Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 7/8 k. 10-k. 11 isig. 7
  • Indlela Yokulondoloza Umsebenzi Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokulondoloza Umsebenzi Wakho
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Khulumisana Kahle Nabanye
  • Sebenzelana Kahle Nabanye
  • Thembeka
  • Bhekana Namaqiniso
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ongakwenza Ukuze Uthande Umsebenzi Onzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Izimpendulo Ezisebenzayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indlela Yokuhlakulela Umbono Onokulinganisela Ngomsebenzi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 7/8 k. 10-k. 11 isig. 7

Indlela Yokulondoloza Umsebenzi Wakho

“Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona.”—IzAga 22:29.

NJENGOBA ivesi leBhayibheli elingenhla libonisa, izisebenzi ezinekhono ngokuvamile zaziswa kakhulu. Imaphi amanye amakhono nezimfanelo abaqashi abazazisayo ezisebenzini abaziqashayo? UGeorge, ongumqondisi wezindaba zezisebenzi enkampanini enezisebenzi ezingu-700, watshela i-Phaphama!: “Siyasazisa isisebenzi esinekhono elihle lokukhulumisana futhi esisebenzelana nabanye ngobunye.” IBhayibheli liqukethe iseluleko esiphumelelayo esingakusiza ukuba uthuthukise la makhono, ngokwenza kanjalo wandise amathuba okulondoloza umsebenzi wakho. Cabangela nazi izibonelo.

Khulumisana Kahle Nabanye

Umlobi weBhayibheli uJakobe ubonisa ukuthi umsebenzi womuntu onekhono lokukhulumisana nabanye uqala ngaphambi kokuba avule umlomo. UJakobe wabhala ukuthi umuntu kufanele “asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma.” (Jakobe 1:19) Kungani lokhu kuyiseluleko esihle? USolomoni wabhala: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.” (IzAga 18:13) Yebo, ukulalelisisa umqashi wakho nezinye izisebenzi kungavimbela izingxabano futhi kungakusiza ungenzi amaphutha awubuwula.

Lapho ukhuluma, indlela okwenza ngayo nayo ibalulekile. Uma ukhuluma kahle ngezwi elizwakalayo, cishe abantu bayokuqonda kangcono futhi uyokwenza ukuba okulalele akuhloniphe lokho okushoyo. UBrian, ongumxhumanisi wezemisebenzi okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, uthi: “Uzomangala ukuthi baningi kangakanani abantu abaphelelwa umsebenzi, hhayi ngoba bengenawo amakhono omsebenzi, kodwa ngenxa yokuthi abanalo ikhono lokukhulumisana nabanye ngokuphumelelayo.”

Sebenzelana Kahle Nabanye

Uma ucabangela isikhathi osichitha nabantu osebenza nabo, akungabazeki ukuthi uyobazi kahle. Ngenxa yalokho, ungase ulingeke ukuba ubahlebe, uveze amaphutha nokushiyeka kwabo. Nokho, iseluleko seBhayibheli sithi ‘kwenze umgomo wakho ukuphila ngokuthula futhi unake izindaba zakho.’ (1 Thesalonika 4:11) Ngokwenza kanjalo, uyogwema ukuba nedumela lokuba ‘ugaxekile ezindabeni zabanye abantu.’ (1 Petru 4:15) Ngaphezu kwalokho, uyogwema ukuchitha isikhathi nokubangela izingxabano ezingadingekile phakathi kwabantu osebenza nabo.

Uma ucelwa ukuba wenze umsebenzi othile, ubokhumbula iseluleko sikaJesu esihlakaniphile: “Uma othile osegunyeni ekucindezela ukuba uhambe imayela elilodwa, hamba naye amamayela amabili.” (Mathewu 5:41) UJesu wayekhuluma ngamagunya kahulumeni, kodwa lesi simiso ngokusobala siyasebenza nasemsebenzini. Uma uba nedumela njengesisebenzi esizikhandlayo—umuntu ongahamba elinye imayela—cishe uyowulondoloza umsebenzi wakho. Kuyiqiniso ukuthi kunomngcele uma kuziwa ezintweni umqashi angazifuna kuwe ngokufanele. UJesu wathi umuntu kufanele ‘abuyisele kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Mathewu 22:21) Empeleni, lapha uJesu wayebonisa ukuthi labo abasezikhundleni zegunya akufanele bavunyelwe ukuba baphazamise izinto ezibaluleke ngokwengeziwe, njengokukhulekela uNkulunkulu.

Thembeka

Inhlolo-vo ethile yezinkampani ezingaphezu kuka-1 400 yembula ukuthi iningi labaqashi “lalibheka ukwethembeka nobuqotho njengezimfanelo ezibahlaba umxhwele kakhulu kubantu abafuna umsebenzi.” Ngokusobala, ukuthembeka kuhlanganisa ukungayebi imali noma impahla ethile kumqashi wakho. Kusho nokuthi umuntu angakhekhelezi. Ucwaningo olwenziwa yinkampani ethile yezemisebenzi lwathola ukuthi umqashwa ngamunye isonto ngalinye udla amahora angaba mane nemizuzu engu-15 ekhekheleza. Phakathi kwezinye izinto, la masela ayenomkhuba wokufika ngemva kwesikhathi, asheshe ahambe emsebenzini futhi adle ingevu nezinye izisebenzi ngesikhathi somsebenzi.

IBhayibheli liyeluleka: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe.” (Efesu 4:28) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu likhuthaza amaKristu ukuba asebenze ngokuzikhandla, ngisho nalapho abantu abanegunya bengawagadile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Balaleleni kukho konke labo abangamakhosi enu ngomqondo ongokwenyama, kungabi ngezenzo zokuthenga amehlo, njengabajabulisa abantu, kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uJehova.” (Kolose 3:22) Uma unedumela lokuzikhandla emsebenzini—ngisho nalapho ungagadiwe—uyisisebenzi esinokwethenjelwa.

Bhekana Namaqiniso

IBhayibheli labikezela ngokunembile ukuthi izikhathi zethu zaziyoba bucayi futhi kube nzima ukubhekana nazo. (2 Thimothewu 3:1) Ukuntengantenga kwesimo sezombangazwe nezenhlalo kanye nezinxushunxushu ezaziyoba khona kulezi zinsuku ngokuqinisekile kwakuyobangela ukuntenga komnotho. (Mathewu 24:3-8) Ngenxa yalokho, ngisho noma usebenzisa ukusikisela okungenhla, usengakuphelela umsebenzi.

Nokho, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kunganciphisa ukukhathazeka ngenxa yomsebenzi. UJesu wathi: “Uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasendle, ezikhona namuhla ngakusasa ziphonswe eziko, ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane? Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ . . . UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.”—Mathewu 6:30-32.

Njengezigidi zabanye abantu emhlabeni wonke, u-Ericka, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uye wakubona ukuba yiqiniso kwamazwi acashunwe ngenhla. Ufingqa indlela azizwa ngayo kanje: “Ngiyawujabulela kakhulu umsebenzi engikuwo manje. Kodwa ngenxa yalokho okwake kwangehlela ngiyazi ukuthi izinto ziyashintsha. Yize kunjalo, ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli nokuthembela kuJehova, ngiye ngafunda ukudambisa ukukhathazeka uma ngingasebenzi, ngafunda nendlela yokwaneliseka ngomsebenzi engiwutholayo.”

[Isithombe ekhasini 10]

Ukungalalelisisi emihlanganweni kungakulahlekisela umsebenzi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela