Ingabe Liyoke Libe Khona Izwe Elingenayo Indlala?
AKE ucabange ukuthi ubaba okhathalelayo uzizwa kanjani lapho ebona izingane zakhe zibhuqwabhuqwa indlala. Uzwa ubuhlungu obukhulu enhliziyweni yakhe. Uma kuyileyo ndlela umzali wasemhlabeni azizwa ngayo, ake ucabange-ke ukuthi uBaba wethu wasezulwini onothando uzizwa kanjani yena. Wazi kahle ngokuhlupheka kwamakhulu ezinkulungwane zabantu azithola ekulesi simo.
Naphezu kwezinhloso ezinhle zesintu zokondla abantu abalambayo emhlabeni, ngasekuqaleni kwekhulu lama-21, indlala iye yanda. Nokho, uBaba wethu wasezulwini, uJehova, angakwazi futhi uyokwenza okuthile ukuze ayiqede phakade indlala. Sazi kanjani?
IBhayibheli liyachaza ukuthi lapho uNkulunkulu ebeka u-Adamu no-Eva ensimini yase-Edene, wabanikeza konke ababekudinga ukuze balondeke, baneliseke futhi bondleke kahle. UNkulunkulu wathi kubo: “Ngininike zonke izimila eziveza imbewu ezisebusweni bawo wonke umhlaba.” UJehova wayejonge ukuba izingane zika-Adamu no-Eva ‘zigcwalise umhlaba’ nokuba isintu sonke sibe nenala yazo zonke izinto ezinhle.—Genesise 1:28, 29.
Nakuba umbhangqwana wokuqala wabantu wahlubuka kuMdali wawo wabe usulahlekelwa izibusiso zakhe, injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngesintu ayikashintshi. IBhayibheli lithi uJehova unguLowo “onika abalambile isinkwa,” futhi liqukethe iziprofetho eziningi ezibonisa ukuthi uyoziqeda ngokuphelele zonke izinkinga eziphathelene nokutholakala kokudla.—IHubo 146:7.
Lapho abafundi bakaJesu becela ukuba abanikeze isibonakaliso, noma ubufakazi ababeyobona ngabo isikhathi ayomisa ngaso uMbuso wakhe nayeyongenela ngaso ezindabeni zasemhlabeni, uJesu wabala izimo ezaziyokwandulela leso senzo sakhe sokungenela ezindabeni zomhlaba. Esinye sazo “ukusweleka kokudla.” Ukucabangela ngokucophelela amazwi kaJesu kusinikeza isiqiniseko sokuthi ukuhlupheka kwesintu kuzophela ngokushesha.a—Mathewu, isahluko 24.
Ngokuqondene nePharadesi uNkulunkulu ayoliletha, iHubo 72:16 liyaprofetha: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” Ngokuvamile, okusanhlamvu kwa-Israyeli wasendulo kwakutshalwa ezindaweni eziphakathi kwamagquma. Kodwa ezimweni ezinhle ezichazwe kulesi siprofetho, ngisho nembewu etshalwe ezindaweni eziwugwadule, ezomile futhi ezingavundile—ngokuvamile ezingatheli lutho—iyothela kakhulu. “Ngesikhathi sikaMesiya,” kusho esinye isazi seBhayibheli, “kuyoba njengokungathi yonke indawo imbozwe amasimu ajabulisayo okusanhlamvu, ngisho naphezulu ezintabeni, noma kuyoba njengokungathi kuye kwalinywa kwaze kwayoshaya phezulu esiqongweni sezintaba, kangangokuthi wonke umhlaba usumbozwe izilimo ezinhle esezilungele ukuvunwa.”
Yeka umehluko okhona phakathi kwekusasa elibikezelwa yiBhayibheli nesimo izigidi zabantu eziphila kuso namuhla! Ngempela, esikhathini esizayo esithenjiswa nguNkulunkulu, “umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.”—IHubo 67:6.
Uma ungathanda ukwazi ukuthi wena kanye nabathandekayo bakho ningakwazi kanjani ukujabulela lezi zibusiso kanye nezinye eziningi ezichazwe eziprofethweni zeBhayibheli ezenamisa inhliziyo, unganqikazi ukubuza oFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ebonisa ukuthi iziprofetho zikaJesu ziye zagcwaliseka kanjani, bheka isahluko 11 sencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe esigcwele ikhasi 26]