Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/06 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2007
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 3/06 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Umdlavuza Wesikhumba—Indlela Yokuzivikela Kuwo (June 8, 2005) Ukwaziswa okukulolu chungechunge lwezihloko kuhle kakhulu. Ngingudokotela omkhulu emtholampilo wezifo zesikhumba. Ngingathanda ukuthola amakhophi engeziwe ukuze ngiwanikeze abanye.

K. W., Denmark

Ngenxa yalesi sihloko, nganquma ukuyobona udokotela ukuze ahlole isimila esithile esasisemhlane wami. Udokotela wathi sasingase sishintshe sibe uhlobo lomdlavuza okuthiwa yisifo sikaBowen. Ngahlinzwa ngokushesha. Lolu chungechunge lwangisiza ukuba ngithathe isinyathelo ngokushesha.

S. M., Japan

Ibhokisi elisekhasini 7 langishukumisela ukuba ngicele udokotela wami ukuba ahlole enye insumpa enganginayo. Imiphumela yokuhlola yabonisa ukuthi nginomdlavuza owawusaqala, i-melanoma ebulalayo. Njengoba lo magazini wabonisa, ukube le melanoma ayizange yelashwe lapho isaqala, yayizongibulala. Ngiyambonga kakhulu udokotela wami futhi ngibonga kakhulu ngalezi zihloko ze-Phaphama!, okungenzeka yizona ezasindisa ukuphila kwami!

L. S., United States

Izihloko Ezingabukezwa Umkhaya (May 8, 2005) Ngangivame ukufunda izihloko engizithandayo kuphela, kodwa ngemva kokubona isihloko esithi “Izihloko Ezingabukezwa Umkhaya” (kumagazini wesiNgisi), ngawufunda wonke ukuze ngikwazi ukuphendula imibuzo. Ngokushesha nje kwaba umkhuba wami ukuwufunda wonke umagazini!

Y. Z., Russia

Ngalijabulela kakhulu leli khasi. Ngaphandle nje kokuthi kwakumnandi ukulifunda, langenza ngabona ukuthi kufanele ngikunake kakhudlwana engikufundayo!

D. S., Britain

Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngithambekele Kubantu Abangalungile? (August 8, 2005) Nakuba kwase kuphele iminyaka eyishumi ‘nginokuningi kokukwenza ngaso sonke isikhathi emsebenzini weNkosi,’ kubonakala sengathi ngangingakayitholi indlela yokulungisa lesi sici esibi sobuntu bami. (1 Korinte 15:58) Ngaqaphela ukuthi ngangingavuthiwe ngokomzwelo, kodwa ngangingazi ukuthi ngibhekane kanjani nale nkinga. Ngiyambonga uJehova ngezihloko ezinjengalesi, ezisisiza ukuba sikwazi ukwenza izinto ngokuphumelelayo kulesi simiso sezinto.

J. F., United States

Kulesi sihloko kuthiwa ‘singabaxwayi ngokuphelele labo abangajwayelene namaqiniso eBhayibheli.’ Ningake nithi ukulichaza leli phuzu? Kuthiwani uma umKristu ehlakulela ubuhlobo obuseduze nomuntu ongakholwa? Ingabe akufanele yini lokho kusikhathaze?

D. P., United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: Lesi sihloko sasingakhuthazi amaKristu ukuba ahlakulele ubuhlobo obuseduze nabantu abangakholwa. Empeleni, lesi simiso seBhayibheli sisebenza kunoma yisiphi isimo: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Nokho, lokho akusho ukuthi sibaxwaya ngokuphelele abangakholwa. Njengoba kwaboniswa esihlokweni, iBhayibheli lisinxusa ukuba ‘senze okuhle kubo bonke’—hhayi nje kulabo esikanye nabo okholweni. (Galathiya 6:10) Empeleni, yona kanye inkonzo yethu yobuKristu idinga ukuba sibe nesithakazelo esiqotho kubantu, sibanikeze isithunzi futhi sibahloniphe. UJesu wabeka isibonelo esihle kule ndaba. Wayengalokothi akhe ubuhlobo obuseduze nalabo ababengafuni ukwenza intando kaNkulunkulu. (Johane 15:14) Ngesikhathi esifanayo, wayeya kubantu futhi wayeyazi indlela yokukhuluma nokuxhumana nabo. Ngenxa yalokho, waba namathuba okushumayela ngokuphumelelayo. (Ngokwesibonelo, bheka ukulandisa okukuLuka 7:36-50.) NjengoJesu, singalondoloza isimo sengqondo senhlonipho ngabantu abangakholwa. Umgomo wethu uwukuba ‘sibe abalinganiselayo, sibonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela