Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 11/8 k. 23-k. 26 isig. 2
  • Indlela Ongazuza Ngayo Ephephandabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongazuza Ngayo Ephephandabeni
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubaluleka Kwezindaba
  • Ukuqonda Izinselele
  • Izingcindezi Zokuzivumelanisa
  • Kudingeka Umbono Onokulinganisela
  • Ukwanelisa Isidingo Sokuzwa Izindaba
    I-Phaphama!—2005
  • Ungayethemba Yini Imithombo Yezindaba?
    I-Phaphama!—2013
  • Ingabe Ungazethemba Izindaba Ozizwayo?
    I-Phaphama!—1990
  • Ithonya Elinamandla Lamaphephandaba
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 11/8 k. 23-k. 26 isig. 2

Indlela Ongazuza Ngayo Ephephandabeni

“Umuntu ongalifundi nhlobo iphephandaba uyisiwula; kodwa uyisiwula nakakhulu umuntu okholwa yikho konke akufundayo ngoba nje kusephephandabeni.”—U-August von Schlözer, isazi-mlando nentatheli yaseJalimane yangasekupheleni kwekhulu le-18.

KWENYE inhlolo-vo eyenziwa eBrithani naseFrance kwabuzwa izinkulungwane eziningana zabantu ukuthi zizithemba kangakanani izimiso zezenhlalo ezingu-13. Imithombo yezindaba yaphuma ekugcineni, yahlulwa ngisho nayisimiso sezombangazwe namabhizinisi amakhulu. E-United States, abafundi abaningi bathi basakukholelwa okushiwo iphephandaba labo. Kodwa izinhlolo-vo ezenziwa iPew Research Center zibonisa ukuthi inani lalabo abathi basakukholelwa okushiwo amaphephandaba selehlile.

Ngokuvamile kuhlale kunezizathu ezizwakalayo zokungabaza, ikakhulu uma okushiwoyo kuhilela izinto ezithinta umphakathi wezwe okunyatheliswa kulo iphephandaba. Kwenzekani-ke lapho? Ngokuvamile iqiniso liyashalazelwa. Kunjengoba nje u-Arthur Ponsonby, isikhulu sombuso wamaNgisi ngekhulu lama-20, ake asho: “Lapho kugqashuka impi, into yokuqala elimalayo yiQiniso.”

Ngisho nalapho kungekho mpi egqashukile, kuwukuhlakanipha ukuba ungazikholelwa zonke izindaba. “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi,” kuphawula isaga seBhayibheli, “kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Uma ungumuntu oqaphile, iphephandaba ngokuvamile lingasenelisa isifiso sakho sokuzwa izindaba ozidingayo.

Ukubaluleka Kwezindaba

Imithombo yezindaba ibalulekile namuhla ngoba iyasisiza isigcine sazi ukuthi kwenzekani emhlabeni. Futhi kubaluleke kakhulu ukwazi ngezinto ezenzekayo. Ngani? Ngoba okuningi kwalokho okwenzekayo namuhla kwabikezelwa umprofethi omkhulu kunabo bonke abake baphila, uJesu Kristu. Lapho ebuzwa ngokuphela kwalesi simiso sezinto, wathi isikhathi sokuphela siyobonakala ngezimpi, ukwanda kokwephulwa komthetho, ukusweleka kokudla, izifo eziwumshayabhuqe, ukuzamazama komhlaba nezinye izenzakalo ezihlobene nalokhu.—Mathewu 24:3-14; Luka 21:7-11.

IBhayibheli libuye lithi: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” Lesi siprofetho sinezela ngokuthi phakathi nalezi ‘zinsuku zokugcina,’ abantu babeyokuba ‘abazithandayo, abathanda imali nabangalaleli abazali.’ Lithi babeyokuba abantu ‘abangenalo uthando, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.’—2 Thimothewu 3:1-5.

Akungabazeki ukuthi uyasibona lesi siprofetho seBhayibheli sigcwaliseka emphakathini wakini. Futhi lokho okwenzekayo emhlabeni jikelele—njengoba kubikwa emaphephandabeni—kumane kuqinisekisa ukunemba kweziprofetho zeBhayibheli. Ingabe lokho kusho ukuthi singakukholelwa konke esikufunda ephephandabeni? Cha, ngoba ngisho nalabo abazinikele ebhizinisini lamaphephandaba bathi kunesidingo sokuqapha.

Ukuqonda Izinselele

Wonke umuntu uyawenza amaphutha, ngisho nochwepheshe abaqotho nabanekhono kunabo bonke bayawenza. “Kuyo yonke le minyaka emithathu ngisebenza njengomhloli ozimele wamaqiniso ezindaba,” kubhala u-Ariel Hart kuyi-Columbia Journalism Review, “angikaze ngihlole indaba engenawo nhlobo amaphutha, kungakhathaliseki ukuthi ingamakhasi amahlanu noma iyizigaba ezimbili.” Uphawula izibonelo ‘ezinjengonyaka okungewona; indaba esishiywe isikhathi; ukubhalwa kabi kwamagama; indaba eyinzwabethi esakazwe kabanzi, kodwa engelona iqiniso.’

Izintatheli kumelwe zibhekane nemithombo yezindaba engathembekile. Ngezinye izikhathi, imithombo yezindaba inikezwa izindaba eziyinkohliso. Ngo-1999 umkhohlisi othile wasakaza indaba engamanga “ngepaki lokuzijabulisa elibukeka njengamathuna,” futhi ukuze asekele le ndaba yakhe, wasebenzisa ingosi ye-Internet ekhangayo yenkampani-mbumbulu yokwakha nenombolo yocingo ukuze abantu bakwazi ukumthinta, njengoba ayezishaya umkhulumeli wale nkampani. Inkampani eqoqa izindaba i-Associated Press yahluleka ukuthola ukuthi le ndaba ingamanga, futhi ngenxa yalokho amaphephandaba amaningi ansuku zonke e-United States ayibika. Kuthiwa imfihlo yokuphumelela ekukhohliseni abantu “ukuvela nendaba ethakazelisayo futhi eshaqisayo ehambisana nezithombe ezinhle kodwa ebonakala iyiqiniso.”

Ngezinye izikhathi, ngisho nezintatheli ezinezinhloso ezinhle kuyenzeka zingayitholi ngokunembile yonke imininingwane yendaba. “Ngokuvamile izintatheli zisebenza zishesha,” kuchaza umlobi othile wasePoland. “Amaphephandaba ayancintisana. Ngalinye lifuna ukuba ngungqaphambili ekubikeni udaba. Ngenxa yalokho abaningi bethu, nakuba sifisa, asikwazi ukubhala izihloko ezihlolisiswe kahle.”

Izingcindezi Zokuzivumelanisa

I-Freedom of the Press 2003—A Global Survey of Media Independence yathi cishe amazwe angu-115 kwangu-193 awanayo nhlobo inkululeko yokusebenza kwabemithombo yezindaba noma anenkululeko enemibandela. Noma kunjalo, izindaba zingase zisontwe ngendlela engabonakali ngisho nasemazweni anenkululeko yokusebenza kwabezindaba.

Ngezinye izikhathi, ezinye izintatheli zimane zingakutholi ukwaziswa okubalulekile, kuyilapho lezo ezamukelekayo zithola amathuba akhethekile okuba nezingxoxo nezazi zezombangazwe futhi zimenywa ukuba zihambe nazo lapho ziya khona. Imali etholakala ngokukhangisa nayo ingaba nethonya endleleni okubikwa ngayo izindaba. “Inkampani ekhangisayo ingase isongele iphephandaba ngokuhoxisa izikhangiso ezingenisa imali uma umhleli walo enyathelisa noma yini embi ngayo,” kuphawula intatheli yasePoland. Kanti umhleli wephephandaba elithile laseJapane waxwayisa: “Kuhle ukukhumbula ukuthi kunzima kakhulu ukuthola umbiko wezindaba oyiqiniso.”

Khona-ke ungase ubuze: ‘Uma izintatheli ezingochwepheshe zibhekana nezinkinga ezingaka ekubhaleni izindaba ezithembekile, umfundi angazi kanjani-ke ukuthi yini okumelwe ayikholelwe?’

Kudingeka Umbono Onokulinganisela

Kusobala ukuthi kudingeka ukuqonda. Inzalamizi uJobe yabuza: “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi njengoba ulwanga lunambitha ukudla?” (Jobe 12:11) Umfundi kudingeka akuhlole ngokucophelela lokho okubhaliwe ukuze athole ukuthi kuyiqiniso yini. Kuba njengokungathi uyahlola abese ekhetha ngokuhlakanipha ukuthi yikuphi okulungile. Umfundi kaJesu Kristu wangekhulu lokuqala wabatusa labo abalalela umphostoli uPawulu base behlola imithombo yezimfundiso zakhe ukuze babone ukuthi kuyiqiniso yini lokho ayekufundisa.—IzEnzo 17:11; 1 Thesalonika 5:21.

Ngokufanayo, umfundi wephephandaba angase azibuze imibuzo enjengokuthi: Siyini isizinda somlobi? Yiziphi izinto abonisa ubandlululo kuzo? Ingabe indaba ibhekisela emaphuzwini ayiqiniso abanye abangase bawahlole? Ubani ongase afune ukusonta iqiniso? Ngokuhlakanipha, umfundi angase ahlole imithombo ehlukahlukene ukuze aqiniseke. Angase akuxoxele abanye lokho akufundayo. “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha,” kuphawula isaga seBhayibheli.—IzAga 13:20.

Ngesikhathi esifanayo, ungalindeli ukuphelela. Njengoba sesibonile, kunezici ezihlukahlukene ezenza amaphephandaba ahluleke ukubika iqiniso lodwa. Noma kunjalo, angakusiza ukuba uhlale wazi ukuthi kwenzekani emhlabeni. Kubalulekile ukuba uhlale wazi ukuthi kwenzekani, ngoba lapho ekhuluma ngazo kanye lezi zikhathi esiphila kuzo, uJesu wathi: ‘Hlalani niphapheme.’ (Marku 13:33) Iphephandaba lakho lingakusiza ukuba uhlale uphapheme, nakuba kumelwe ukwamukele ukulinganiselwa kwalo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]

LAPHO IMITHOMBO YEZINDABA ICHEMA

Ngokuvamile, ukuhlanekezelwa kwamaqiniso ezindabeni kuwumphumela wokubika ngokubhuduzela noma ukwaziswa okungelona iqiniso. Noma kunjalo, lezi zindaba ezibikwe ngobuqotho zingasakaza amanga amabi ngokushesha. Kanti ngezinye izikhathi le mizamo yokusakaza ukwaziswa okungelona iqiniso isuke yenziwa ngamabomu, njengoba kwenzeka eJalimane lobuNazi lapho kusakazwa amanga ngabantu bezinhlanga ezithile nezinkolo.

Cabanga ngomphumela womkhankaso okucace zisuka nje ukuthi uhloselwe ukunyundela, owenziwe muva nje lapho kuqulwa icala eliphathelene namalungelo abantu eMoscow, eRussia. Iphephandaba laseToronto, eCanada, i-Globe and Mail labika: “Lapho amantombazane amathathu ezibulala eMoscow, umthombo wezindaba waseRussia ngokushesha nje wasikisela ukuthi angamalungu ashiseka ngokweqile enkolo yoFakazi BakaJehova.”

Izindaba ezinjengalezi zakhishwa emithonjeni yezindaba ngo-February 9, 1999, usuku inkantolo eyaqhubeka ngalo nokuqula icala elalihloselwe ukuvimbela oFakazi BakaJehova edolobheni laseMoscow. UGeoffrey York osebenza eMnyango Wezindaba we-Globe and Mail eMoscow wabika: “Kamuva amaphoyisa avuma ukuthi la mantombazane ayengahlangene nakancane naleli hlelo lenkolo. Kodwa ngaleso sikhathi isiteshi sethelevishini saseMoscow sase siwuqalile kakade umkhankaso omusha wokuhlasela leli hlelo, sitshela ababukeli ukuthi oFakazi BakaJehova babebambisene no-Adolf Hitler eJalimane lobuNazi—naphezu kobufakazi obungokomlando bokuthi izinkulungwane zabo zabulawa emakamu okuhlushwa amaNazi.”

Ngenxa yalokho, ezingqondweni zabantu abaningi abakhohlisiwe futhi okungenzeka ukuthi babesaba, oFakazi BakaJehova babeyihlelo labantu abazibulalayo noma ababambisene namaNazi!

[Isithombe ekhasini 23]

UJesu Kristu wabikezela eziningi zezinto esizibona manje ezibikwa ephephandabeni

[Izithombe ekhasini 24]

Imibiko yamaphephandaba iqinisekisa ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ziyiqiniso

[Umthombo]

FAO photo/B. Imevbore

[Isithombe ekhasini 24, 25]

Batuswa labo abahlola imithombo yezimfundiso zomphostoli uPawulu, okuyinkambo yokuhlakanipha nalapho ufunda imibiko yezindaba engavamile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela