Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 12/8 k. 19
  • Lapho Ukudla Kuphela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ukudla Kuphela
  • I-Phaphama!—2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inselele Yokondla Abantu Basemadolobheni
    I-Phaphama!—2005
  • Ukudla Kwabo Bonke Abantu—Ingabe Yiphupho Nje?
    I-Phaphama!—1997
  • 1. Thenga Ngokuhlakanipha
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Udla Kahle Ngokomoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 12/8 k. 19

Lapho Ukudla Kuphela

KWEZINYE izingxenye zomhlaba, abantu basemadolobheni bacabanga ukuthi kuyohlale kunokudla okwanele futhi okunentengo ekahle ezitolo ezisezindaweni zakubo noma ezimakethe. Lapho ukudla kukhona, abathengi bangase bangacabangi nakucabanga ngendaba yokutholakala nokuthuthwa kwako. Kodwa ngezikhathi zezinhlekelele, abantu baqala ukucabanga ngomshikashika ohilelekile ekutholeni ukudla abangakuthenga. Uma ukutholakala kokudla kuyinkinga ngandlela-thile, imiphumela ingaba yinhlekelele.

Cabangela okwenzeka ezweni laseNyakatho Afrika elinezinkinga zezomnotho. Ngenxa yokuhoxa kukahulumeni ekuxhaseni abalimi ngemali, ngokuphazima kweso intengo yesinkwa yakhuphuka ngokuphindwe kabili. Zibhikishela lokhu, izixuku ezithukuthele zagcwala imigwaqo zihamba ziphula amafasitela ezitolo zihlasela amabhange namaposi. Izwe lonke lagcwala iziyaluyalu kangangokuthi uhulumeni wakhipha amasosha ngenxa yesimo esibucayi. Njengoba amasosha ezama ukuqeda le mibhikisho, adubula izixuku futhi kubikwa ukuthi kwabulawa abantu abangu-120 kwalimala abaningi.

Ukuthi ukutholakala kokudla kungaba inkinga ngisho nasemazweni azinzile kwezomnotho kubonakala ngalokho okwenzeka eBrithani ngo-September 2000. Abantu ababhikishela intengo ephakeme kaphethiloli bavimba wonke amasango ezimbonini zokuhluza uwoyela, okwenza amaloli athutha uphethiloli angakwazi ukuphuma. Ezinsukwini ezingengaki, amagalaji ayengasenalutho, izimoto zangaba nophethiloli namaloli angaba no-diesel, futhi isimiso sokuthutha ukudla saphazamiseka. Kulo lonke izwe, izitolo nezimakethe, ngokuvamile ezithembele ekudilivelweni izinto ngesikhathi, zazingenalutho emashalofini azo.

Kunezinkinga ezihlukahlukene ezihlobene nokuthuthwa kokudla emazweni asathuthuka. Ngenxa yezizathu eziningi kakhulu—kuhlanganise nesomiso, izinhlekelele zokuntuleka kwemali, izinxushunxushu zomphakathi kanye nempi—incwadi ethi Feeding the Cities, enyatheliswa yi-Food and Agriculture Organization of the United Nations (FAO) ithi, “ngokuphindaphindiwe izinto zenziwa ngokungahleleki futhi nezindlela zokuthutha ziphazamiseka kakhulu. Lapho lezi zinto zenzeka, ngisho noma imiphumela ingase ithinte abantu bendawo kuphela noma ibe eyesikhashana, abantu abampofu yibona abahluphekayo.”

Abahlaziyi bakholelwa ukuthi ukwanda okusheshayo kwabantu basemadolobheni kuyobalethela “izinselele ezinkulu kakhulu” abantu abathengisa ukudla nabakuthuthayo. Kulinganiselwa ukuthi ngonyaka ka-2007, abantu abangaphezu kwengxenye emhlabeni wonke bayobe sebehlala emadolobheni. Ngokwe-FAO, “ukulethela [abantu abahlala emadolobheni] ukudla okulondekile nokunentengo ekahle kuyoya ngokuya kuba nezingqinamba ezinkulu kuze kufinyelele eqophelweni lapho kuyonqamuka khona ngokuphelele.”

Ukuthenga ukudla okudingayo ekhaya kuyinto ebaluleke kakhulu. Ngakho sithembeke kangakanani isimiso sokutholakala kokudla? Kungani ochwepheshe benovalo lokuthi lokhu kunezingqinamba ezingalé kwamandla omuntu? Futhi ingabe siyoke sibe khona isikhathi lapho kungekho muntu oyokhathazeka ngokuthi kuzovelaphi ukudla kosuku olulandelayo?

[Isithombe ekhasini 19]

Ukuphangwa kwezinto ngesikhathi sokuntuleka kokudla

[Umthombo]

BETAH/SIPA

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela