Indlela Yokubhekana Novivinyo Lokuminyana Kwezimoto
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN
KUFANELE ubonane nodokotela ngesikhathi esithile, ngakho usuka ekhaya uzitshela ukuthi unesikhathi esanele sokufika singakashayi isikhathi. Kodwa awuzange usibale esokubanjezelwa yizimoto eziningi emgwaqweni. Njengoba isikhathi sihamba nemoto yakho ihamba kancane, uya ngokuya uba nexhala. Ekugcineni, ufika kudokotela sekudlule isigamu sehora.
Phakathi kwezinto ezikhathaza kakhulu ngokuphila emadolobheni ukuminyana kwezimoto, ikakhulukazi lapho zihamba kancane okuminyanisa imigwaqo kungcolise nomoya. Ngokudabukisayo, le nhlupheko yansuku zonke yezigidi zabantu abahlala emadolobheni ayibonakali iyoke iphele.
I-Texas Transportation Institute yabika lokhu mayelana ne-United States: “Ukuminyana kuye kwanda kuzo zonke izindawo, kungakhathaliseki ubukhulu bazo.” Lo mbiko wenezela nokuthi iziphathimandla ziyehluleka ukuletha izisombululo ezifanele ukuze kubhekwane nezimfuno zabantu abahamba emadolobheni. Siyafana isimo emhlabeni wonke. Muva nje izinkulungwane zabashayeli eChina zizithole zisemgwaqweni ominyene izimoto ibanga elingamakhilomitha ayikhulu, okuthathe amaphoyisa izinsuku eziningana ukukuqeda. EMexico City kungathatha amahora amane ukunqamula idolobha elingamakhilomitha angu-20—okuyisikhathi eside kakhulu kunaleso umuntu ohamba ngezinyawo abengasithatha ukuhamba leli banga.
Akunzima ukuthola ukuthi kungani imigwaqo yasemadolobheni iminyana. Amadolobha ayaqhubeka ekhula ngokunganqamuki, futhi manje cishe ingxenye yabantu emhlabeni wonke ihlala ezindaweni ezisemadolobheni. Njengoba amadolobha ekhula, nesibalo sezimoto siyakhula. Omunye umbhali wakubeka ngale ndlela: “Baningi kakhulu abantu futhi banezimoto eziningi kakhulu, kanti bonke bafuna ukuzishayela kuyo le ndawo encane.”
Okwenza Kube Nzima Ukuxazulula Inkinga Yokuminyana Kwezimoto
Ukuthembela kwesintu ezimotweni kusho ukuthi amadolobha kufanele abhekane nesibalo esikhulayo sezimoto. Idolobha laseLos Angeles, e-United States, elinabantu abangaba yizigidi ezine, manje selinezimoto eziningi kunabantu! Kungenzeka ukuthi amanye amadolobha awakafinyeleli lapho njengamanje, kodwa ambalwa kakhulu angabhekana nokunqwabelana kwezimoto okukhulayo. Umongameli we-Urban Commission yaseMadrid, uCarlos Guzmán, uthi: “Amadolobha awaklanyelwe izimoto.” Amadolobha amadala anemigwaqo emincane aminyana kakhulu, kodwa ngisho nasemadolobheni esimanje, imigwaqo ebanzi iyashesha ukuminyana, ikakhulukazi ekuseni nantambama. Embikweni wakhe onesihloko esithi “Izinkinga Zanamuhla Zezokuthutha,” uDkt. Jean-Paul Rodrigue wathi: “Amadolobha amakhulu aminyana cishe usuku lonke manje, futhi kuya ngokuya kuba kubi kakhulu.”
Njengoba izimoto zidayiswa ubuthaphuthaphu ukwedlula indlela ohulumeni abakha ngayo imigwaqo emikhulu, ukukhula ngokushesha kwesibalo sezimoto kungaminyanisa ngisho nemigwaqo ehlelwe kahle kakhulu. Incwadi ethi Stuck in Traffic—Coping With Peak-Hour Traffic Congestion, iyachaza: “Ukwakha imigwaqo emisha noma ukunweba ekhona akukunciphisi nganoma iyiphi indlela ukuminyana kwezimoto okuba khona ngezikhathi ezimatasa.”
Ukungabikhona kwezindawo ezanele zokupaka nako kubangela ukuminyana. Nganoma yisiphi isikhathi, izimoto eziningi ezihambahamba emigwaqweni yedolobha zisuke zifuna indawo yokupaka. Kucatshangelwa ukuthi ukungcola komoya okubangelwa ukuminyana kwezimoto—ikakhulukazi emadolobheni—kubangela ukufa kwabantu abangaba ngu-400 000 njalo ngonyaka. Ngokombiko othile, ukungcola komoya eMilan, e-Italy, kubi kangangokuthi ukuphefumula umoya emigwaqweni yasedolobheni kulingana nokubhema ogwayi abangu-15 ngosuku.
Izindleko ezibangelwa ukuminyana kwezimoto kufanele zilinganiswe ngamahora alahlekayo nangokucindezeleka abashayeli ababa nakho. Kunzima ukulinganisa ukuthi kuba ngakanani ukucindezeleka, kodwa ucwaningo oluthile olwenziwa e-United States lwalinganisela ukuthi izindleko ezingokomnotho ezibangelwa ukuminyana kwezimoto emadolobheni angu-75 amakhulu kulelo zwe zifinyelela kuma-dollar angaba yizigidi eziyizinkulungwane ezingu-70 (amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-500) ngonyaka. Ingabe kukhona okungenziwa ukuze kulungiswe lesi simo?
Ezinye Izindlela Ezidambisa Le Nkinga
Amadolobha ahlukahlukene asethathe izinyathelo ezinqala. ISingapore, okungelinye lamazwe anokuminyana okukhulu kwezimoto emhlabeni, ilawula inani lezimoto ezingadayiselwa abathengi. Amadolobha aziwayo kwezomlando, kuhlanganise namadolobha amaningana ase-Italy, aye azivala ngokuphelele izimoto ukuba zingene edolobheni phakathi nengxenye enkulu yosuku.
Isisombululo esaphakanyiswa amanye amadolobha “ukukhokhela ukuminyana,” lapho abashayeli kudingeka ukuba bakhokhe ukuze bangene edolobheni. ELondon, lolu hlelo lukwazile ukunciphisa ukuminyana emigwaqweni ngamaphesenti angu-30, futhi namanye amadolobha kubonakala ezimisele ukulandela le ndlela. Ezindaweni ezinjengeMexico City, eMexico, izimoto zivunyelwa ngezinsuku ezithile kuphela ukungena edolobheni, kuye ngezinombolo zazo.
Abaphathi bamadolobha baye bafaka imali eningi ekuthuthukiseni izinto zokuhamba zomphakathi, imigwaqo emikhulu, nokwakha imigwaqo ewazungeza ngaphandle amadolobha. Basebenzisa izinhlelo zama-computer ukuze balawule amarobhothi futhi batshele amaphoyisa ukuba ayoxazulula ukuminyana okubangelwa izingozi ngokushesha. Imizila yemigwaqo egcinelwa amabhasi kuphela nemigwaqo eshintshashintsha ukugeleza kwezimoto ngokwesidingo sangaleso sikhathi, nakho kuyasiza ekuhambeni kwezimoto kalula. Kodwa impumelelo isancike kakhulu ekubambisaneni kwezakhamuzi.
Yini Ongayenza Wena Siqu?
UJesu Kristu wathi kufanele ‘wenzele abanye lokho othanda ukuba bakwenzele kona.’ (Mathewu 7:12, Today’s English Version) Lesi seluleko esihlakaniphile singasiza ekudambiseni izinkinga ezinkulu zokuminyana kwezimoto. Ngakolunye uhlangothi, uma wonke umuntu ezicabangela yena, ngisho nezindlela ezihlelwe kahle ngeke ziphumelele. Nakhu ukusikisela okumbalwa okungakusiza ukuba ubhekane kangcono nokuminyana kwezimoto edolobheni lakini.
Uma uya eduze, ukuhamba ngezinyawo noma ngebhayisekili kungaba yisisombululo esingcono kakhulu. Ezimweni eziningi, noma yikuphi kulokhu kungashesha, kube lula, futhi kube nempilo. Uma uya kude, ukuhamba ngezinto ezithutha umphakathi kungaba ngcono kakhulu. Amadolobha amaningi azama ukuthuthukisa izinkonzo zamabhasi nezitimela ukuze kuhehwe abantu ukuba bashiye izimoto. Ukusebenzisa lezi zinkonzo kungonga nemali. Ngisho noma kungase kudingeke uhambe ngemoto ibanga elithile, ungazisebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi ukuze ungene edolobheni.
Uma kudingeka ukuba uhambe ngemoto, cabangela amathuba okuhamba ngamaqembu. Lena ngenye yezindlela ezisebenza kakhulu ekunciphiseni ukuminyana kwezimoto. E-United States, amaphesenti angu-88 abantu abasebenzayo basebenzisa izimoto, futhi cishe ababili kwabathathu basuke behamba bodwa. Ukukholisa inani elikhulu labantu ukuba bahambe ndawonye lapho beya emsebenzini “kungakunciphisa ngokuphawulekayo ukubambezeleka nokuminyana ngezikhathi ezimatasa,” kusho incwadi ethi Stuck in Traffic. Ngaphezu kwalokho, ezindaweni eziningi kunemizila yezimoto ezigijimayo egcinelwe kuphela izimoto ezinabantu ababili noma ngaphezulu. Izimoto ezinomuntu oyedwa azivunyelwe ukusebenzisa le mizila.
Uma ukwazi ukulawula isikhathi ohamba ngaso, zama ukugwema isikhathi sokuminyana kwezimoto emgwaqweni. Lokhu kuyokwenza izinto zibe lula kuwe nakwabanye abahamba ngezimoto. Uma upaka ngendlela efanele, imoto yakho ngeke ivimbele ukuhamba kahle kwezinye izimoto emgwaqweni. Kuyiqiniso, ngisho nokuhlela kahle akuqinisekisi ukuthi ngeke uzithele ezimotweni eziminyene. Ngezikhathi ezinjalo, ukuba nesimo sengqondo esifanele kungakusiza ukuba ungacindezeleki.—Bheka ibhokisi elihambisana nale sihloko.
Kuyacaca ukuthi uma uhlala edolobheni elikhulu, kuyodingeka uphile nokuminyana kwezimoto. Noma kunjalo, ngokuthatha izinyathelo ezifanele nokubonisa inhlonipho nokubekezelela abanye abashayeli, ungafunda ukubhekana novivinyo lokuminyana kwezimoto.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
Ukuhlala Uzolile Esiminyaminyeni Sezimoto
UJaime, ongumshayeli wethekisi eMadrid, eSpain, uneminyaka engaphezu kwengu-30 ephila nokuminyana kwezimoto. Nansi indlela azigcina ngayo ezolile ezimweni ezicasulayo:
◼ Ngiphatha okuthile engizokufunda. Ngakho-ke lapho izimoto ziminyene kakhulu zingahambi, angikhungatheki kakhulu.
◼ Uma izimoto zihamba kancane, ngilalela izindaba emsakazweni wemoto noma ikhasethi eliqoshiwe leBhayibheli. Ngale ndlela ngiba nokuthile engingacabanga ngakho kunokuminyana kwezimoto.
◼ Ngokuvamile, angiyisebenzisi ihutha, ngoba imane nje iphazamise abanye futhi ayifezi lutho. Ngokuhlonipha abanye abashayeli, ngiyakugwema ukucindezeleka ngisize nabanye ukuba benze kanjalo.
◼ Ngiyazama ukwehlisa umoya lapho ngihlangana nabashayeli abathukuthele, futhi ngiyaqhela kubo. Akukho okwedlula ukubekezela.
◼ Nakuba ngizama ukuthola ezinye izindlela zokuhamba, ngiyabatshela abantu engibathwalayo ukuthi ngezinye izikhathi ukuminyana kwezimoto kuyobabambezela. Ukushayela edolobheni akwenzi kube lula ukufika ngesikhathi njalo lapho uya khona.