Nankaya!
KWASE kuqala ukuhwalala, futhi kunomoya obandayo wasekwindla. Kodwa ngokushesha nje, lokho kuzola kwaphazanyiswa umsindo omkhulu wokukhala komhlambi wamahansi. Kwathi kungakabiphi, la mahansi ayesendizela phezulu—cishe ayengaba ngu-20 futhi njengoba endiza ngobuciko eshaya namaphiko awo anamandla, ayebhala u-V omkhulu. Ngobuciko obuhlaba umxhwele, elinye ihansi lathi ukucezela ngakwesobunxele labe selibuyela emhlambini futhi. Lo mbukwane okhexisayo wangishiya ngicabanga. Lapho amahansi endiza njengomhlambi, kungani ebhala u-V? Futhi ayaphi?
Ihansi liyinyoni yamanzi, futhi lihlobene eduze nedada kanye ne-swan. Kunezinhlobo ezingaba ngu-40 zamahansi emhlabeni wonke, futhi zivame kakhulu e-Asia, eNyakatho Melika naseYurophu. Amahansi asho ngentamo ende ensundu nebala elimhlophe emqaleni okuthiwa ama-Canada goose, awuhlobo oluvame kakhulu. Amaduna asekhulile ohlobo lwama-giant Canada goose angaba nesisindo esingamakhilogremu angu-8 namaphiko angamamitha amabili ububanzi uma evuliwe. La mahansi achitha isikhathi sawo sasehlobo emajukujukwini asenyakatho njengase-Alaska nasenyakatho yeCanada abese efudukela emajukujukwini aseningizimu njengaseMexico eyochitha khona isikhathi sasebusika.
Kubaluleke kakhulu ngamahansi ukuba asazi kahle isikhathi sokufuduka. Uma efudukela enyakatho ngaphambili kakhulu kwesikhathi esifanele, amanzi ayobe eseyiqhwa kanti nohlaza luyobe luyindlala. Ngenxa yalokho, ama-Canada goose avame ukubhekisa amabombo ngasenyakatho njengoba isikhathi sonyaka siqhubeka sishintsha, futhi kuya kufudumala. Lapho efika endaweni afudukela kuyo, la mahansi ahlukana ngokwemibhangqwana, futhi ngemva kwalokho ngamunye uzifunela indawo yawo yokuzalela.
Ukundiza njengomhlambi kwenza amahansi akwazi ukubonana njalo futhi athathe isinyathelo ngokushesha lapho inyoni engaphambili ishintsha indlela, isivinini, inyukela phezulu noma yehla. Ngaphezu kwalokho, ezinye izazi zikholwa ukuthi umsinga womoya owenziwa amahansi angaphambili wenza wonke umhlambi olandela ngemuva ukwazi ukuzindizela kalula nje, okunciphisa ukuphazamiseka emoyeni. Noma ngabe yikuphi, kubonakala sengathi umhlambi ofudukayo ngokuvamile uhlanganisa imikhaya eminingana, futhi amahansi amadala ayashintshana ngokuhola.
Ngokuvamile, ama-Canada goose asebenzisa isidleke esifanayo unyaka nonyaka. Lesi sidleke sivame ukwakhiwa ngezinto ezinjengezinti, utshani nolele. Amahansi anamathela kumngane oyedwa konke ukuphila kwawo. Uma elinye kulo mbhangqwana lifa, elisaphila lingase limamukele omunye umngane. Kodwa ngokuvamile lizisalela lodwa.
Insikazi ibekela amaqanda amane kuya kwayisishiyagalombili, ewafukamela izinsuku ezingaba ngu-28. Abazali bangabavikeli abangahlehli. Lapho wona noma amachwane awo esengozini yokuhlaselwa, umbhangqwana uvuka indlobane. Ugalela kuzwakale ezitheni ngamaphiko awo.
Amachwane aqala ukukhulumisana engakachanyuselwa. Imisindo ayenzayo iyehlukahluka kusuka ekutshiyozeni okuhlabayo (okuwuphawu lokwaneliseka) kuya ekutshiyozeni okubonisa ukucindezeleka. Ukuze akhulumisane namachwane awo noma akhulumisane wona ngokwawo, amahansi asekhulile nawo enza imisindo ehlukahlukene. Empeleni, abacwaningi baye baphawula imisindo okungenani engu-13 ehlukahlukene eyenziwa ama-Canada goose.
Ngempela amahansi anikeza ubufakazi bokuthi ‘anokuhlakanipha okungokwemvelo.’ (IzAga 30:24) Yiqiniso, lonke udumo ngalokhu luya kuJehova uNkulunkulu, lowo owenza zonke izinto—kuhlanganise nezinyoni zamazulu.—IHubo 104:24.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 17]
Bewazi yini?
● Ngokushesha nje lapho esechanyuselwe, amachwane amahansi asishiya unomphela isidleke ehamba nabazali. Imikhaya ivame ukuhlala ndawonye.
● Amahansi anebala elimhlophe ekhanda kuthiwa afudukela phezulu eNtabeni i-Everest, ephakeme ngamamitha angu-8 900.
● Ezinye izinhlobo zamahansi zingandiza amakhilomitha angaba ngu-1 600 ngaphandle kokuphumula.
● Lapho endiza ngesivinini esifana nesamahansi andiza ngawodwa, amahansi andiza njengomhlambi awawashayi njalo amaphiko futhi lokho kwenza inhliziyo yawo ingashayi ngamandla.
[Umthombo]
Top left: U.S. Fish & Wildlife Service, Washington, D.C./Duane C. Anderson
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Flying geese: © Tom Brakefield/CORBIS