Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/08 k. 24
  • Ubulembu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubulembu
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usilika—“Ukotini Wekhethelo”
    I-Phaphama!—2006
  • Ukufunda Ezicabucabwini
    I-Phaphama!—1992
  • “Isayensi Ifunda Emvelweni”
    I-Phaphama!—1994
  • Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 1/08 k. 24

Ingabe Baklanywa?

Ubulembu

◼ Bulula kunokotini, kodwa uma kulinganiswa igremu negremu, buqine ngaphezu kwensimbi. Sekungamashumi eminyaka ososayensi behlola ubulembu obuphothwa yizicabucabu. Baye bagxila kakhulu ohlotsheni lobulembu isicabucabu esihamba ngabo—obuqine kunazo zonke izinhlobo ezingu-7 ezenziwa yizicabucabu. Buqinile futhi buvimba amanzi ngaphezu kwemicu ekhiqizwa amacimbi, ngokuvamile esetshenziselwa ukwenza izingubo zokugqoka.

Cabanga Ngalokhu: Ukuze kwenziwe imicu ekhiqizwa yizimboni njenge-Kevlar, kudingeka amazinga aphakeme okushisa noketshezi oluyingxube oluthathwe ezithakweni zemvelo. Ngokuphambene, izicabucabu zikhiqiza ubulembu ezingeni lokushisa elilingana nelasendlini, zisebenzisa amanzi kuphela. Ngaphezu kwalokho, ubulembu izicabucabu ezihamba ngabo buqinile kune-Kevlar. Uma bebunganwetshwa bulingane nenkundla yebhola likanobhutshuzwayo, lobu bulembu bebungavimba indiza enkulu emoyeni!

Akumangalisi-ke ukuthi kungani abacwaningi behlatshwa umxhwele ukuqina kobulembu besicabucabu. U-Aimee Cunningham uyabhala kumagazini i-Science News: “Ososayensi bangathanda ukubuhlola ezintweni ezinjengezivikelo zezinhlamvu kanye nezintambo zokubamba amabhuloho alengayo.”

Kodwa ukulingisa ubulembu akuyona into elula, ngoba benziwa ngaphakathi emzimbeni wesicabucabu futhi le nqubo ayikaqondakali ngokuphelele. Lapho sicashunwa kumagazini i-Chemical & Engineering News, isazi sezinto eziphilayo uCheryl Y. Hayashi sathi: “Kuyasithobisa ngempela ukuqaphela ukuthi abantu abaningi abayizihlakaniphi bazama ukulingisa lokho izicabucabu ezisemizini yethu ezikwenza ngokwemvelo.”

Wena ucabangani? Ingabe isicabucabu nobulembu baso obuqine njengensimbi kwazivelela ngengozi, noma ingabe kuwumsebenzi woMdali ohlakaniphile?

[Isithombe ekhasini 24]

Isithombe esikhulisiwe esibonisa isicabucabu sikhiqiza ubulembu

[Umthombo]

Copyright Dennis Kunkel Microscopy, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela