Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/06 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Umdlavuza Webele—Ongase Ukulindele Nendlela Yokubhekana Nesimo
    I-Phaphama!—2011
  • Lapho Ingane Inomdlavuza
    I-Phaphama!—2011
  • Lapho Umdlavuza Ugcinwa Uyimfihlo
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 5/06 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Indlela Yokuthola Umsebenzi Futhi Uwulondoloze (July 8, 2005) Ngiyabonga kakhulu ngokusikisela kwenu kokuthi umuntu alandelele wonke amathuba omsebenzi, ngisho noma kubonakala kuwumsebenzi ophansi. Muva nje bengifuna ukuyeka umsebenzi wasikhathi sonke ngithole itoho ukuze ngikwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni yami yobuKristu. Kodwa bengilukhetha uhlobo lomsebenzi engiwufunayo. Kamuva, nganikwa omunye umsebenzi futhi ngawuthatha. Umsebenzi ophansi wona, kodwa ngenza umzamo wokuba nganeliseke ngawo. Okungenani ngifika ekhaya ngingakhathele engqondweni, futhi ngiyakwazi ukugxila esifundweni seBhayibheli sami siqu.

M. I., Japan

USuku Luka-May—Lusho Ukuthini Kuwe? (April 22, 2005) Sengizophothula esikoleni esiphakeme, futhi minyaka yonke kuba nomkhosi woSuku Luka-May esikoleni sethu. Lapho kuprakthizwa, kugqokwa izingubo zasesiteji, futhi bonke abafundi basesikoleni bacelwa ukuba babukele. Ngangiya ngaphambili, kodwa lo mkhosi ubulokhu ukhathaza unembeza kadadewethu. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone ukuthi wayenembile! Ngiyabonga kakhulu. Lesi sihloko safika ngesikhathi esifanele!

C. C., United States

Ukulondoloza Isimo Sokwenama Lapho Ubhekene Nokugula (April 22, 2005) Sekuyiminyaka eyisithupha nginomdlavuza wama-ovary, futhi ngiye ngahlinzwa izikhathi eziningana, ngelashwa nangemithi. NjengoConchi, ngiyazama ukusekela ibandla lakithi futhi ngiye kuyo yonke imihlangano yebandla neyesigodi uma kuvuma. Umdlavuza uyisifo esiyinkinga, ngakho ngiyakwazisa okwashiwo uConchi ngendlela yokubhekana nezindaba ezibuhlungu okubonakala sengathi thina bantu abanomdlavuza sizizwa njalo kodokotela. Indaba kaConchi yangikhuthaza kakhulu!

B. F., United States

Ngiphethwe i-lupus, futhi kunesikhathi lapho ngake ngaba nenkinga yokukhohlwa. Lapho ngisalulama, ngazama ukulondoloza isimo sokwenama. Muva nje, lapho ngilaliswe esibhedlela ngenxa yokudleka kolwelwesi lwesisu, ngazama ukwenza okufanayo. Ngivumelana noConchi uma ethi, “Akumnandi ukugula, kodwa kumelwe uzame ukulondoloza isimo sokwenama.”

M. A., Venezuela

Ukubuka Okwezwe (July 8, 2005) Mayelana nesihlokwana esithi “Izithasiselo Zamavithamini Kanye Nomdlavuza” (kumagazini wesiNgisi), ngifisa ukusho ukuthi izazi eziningi zezokondleka azivumelani nalokho okushiwo uDkt. Sullivan. Imibiko yezincwadi eziningi zesayensi kanye nocwaningo oluningi kuye kwabonisa ukuthi izinto enizibalayo ziye zaba usizo ekuvimbeleni—nasekwelapheni—izinhlobo ezithile kuphela zomdlavuza. Nginomuzwa wokuthi ukunyathelisa ukwazisa okungalinganiseli njengalokhu kungalonakalisa idumela le-Phaphama! lokungathathi hlangothi.

A. B., Netherlands

I-“Phaphama!” iyaphendula: Njengoba lo mfundi ebonisa, kubonakala sengathi ucwaningo luye lwabonisa ukuthi izinto esazibala esihlokwaneni sethu ziye zabasiza abathile abanomdlavuza. Siyaxolisa ngombono oyiphutha okungenzeka abanye baye baba nawo ngenxa yokunyatheliswa kwalesi sihlokwana. I-“Phaphama!” ayithathi hlangothi uma kuziwa ezindleleni zokwelapha. Ukuthi sinyathelisa ukwaziswa kwezempilo ukuze kufundwe abafundi bethu akusho ukuthi siyakugunyaza. Ngokufanayo, lapho sicaphuna incwadi ethile noma uchwepheshe emkhakheni othile, siyaqaphela ukuthi ngokuvamile ezinye izincwadi nabanye ochwepheshe bangase babe nombono ohlukile. Sikushiyela kubafundi bethu ukuzinqumela ngesisekelo solwazi uma kuziwa empilweni yabo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela