sikudalele izinkinga ezingapheli zezimali. Abaqashi abasemthethweni abayidingi inombolo ye-akhawunti yakho yasebhange, inombolo yekhadi lakho lokuthenga ngesikweletu, noma usuku oluthe ngqo owazalwa ngalo.
3. Qaphela izithembiso zomsebenzi eziwubala. UPam Dixon, ongumcwaningi kuyi-World Privacy Forum, uthi uma isithembiso singacacile kahle, ngokuvamile asilona iqiniso. Uthi: “Amagama angachazi imininingwane ngokuqondile anjengokuthi ‘Sinezinkulungwane zemisebenzi’ noma ‘Sisebenzelana nezinkampani ezinkulu’ ayisixwayiso.” Uyanezela: “Izicelo ezithi thumela ikhophi entsha yencwadi yakho yezimfanelo zomsebenzi nazo zingase zibe uphawu lokuthi kukhona okushaya amanzi.”
Khumbula, ngisho nezingosi ze-Internet ezinedumela elihle azinakukulawula okwenziwa ngencwadi yakho yezimfanelo ngemva kokuba isikopishwe umuntu ofuna ukukuqasha noma omunye umuntu onesithakazelo.
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 5]
UKUTHOLA UMSEBENZI
Zilungiselele kahle izingxoxo zokufuna umsebenzi
Yiba nencwadi yezimfanelo zomsebenzi encomekayo
Vumelana nezimo
Funa ukwaziswa ngemisebenzi engakhangisiwe
Hleleka
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuthola umsebenzi kudinga ukuphikelela nokufunisisa
[Isithombe ekhasini 8]
Ukuthatha izinto ngokujulile kuyokusiza phakathi nezingxoxo zokufuna umsebenzi