Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/06 k. 10-k. 13 isig. 6
  • Ukulungiselela Indodakazi Yakho Ukuya Esikhathini Okokuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulungiselela Indodakazi Yakho Ukuya Esikhathini Okokuqala
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indima Yabazali Ibalulekile
  • Isikhathi Sokuqala Izingxoxo
  • Indlela Ongayisingatha Ngayo Le Ndaba
  • Inqubo Eqhubekayo
  • Thatha Isinyathelo Kuqala
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2006
  • Ukulalela Izixwayiso Zomzimba
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Abazali Kufanele Bafundise Izingane Zabo Ngocansi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kungani Lokhu Kwenzeka Emzimbeni Wami?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 5/06 k. 10-k. 13 isig. 6

Ukulungiselela Indodakazi Yakho Ukuya Esikhathini Okokuqala

Ukuthomba kuyisikhathi soshintsho oluningi. Emantombazaneni ase- mancane, isenzakalo esiphawulekayo kule nkathi yokukhula ukuqala kokuya esikhathini.

UKUYA esikhathini okokuqala kungaba isikhathi esicindezela kakhulu emantombazaneni asemancane, futhi ngokuvamile azizwa ngezindlela ezihlukahlukene ngakho. Njengalo lonke olunye ushintsho oluhlangene nokuthomba, ukuya esikhathini okokuqala kungadida. Ngokuvamile amantombazane amaningi afikelwa ukwesaba abe nanexhala uma ecabanga ngesikhathi ayoqala ngaso ukuya esikhathini ngoba etshelwe okungeyikho noma entula ulwazi, okuyikona okuvame kakhulu.

Amantombazane asekulungele lokhu ngokuvamile awacindezeleki kakhulu lapho eseqala ukuya esikhathini. Nokho, ukuhlola kubonisa ukuthi amantombazane amaningi awakulungele lokhu. Kwenye inhlolo-vo eyayihilela abantu abavela emazweni angu-23, cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu okwaxoxwa nabo yabika ukuthi yayingazange itshelwe kusengaphambili ngokuya esikhathini okokuqala. Njengoba la mantombazane ayengakulungele, ayengazi ukuthi kumelwe enzeni lapho le nkathi ifika.

Eminye yemibiko emibi kunayo yonke ngokuya esikhathini okokuqala ivela kwabesifazane ababengafundiswanga lutho ngakho. Kokunye ukuhlola, lapho bechaza okwenzeka kubona ngesikhathi beqala, abesifazane basebenzisa amazwi anjengokuthi “kuyesabisa,” “kubuhlungu,” “kubangela amahloni” nelithi “kuyethusa.”

Ukubona nje igazi ngokuvamile kuyabethusa abantu, ngoba ukopha kuvame ukuhlotshaniswa nobuhlungu noma nokulimala. Ngakho, kuyaqondakala ukuthi kungani umuntu engase enze iphutha ahlobanise ukuya esikhathini nesifo esithile noma nokulimala, noma akubheke njengento ethile ebangela amahloni uma engazange achazelwe kahle noma alungiselelwe kusengaphambili, noma uma ethonywe imibono nezinkolelo ezivamile zabantu, noma-ke nje engumuntu onganaki.

Indodakazi yakho kudingeka yazi ukuthi ukuya esikhathini kuyinqubo evamile eyenzeka kuwo wonke amantombazane aphile kahle. Njengomzali, ungayisiza ukuba isuse konke ukwesaba noma ixhala engase ibe nalo. Kanjani?

Indima Yabazali Ibalulekile

Kukhona imithombo eminingi yokwaziswa maqondana nokuya esikhathini, njengothisha, odokotela, ukwaziswa okunyathelisiwe ngisho namabhayisikobho afundisayo. Abazali abaningi bathola ukuthi le mithombo ngokuvamile inikeza ukwaziswa okuwusizo ngale ndaba nangendlela yokuzinakekela lapho umuntu esesikhathini. Noma kunjalo, le mithombo ingase ingayiphenduli imibuzo la mantombazane angase abe nayo, ingazanelisi nezidingo zawo. Ngisho noma azi ukuthi kumelwe enzeni lapho eseqala ukuya esikhathini, amantombazane ngokuvamile awaqiniseki ukuthi kumelwe abhekane kanjani nemizwa ehlukahlukene ehlangane nokuya esikhathini.

Ogogo, odadewabo abadala nawomama ikakhulu bangasiza ngokufundisa la mantombazane asemancane ngezinye izinto ezengeziwe adinga ukuzazi futhi bawasekele ngokomzwelo. Ngokuvamile, amantombazane abheka omama njengemithombo ebaluleke kakhulu maqondana nale ndaba.

Kuthiwani ngobaba? Amantombazane amaningi azizwa enamahloni okukhuluma nobaba ngokuya esikhathini. Amanye afuna obaba basize ngokubonisa ukuqonda nokuwasekela, kuyilapho amanye ekhetha ukuba bangahileleki nhlobo.

Emazweni amaningi inani lemikhaya enobaba abangabodwa liye landa kula mashumi eminyaka ambalwa adlule.a Ngakho, obaba abaningi kuyodingeka bafunde izindlela zokubhekana nale nselele yokufundisa amadodakazi abo ngalokhu. Lab’ obaba kuyodingeka babe nolwazi oluyisisekelo ngokuya esikhathini nangendlela eshintshashintsha ngayo imizwelo nemizimba yamadodakazi abo. Obaba bangase bakhethe ukuya konina noma kodadewabo ukuze bathole usizo neseluleko esisebenzayo kule ndaba.

Isikhathi Sokuqala Izingxoxo

Emazweni asethuthukile kwezezimboni, njengase-United States, eNingizimu Korea nakwezinye izingxenye zeNtshonalanga Yurophu, isikhathi esivamile amantombazane aqala ngaso ukuya esikhathini siphakathi kweminyaka engu-12 nengu-13 ubudala, nakuba amanye engase aqale esemancane kakhulu eneminyaka engu-8, noma aqale esekhulakhulile eneminyaka engu-16 noma engu-17. Ezingxenyeni ezithile zase-Afrika nase-Asia, amantombazane avame ukuqala esekhulakhulile. Ngokwesibonelo, eNigeria avame ukuqala eneminyaka engu-15 ubudala. Kunezici eziningana ezingase zibe nethonya endabeni yokuqala ukuya esikhathini, njengofuzo, isimo sezomnotho, ukudla, ukusebenza komzimba nokuphakama kwezwe.

Kungcono kakhulu ukuba uqale ukuxoxa nendodakazi yakho ngale ndaba ngaphambi kokuba iqale ukuya esikhathini. Ngakho, izingxoxo mayelana nokushintsha komzimba nokuya esikhathini kufanele ziqale lapho isencane, mhlawumbe lapho ineminyaka engaba ngu-8 ubudala. Ungase ube nomuzwa wokuthi isencane kakhulu, kodwa uma iphakathi kweminyaka engu-8 neyishumi, kungenzeka ukuthi umzimba wayo usuqalile kakade ukukhula ngaphakathi ngenxa yokwanda kwama-hormone. Uyophawula ushintsho oluhlangene nokuthomba ngaphandle emzimbeni wayo, njengokuhlosa nokumila uboya ezingxenyeni ezithile zomzimba. Amantombazane amaningi akhula ngokushesha ngaphambi nje kokuba aqale ukuya esikhathini.

Indlela Ongayisingatha Ngayo Le Ndaba

Ngokuvamile amantombazane asezoqala ukuya esikhathini aba nelukuluku ngalokho okumelwe akulindele. Kungenzeka ukuthi aye ezwa amanye amantombazane esikoleni exoxa ngale ndaba. Aba nemibuzo, kodwa amaningi aswela indlela ekahle yokuyibuza. Angase abe namahloni ngale ndaba.

Kwenzeka okufanayo nakubazali. Nakuba omama kuyibona ngokuvamile abayimithombo eyinhloko ngale ndaba, bavame ukuzizwa benamahloni futhi bengakufanelekeli uxoxa ngayo. Mhlawumbe nawe uzizwa kanjalo. Ungaqala kanjani-ke ukuxoxa nendodakazi yakho ngokuya esikhathini?

Amantombazane asanda kweva eminyakeni engu-12 asezoqala ukuya esikhathini cishe ayoqonda kalula lapho etshelwa izinto ezilula futhi eziqondile. Izinto angase atshelwe zona zingase zihlanganise nokuthi umuntu uya kangaki esikhathini, kuthatha isikhathi eside kangakanani, noma ukuthi lingakanani igazi eliphumayo. Ngakho, lapho usaqala ukuyifundisa ngokuya esikhathini, kungangcono ukuba ugxile ezicini ezithinta indodakazi yakho ngokuqondile neziyoyisiza ukuba ikwazi ukubhekana nako. Ngaphezu kwalokho, kungase kudingeke uphendule imibuzo enjengale: Umuntu uzizwa kanjani lapho esesikhathini? noma, Yini okufanele ngiyilindele?

Kamuva, ungase uthande ukuxoxa ngemininingwane ethile maqondana nale ndaba. Ngokuvamile, ungase uthole izincwadi ezifundisayo kodokotela noma emitatsheni noma ezitolo zezincwadi. Lezi zincwadi zingase zibe usizo ekuchazeni kabanzi ngemininingwane ethile. Amanye amantombazane akhetha ukuzifundela ngokwawo lezi zincwadi. Amanye angase azizwe ekhululekile uma nizifunda ndawonye nawo.

Khetha indawo ethulile ongase uqale kuyo le ngxoxo. Qale ukhulume ngezinto ezilula eziphathelene nokukhula nokushintsha komzimba. Mhlawumbe ungase uthi: “Esikhathini esingekude kakhulu kuzokwenzeka okuthile kuwe, okuyinto eyenzeka kuwo wonke amantombazane. Uyazi ukuthi kuyini lokho?” Noma umama angase aqale ngokulandisa okwenzeka kuye siqu, njengokuthi: “Lapho ngingangawe, ngaqala ukuzibuza ukuthi kazi kwenzekani lapho umuntu eya esikhathini. Mina nabangane bami sasixoxa ngakho esikoleni. Ingabe abangane bakho sebeqalile ukuxoxa ngakho?” Thola ukuthi isinolwazi olungakanani ngale ndaba bese uzama ukuyichazela kahle ngezinto engaziqondi kahle. Kulungele ukuthi ezingxoxweni zenu zokuqala, kungase kudingeke kube nguwena ngokuyinhloko okhulumayo.

Akungabazeki ukuthi njengowesifazane wazi kahle ukuthi kunjani ukuba nexhala nokukhathazeka ngokuya esikhathini okokuqala, ngakho ungase ukhumbule okwenzeka kuwe bese ukusebenzisa lapho nixoxa ngale ndaba. Yini owawudinga ukuyazi? Yini owawufuna ukuyazi? Yikuphi ukwaziswa okwaba usizo? Qaphela ukuba ungeqisi lapho ukhuluma ngezici ezinhle nezimbi zokuya esikhathini. Kulungele ukuphendula imibuzo.

Inqubo Eqhubekayo

Ukufundisa indodakazi yakho ngale ndaba kufanele kubhekwe njengenqubo eqhubekayo, kunokuba kube yingxoxo eyenziwa kanye nje kuphela. Akudingekile ukuba ugeqe amagula ngasikhathi sinye. Ukwaziswa okuningi kakhulu kungase kuyikhungathekise intombazane esakhula. Izingane zifunda kancane kancane. Ngaphezu kwalokho, ngezikhathi ezithile kungase kudingeke ukuba uziphindaphinde izinto osuyifundise zona. Njengoba amantombazane ekhula, ayoyiqonda kangcono imininingwane eyengeziwe.

Esinye isici ukuthi isimo sengqondo samantombazane ngale ndaba siyashintsha njengoba ekhula. Ngemva kwesikhathi esithile futhi isikwejwayele ukuya esikhathini, cishe indodakazi yakho iyoba nezinye izinto ezintsha eziyikhathazayo kanye nemibuzo. Ngakho kudingeka uqhubeke uyifundisa uphendule nemibuzo yayo. Gxila kulokho okuwusizo kakhulu kuyo futhi uyichazele izinto ngokweminyaka nekhono layo lokuqonda.

Thatha Isinyathelo Kuqala

Kodwa kufanele wenzenjani-ke lapho indodakazi yakho ibonakala ingenasithakazelo sokuxoxa ngale ndaba? Kungenzeka ukuthi inamahloni okuxoxa ngezindaba zayo zangasese. Noma kungenzeka nje ukuthi idinga ukunikwa isikhathi ize ikhululeke kakhudlwana ngale ndaba, okuyoyenza ithole nendlela ekahle yokubuza. Ingase isho nokusho ukuthi seyinalo kakade ulwazi eludingayo ngalokhu.

Kokunye ukuhlola okwenziwa emantombazaneni afunda ibanga lesine e-United States, iningi lawo lalizibheka njengelikulungele ukuya esikhathini okokuqala. Nokho, lapho ebuzwa imibuzo eyengeziwe, kwahlaluka ukuthi ulwazi lwawo lwalungaphelele nokuthi kakade ayeseyamukele njengeyiqiniso imibono ehlukahlukene engaqondile esekelwe ezinganekwaneni nasemibonweni evamile yabantu. Ngakho, ngisho noma indodakazi yakho ingase ithi isikulungele ukuya esikhathini okokuqala, kusadingeka uyitshele ngokwakho ngako.

Cishe uwena okumelwe uqale futhi uqhubeke nazo lezi zingxoxo ezimfushane ngale ndaba. Empeleni, kuwumthwalo wakho njengomzali. Kungakhathaliseki ukuthi iyakuqonda yini lokho ngaleso sikhathi noma cha, indodakazi yakho iyaludinga usizo lwakho. Ungase uzizwe ucindezelekile futhi ungakufanelekeli lokhu, kodwa ungayeki. Bekezela. Akungabazeki ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, indodakazi yakho iyoqonda ukuthi ibaluleke kangakanani imizamo yakho.

[Umbhalo waphansi]

a EJapane isibalo semikhaya enobaba kuphela saphakama kakhulu ngo-2003. E-United States, umkhaya owodwa kweyisithupha enomzali oyedwa inobaba kuphela.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Kungcono kakhulu ukuba uxoxe nendodakazi yakho ngaphambi kokuba iqale ukuya esikhathini

[Ibhokisi ekhasini 13]

INDLELA YOKUXOXA NENDODAKAZI YAKHO NGOKUYA ESIKHATHINI

◼ Thola ukuthi yini esiyazi kakade. Lungisa imibono engaqondile. Qiniseka ukuthi wena nayo ninolwazi olunembile.

◼ Xoxa ngezinto owabhekana nazo. Ngokukhumbula futhi uyilandise ngezinto owabhekana nazo lapho uya esikhathini okokuqala, ungayisekela ngokomzwelo indodakazi yakho, okuyilokho ekudinga kakhulu.

◼ Nikeza ukwaziswa okuwusizo. Imibuzo evamile yamantombazane ihlanganisa nale: “Kumelwe ngenzenjani uma ngiqala ngisesikoleni ukuya esikhathini?” “Yimiphi imisubelo (sanitary pads) okufanele ngiyisebenzise?” “Kumelwe ngiyisebenzise kanjani?”

◼ Chaza amaqiniso ngendlela elula. Vumelanisa lokho ofuna ukukufundisa indodakazi yakho neminyaka nekhono layo lokuqonda.

◼ Nikeza imfundo eqhubekayo. Qala ukuxoxa nendodakazi yakho ngaphambi kokuba iye esikhathini okokuqala, futhi uqhubeke kuye ngesidingo, ngisho noma isiqalile.

[Isithombe ekhasini 12, 13]

Yiba oqondayo. Indodakazi yakho ingase ibe namahloni okuxoxa nawe ngezindaba zayo zangasese

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela