Ukujabulela Ubungqabavu Bobusha Phakade!
KWASE kuseduze ukuba indoda eseceleni kukaJesu ife. Yanxusa: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” UJesu waphendula: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:42, 43) Yiqiniso, leyo ndoda engashiwongo ngegama yayingabulawa ukugula okubangelwa ukuguga; kodwa yayibulawelwa izenzo zayo zobugebengu. Noma kunjalo, abantu asebekhulile bangathola isikhuthazo esikhulu kulesi simo sale ndoda esinganiki themba.
Sivele sishukumiseleke ukuba siyibabaze leyo ndoda ngokubonisa kwayo ithemba ngendlela engavamile! Ngisho noma uJesu ayefa esigxotsheni sokuhlushwa eduze kwayo, leyo ndoda ayizange ingabaze ukuthi uJesu uyobusa ngokuqinisekile njengeNkosi eMbusweni kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, yacabanga ukuthi ngolunye usuku uJesu angase ayikhumbule ngomusa. Ake ucabange—leyo ndoda elahliwe iyovuselwa epharadesi elihle, lapho uJesu esebusa njengeNkosi!
Isintu sisesimweni esifanayo nesomenzi wobubi ofayo. Kanjani? Kungakhathaliseki ukuthi sineminyaka emingaki, sonke sikhokha inhlawulo yesono futhi sidinga insindiso. (Roma 5:12) Njengaleso sigebengu singaphendukela kuKristu Jesu ukuze sithole ithemba—ngisho nethemba lokukhululeka ezinkingeni ezibuhlungu umuntu aba nazo kamuva ekuphileni! Empeleni, uJesu wanikeza abantu ithemba lokuphila phakade bephelele emzimbeni nasengqondweni emhlabeni oyipharadesi.—Johane 3:16, 36.
Kwasebekhulile Nabasebasha, Konke Kuyoba Kusha
“Ngempela,” izakhamuzi zasemhlabeni ‘ziyothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula’ ngaphansi koMbuso kaKristu. (IHubo 37:11) Akekho oyothi: “Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Noma ibuphi ubuthakathaka okuye kwadingeka sibubekezelele buyoqedwa, ngoba “olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.” (Isaya 35:6) Abantu abagugile bayophinde babe nobungqabavu bobusha; inyama yabo ‘ibe yintsha kunasebusheni.’—Jobe 33:25.
Kodwa ingabe kunengqondo ukuba nethemba elinjalo? Ake ucabange ngaLowo owanikeza leyo ndoda eyayifa ithemba lePharadesi. Ezikhathini eziningi izixuku zaziletha izinyonga, izimpumputhe, izithulu nabantu abagogekile kuJesu. Wayelapha ngentshiseko “yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.” (Mathewu 9:35, 36; 15:30, 31; Marku 1:40-42) Wakubonisa ngokoqobo lokho okuyofezwa uMbuso wakhe. Waze wavusa ngisho nabantu abaningana abase beshonile. (Luka 7:11-17; Johane 11:38-44) Ngokwenza kanjalo, waqinisekisa isithembiso sakhe sokuthi “bonke abasemathuneni bayokhunjulwa futhi bayolizwa izwi layo baphume.”—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.
Ake ucabange nje usuvuka ePharadesi unomzimba omusha, ubona kahle, uzwa ukutshiyoza kwezinyoni nemisindo yabantu abajabule, izingalo nemilenze kukhululekile ezinhlungwini, futhi uphilé saka engqondweni. Ziyophela phakade “izinsuku eziyinhlekelele” zokuguga. (UmShumayeli 12:1-7; Isaya 35:5, 6) Ngisho nokufa ‘kuyokwenziwa ize’—‘kuyogwinywa kuze kube phakade.’—1 Korinte 15:26, 54.
Ukuqhathanisa izimo zezwe zanamuhla neziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi sekuseduze kakhulu ukuba kuqedwe ukuguga. (Mathewu 24:7, 12, 14; Luka 21:11; 2 Thimothewu 3:1-5) Sesisondele isikhathi lapho abantu asebekhulile ababonisa ukholo kuNkulunkulu futhi abamkhonzayo beyophinde bajabulele ubungqabavu bobusha—kodwa kulokhu, phakade!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Vivinya Lobo Buchopho!
Njengoba nje ukuvivinya umzimba kuqinisa imisipha, ukuvivinya ingqondo kulolonga ubuchopho. Ukuze sishukumise ubuchopho, kudingeka senze izinto ezintsha esingazazi. Okulandelayo kungezinye zezindlela zokushukumisa nokuqinisa ukuxhumana kwamangqamuzana obuchopho.
◼ Funda izinto ezintsha ezithakazelisayo, njengomdlalo wokufuna wamagama, imidlalo yokuphicaphicana, ubuciko, njengokuqopha amatshe; funda olunye ulimi.
◼ Zihlanganise nabantu abahlukahlukene; yiba nobudlelwano futhi uxoxe nabo ukuze uphumule ekwenzeni into eyodwa, futhi ulolonge nengqondo ukuze isebenze kahle.
◼ Hlakulela ingokomoya. “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.
◼ Funda izincwadi ezifanelekile; tshela othile ngalokho okufundile.
◼ Zama ukukhumbula futhi ulandise izindaba ozizwe emsakazweni noma kuyi-TV ukuze ulolonge inkumbulo yakho yesikhashana nehlala isikhathi eside.
◼ Sebenzisa isandla ongasisebenzisi kakhulu (isandla sobunxele uma usebenzisa esokudla) ukuze uchofoze i-remote control ye-TV, ubambe ucingo, noma uxubhe amazinyo.
◼ Sebenzisa zonke izinzwa zakho ngangokunokwenzeka usuku lonke.
◼ Funda ngezindawo ezithakazelisayo ezikude noma eziseduze bese uvakashela kuzo
[Isithombe ekhasini 8, 9]
UJesu uthembisa ukuthi izinhlungu zokuguga ziyophela ngokushesha, futhi ngemva kwalokho abantu bayojabulela ubungqabavu bobusha phakade