Ukufunda Ezicabucabwini
INGABE uyethuka uma ubona isicabucabu? Ngisho nalabo kithi abethukayo cishe baye bamangala, ngisho nakuba bengathandi, lapho bebona ubuhle bolwembu lwesicabucabu. Abaningi kithi baye bezwa futhi ukuthi ulwembu luwumklamo omangalisayo. Kodwa kuthiwani ngento ulwembu olwakhiwe ngayo—usilika?
Sekuyisikhathi eside ososayensi nonjiniyela bedidwa osilika abakhiqizwa ezinye izicabucabu, amacimbi, nezimpukane. UChristopher Viney, uprofesa ongumsizi webioengineering nesayensi nobuchwepheshe bezinsimbi eYunivesithi yaseWashington, eU.S.A., uye wenza ukuhlola okukhethekile ngesicabucabu esiphothayo. Ngokwephephandaba laseToronto, eCanada, iGlobe and Mail, uye wathola ukuthi ezinhlotsheni ezinhlanu zikasilika okhiqizwa isicabucabu olulodwa luqine ngaphezu kwensimbi—eqinisweni, luqine ngokuphindwe kashumi kuneKevlar, imicu yokuzenzela esetshenziswa ezingutsheni ezingenakungenwa izinhlamvu, ezikebheni, nasezimotweni zempi!
Ososayensi beU.S. Army sebeye bakwazi ukuphinda ukwakhiwa kwefibroin, iprotein okwakhiwa ngayo losilika. Nokho, ososayensi bathola ukuthi akukhona nje ukwakhiwa kukasilika ngokwamakhemikhali okuwunikeza izimfanelo zawo eziphawulekayo; kuyindlela futhi isicabucabu esiphotha ngayo lekhemikhali. Emlonyeni wesicabucabu okhipha izinto zikasilika, usilika uba sesimweni samanzi ayikristalu. Amamolecule awo angamaketanga amade abizwa ngokuthi amapolymer, anamandla amakhulu. Nokho, uViney usaqiniseka ukuthi ngezinto zokwenza imicu ezikhethekile, ososayensi bayogcina befundile ukulingisa lesenzo sobungcweti.
“Izicabucabu zisasehlula,” uViney etshela iGlobe and Mail, kodwa wanezela, “Ubani owaziyo? Mhlawumbe singathuthuka ngokubukela kuzona.” Kungenzeka; noma kungenzeki. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, udumo lomklamo wokuqala luyoya njalo eMthonjeni owodwa kuphela—Lowo owadala izinto zonke, uJehova.—IsAmbulo 4:11.