Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/06 k. 10
  • Isigijimi Kumelwe Sisakazwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isigijimi Kumelwe Sisakazwe
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Izinyawo Ezibukeka Kahle Ezintabeni’
  • Indlela Ama-Inca Alahlekelwa Ngayo UMbuso Wawo Ochumayo
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuhlola Ukuchuma Kwamainca
    I-Phaphama!—1992
  • ICuzco—Inhloko-dolobha Yasendulo Yama-Inca
    I-Phaphama!—1997
  • Imigwaqo—Imizila Yempucuko
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 7/06 k. 10

Isigijimi Kumelwe Sisakazwe

NGAPHAMBI kokuba kusungulwe umshini wokushaya ucingo, ukuxhumana nabantu abakude kwakungelula futhi ngokuvamile kwakuthatha isikhathi eside, kuye ngento yokuhamba nesimo sendawo. Cabanga ngezinselele zama-Inca, ayenombuso omkhulu eNingizimu Melika.

Ngasekupheleni kwekhulu le-15 kuya ngasekuqaleni kwekhulu le-16 C.E., uMbuso Wama-Inca wawuhlanganisa nezingxenye zamazwe anamuhla ase-Argentina, Bolivia, Chile, Colombia, Ecuador kanye nasePeru, lapho kwakwakhiwe khona iCuzco, inhloko-dolobha yasendulo yalo mbuso. Kwakunzima kakhulu ukuhamba lapha ngenxa yezintaba zokhahlamba eziphakeme, amahlathi ayizinindolo kanye nokuqhelelana kwezindawo. Ngaphezu kwalokho, ama-Inca ayengenazo ezinye izilwane ezithwalayo ngaphandle kwama-llama, engenazo kwazimoto, futhi nolimi lwawo lwalungabhalwa phansi. Ayexhumana kanjani-ke pho njengoba umbuso wawo wawumkhulu nezindawo zawo ziqhelelene kangaka?

Ama-Inca enza ulimi lwawo, isiQuechua, saba ulimi olungokomthetho embusweni wawo. Akha nemigwaqo eminingi. Umgwaqo wawo wasebukhosini, noma umgwaqo omkhulu, wawunqamula amakhilomitha angaphezu kuka-5 000 ezintabeni zase-Andes, kuyilapho ubude bomgwaqo owawulinganisene nawo babungamakhilomitha angu-4 000, ugudla uGu lwasePacific. Le migwaqo emibili yayihlanganiswa eminye emincane enqamulayo. Ama-Inca akha neminye imigwaqo eyakhiwe ngamatshe eyayinezitebhisi eyayidlula ezintabeni eziwumngcingo, emabhulohweni ayenqamula emaxhaphozini, futhi akha namabhuloho abanjwa ngezintambo ayenqamula phezu kwemihosha, okwakudingeka isibindi ukuze uhambe kuwo. Elinye ibhuloho elibanjwe ngezintambo lalingamamitha angu-45 ubude, izintambo zalo zilingana nomzimba womuntu ngobukhulu, futhi lasetshenziswa iminyaka engu-500 kwaze kwaba ngo-1880!

Ama-Inca ayexhumana ikakhulu ngama-chasquis, inhlangano yabagijimi abaqeqeshiwe ababema ezindaweni eziqhelelene ngamabanga athile emizileni eyinhloko. La ma-chasquis ayegijima ngokunikezelana, ngalinye ligijima amakhilomitha amathathu noma amane futhi kuthiwa ayehlanganisa ibanga elingaphezu kwamakhilomitha angu-160 phakathi nosuku. Izigijimi eziningi ayezidlulisela ngomlomo, kodwa imininingwane yezibalo maqondana nezindaba zikahulumeni ayeyidlulisela ngethuluzi elithakazelisayo okwakuthiwa i-quipu. I-quipu yayiyinsiza-kukhumbula eyinkimbinkimbi eyayenziwe ngezindophi nezintambo ezinemibala ehlukahlukene. Lezi zintambo zazinamafindo ayemelela imivo, amashumi namakhulu. Lapho abaseSpain benqoba ama-Inca, i-quipu ayibange isasetshenziswa futhi nabantu bayikhohlwa indlela yokuyifunda.

‘Izinyawo Ezibukeka Kahle Ezintabeni’

Namuhla, kudluliselwa isigijimi esibaluleke kunazo zonke kubantu abakhuluma isiQuechua—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni womhlaba wonke oyoletha ukuthula kubo bonke abazithoba ngaphansi kokubusa kwawo. (Daniyeli 2:44; Mathewu 24:14) Kusenzima namanje ukuhamba kuleli zwe elake labuswa ama-Inca, futhi isiQuechua ngokwezinga elikhulu sisewulimi olungabhalwa phansi namanje. Kodwa oFakazi BakaJehova—abaningi babo abaye bafunda ukukhuluma isiQuechua—bayakujabulela ukusakaza izincwadi ezibhaliwe namakhasethi ezincwadi ngezilimi ezihlukahlukene zezigodi zanamuhla, futhi ezisuselwa kulolu limi.

Umsebenzi walaba bashumayeli bevangeli usikhumbuza amazwi aphefumulelwe: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono.”—Isaya 52:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela