Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izintaba—Okwenza Ukuba Sizidinge (April 8, 2005) Ukuvakashela iGrand Tetons kwaba ngesinye sezenzakalo ezimangalisayo ekuphileni kwami. Kodwa ukufunda ngendlela izintaba ezibaluleke ngayo kwangimangaza ngempela. Manje sengizazisa ngokwengeziwe izintaba ezisemhlabeni wethu kanye noMdali owaziklama.
J. G., United States
Uma ngibona ubuhle bendalo kaJehova, ngiphelelwa amazwi okuchaza indlela engizizwa ngayo. Naphezu konya nokungcoliswa kwemvelo, umuntu usengazazisa futhi azijabulele izintaba. Ngiyakujabulela ukutshela abanye ngalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo, njengoba kuthenjiswe kumaHubo 72:16.
R. C., United States
Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Ngenze Umsebenzi Wezandla? (April 8, 2005) Ngisebenza enkampanini kababa yokupenda, kodwa othile wangitshela ukuthi kulo msebenzi akudingeki ukuba usebenzise ingqondo. Nokho, lesi sihloko sabonisa ukuthi uJesu noPawulu babesebenza ngezandla. Manje ngithole isikhuthazo sokuba ngenze umsebenzi wami ngomdlandla owengeziwe. Ngifuna ukwenza umzamo omkhulu ngize ngibe uchwepheshe kulo msebenzi ukuze ngisize ngaleli khono ekwakhiweni kwamaHholo OMhlangano namaHholo OMbuso.
M. Y., Japan
Lesi sihloko singikhuthaze kakhulu! Singikhumbuze ukuthi injongo yethu enkulu ekuphileni iwukukhonza uJehova uNkulunkulu nokuthi umsebenzi engiwukhethayo kufanele uhambisane nale njongo. Lesi sihloko esimangalisayo singishukumisele ukuba ngithuthuke ekuthatheni isinyathelo kuqala kulokho okudingeka kwenziwe ekhaya. Okubaluleke nakakhulu, lesi sihloko singisize ukuba ngithole umbono kaJehova ngomsebenzi wezandla.
Y. K., Russia
Ukuphila—Ukuhlanganiswa Kwamaketanga Okumangalisayo (January 22, 2005 ngesiNgisi) Ngineminyaka engu-15 ubudala. Ekilasini lami lesayensi yezinto eziphilayo esikoleni, sifunda ngendlela umzimba ogaya ngayo ukudla ukuze uthole amandla. Lapho ngifika nalo magazini esikoleni, uthisha wami wesayensi yezinto eziphilayo wawusebenzisa ekufundiseni ikilasi, ebonisa imidwebo ekuwo. Ngemva kwalesi sifundo, bonke baveza ukuthi bangathanda ukuthola lo magazini. Kulesi sihloko kuyacaca ukuthi uJehova unokuhlakanipha okukhulu kangakanani. Ufanelekelwa udumo ngaphandle kokuthandabuza. Angisakwazi ukulinda isikhathi lapho yonke into ephilayo iyodumisa uJehova!
Y. B., Russia
“Ukube Nje Abantu Bebazi!” (January 8, 2005) Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi izikhathi eziningi ngiye ngacabanga ngokuthuthela endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Isibonelo sikaDavid siye saqinisa ukuzimisela kwami ukuba ngithuthele ensimini enjalo uma nje ngiqeda esikoleni. Ngicela niqhubeke nibhala ngezibonelo ezikhuthaza njengalesi. Ontanga yami badinga ukukhuthazwa njalo ukuze baqhubekele phambili nomsebenzi wokushumayela.
K. O., Poland
Ngineminyaka engu-20 ubudala futhi ngakhala izinyembezi lapho ngifunda lesi sihloko. Ngacabanga, ‘Uma bengingafa ngisemncane, bengingeke ngithande ukuzisola ngenxa yokuthi angizange ngikhonze uJehova ngamandla ami onke!’ Umgomo wami uwukuba umshumayeli wesikhathi esigcwele maduzane. Lesi sihloko ngizosifaka efulemini ngisilengise odongeni ukuze ngingalokothi ngikhohlwe umuzwa engaba nawo lapho ngisifunda. Ngiyanibonga ngokunyathelisa okuhlangenwe nakho okuhle kangaka.
N. N., Japan