Intsha Iyabuza. . .
Kuthiwani Uma Ngimenyelwa Ukuba “Ngixhumane” Nothile?
“Izingane zixhumana nabathile ukuze nje zibone ukuthi zingagcinaphi nokuthi zingalala nabantu abangaki.”—UPenny.a
“Abafana abanawo amahloni okukhuluma ngakho. Baqhosha ngentombi abanayo, kodwa baya ocansini namanye amantombazane amaningi.”—U-Edward.
“Labo abake bangimemela ukuba ngixhumane nabo, bangitshela emehlweni nje. Ukwenqaba akubavimbi!”—U-Ida.
KWAMANYE amazwe lokhu kubizwa ngokuthi ukuxhumana (hookups). Kwezinye izindawo kwaziwa ngelinye igama. Ngokwesibonelo, u-Akiko osemusha uthi eJapane kuthiwa ‘ukuzikhipha.’ Uthi: “Kukhona negama elithi sefre elisho ‘umngane wocansi.’ Ukuya ocansini yisona sizathu sobungane benu.”
Noma bangakubiza kanjani, incazelo iyafana—ukulala nomuntu eningenazo izibopho zothando naye.b Enye intsha ize iqhoshe ngokuba nalokho ekubiza ngokuthi “abangane abazuzisayo”—abantu ejwayelene nabo engalala nabo ngaphandle “kwenkinga” yokuthandana. Owesifazane othile osemusha uthi: “Ukuxhumana kumane nje kuyindaba yenjabulo yangaleso sikhathi. Uthola lokho okufunayo, ngemva kwalokho ungavele uzihambele.”
NjengomKristu, kufanele ‘ububalekele ubufebe.’c (1 Korinte 6:18) Njengoba ukwazi lokhu, cishe wenza konke okusemandleni ukuze ugweme izimo ezingakufaka enkingeni. Nokho, ngezinye izikhathi, izinkinga ziyazizela kuwe. UCindy uthi: “Baningi abafana asebeke bangicela ukuba ngixhumane nabo esikoleni.” Kungenzeka into efanayo nasemsebenzini. UMargaret uthi: “Umphathi wami wangimema ukuba ngixhumane naye. Wangibelesela kangangokuba ngaze ngawushiya umsebenzi!”
Ngakolunye uhlangothi, ungamangali uma uzizwa ulingeka. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.” (Jeremiya 17:9) Intombazane egama layo linguLourdes yakuthola kuyiqiniso lokhu. Iyavuma: “Ngangiyithanda insizwa eyangimemela ocansini.” UJane naye wehlelwa yinto efanayo. Uthi: “Imizwa yami yayinamandla. Ukwenqaba kwakungenye yezinto ezinzima kakhulu osekuke kwadingeka ukuba ngizenze.” U-Edward, ocashunwe ngaphambili, naye uyavuma ukuthi ukuhlala umsulwa akulula. Uthi: “Maningi amantombazane aye angimemela ocansini, futhi ukwenqaba kuyimpi enzima engibhekene nayo njengomKristu. Kunzima ukuthi cha!”
Uma uke wazizwa njengoLourdes, uJane no-Edward kodwa wenza okuhle emehlweni kaJehova uNkulunkulu, kufanele unconywe ngokwenza okuhle. Kungase kukududuze ukwazi ukuthi nomphostoli uPawulu wabhekana nempi eqhubekayo yokulwa nezifiso ezingafanele.—Roma 7:21-24.
Yiziphi izimiso zeBhayibheli okufanele uzikhumbule lapho umenyelwa ubulili obungenazibopho?
Qonda Ukuthi Kungani Ubulili Obungenazibopho Bungalungile
IBhayibheli liyabulahla ubulili ngaphandle komshado. Ngokuqinisekile, ubufebe buyisono esikhulu kangangokuthi labo ababenza umkhuba “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Ukuze umelane nesilingo sokuhileleka ebulilini obungenazibopho, kufanele ubheke lo mkhuba ngendlela uJehova awubheka ngayo. Kufanele uzikhethele wena ukuba msulwa.
“Ngikholelwa kakhulu ukuthi indlela kaJehova iyindlela engcono kakhulu yokuphila.”—UKaren, eCanada.
“Umuntu angalahlekelwa okuningi uma engayinaki imithetho kaJehova yokuziphatha ngenxa nje yenjabulo yesikhashana.”—UVivian, eMexico.
“Khumbula ukuthi uyindodana noma indodakazi yothile, ungumngane wabantu abaningi, futhi uyilungu lebandla. Uyobaphoxa bonke laba bantu uma uvumela ukuthonyeka!”—UPeter, eBrithani.
Umphostoli uPawulu wabhala: “Qhubekani niqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.” (Efesu 5:10) Ngokuba nombono kaJehova ngobufebe, uyokwazi ‘ukuzonda okubi,’ ngisho noma kungase kukhange enyameni engaphelele.—IHubo 97:10.
◼ Ongase ukufunde: Genesise 39:7-9. Qaphela indlela uJosefa amelana ngayo nesilingo sobulili ngesibindi nokuthi yini eyamenza wakwazi ukumelana naso.
Zigqaje Ngezinkolelo Zakho
Akuyona into engavamile ukuba intsha ikumelele ngokuziqhenya lokho ekukholelwayo. NjengomKristu, unelungelo lokulwela igama likaNkulunkulu ngokuziphatha kwakho okuyisibonelo. Ungabi namahloni ngombono wakho ongenakuzanyazanyiswa wobulili ngaphambi komshado.
“Kwenze kucace zisuka nje ukuthi unezindinganiso zokuziphatha.”—U-Allen, eJalimane.
“Ungabi namahloni ngezinkolelo zakho.”—U-Esther, eNigeria.
“Ontanga yakho ngeke bawuhloniphe umbono wakho endabeni yokuxhumana uma usho into efana nokuthi, ‘Abazali bami ngeke bangivumele ukuba ngiqome.’ Kufanele ubenze bazi ukuthi nguwe ongenasithakazelo sokubaqoma.”—UJanet, eNingizimu Afrika.
“Abafana engangifunda nabo esikoleni esiphakeme babengazi ukuthi ngingubani, futhi babazi ukuthi imizamo yabo ngeke iphumelele.”—UVicky, e-United States.
Ukumelela izinkolelo zakho kuwuphawu lokuthi usuqala ukuba umKristu ovuthiwe.—1 Korinte 14:20.
◼ Ongase ukufunde: IzAga 27:11. Bona indlela izenzo zakho ezingalwela ngayo into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni—ukungcweliswa kwegama likaJehova!
Qina!
Kubalulekile ukwenqaba. Kodwa abanye bangase bakuqonde kabi ukwenqaba kwakho bacabange ukuthi “uzenza ongathandi.”
“Ukwenqaba kungase kubhekwe njengenselele, isihibe nje okufanele sinqotshwe, kwenze umuntu aphikelele.”—ULauren, eCanada.
“Yonke into ngawe—kuhlanganise indlela ogqoka ngayo, okhuluma ngayo, abantu okhuluma nabo, nendlela oziphatha ngayo kwabanye—kufanele ibonise ukuthi uyenqaba.”—UJoy, eNigeria.
“Kufanele wenqabe ngokuqinile futhi ucace.”—UDaniel, e-Australia.
“Qina! Lapho insizwa ethile izama ukungicela ngathi: ‘Awungiyeke!’ futhi ngasuka ngahamba ngingahleki.”—U-Ellen, eBrithani.
“Kufanele ucacise ukuthi uthini, usho ukuthi awunaso isithakazelo futhi ngeke ube naso. Lesi akusona isikhathi sokuzenza othobekile!”—UJean, eScotland.
“Omunye umfana waqhubeka engihlupha ngokungimema nangezinkulumo zokungichwensa. Safika isikhathi lapho kwadingeka khona ukuba ngiqine kakhulu. Yilapho-ke ayeka khona ukungihlupha.”—UJuanita, eMexico.
“Kufanele ukwenze kucace ukuthi akusoze kwenzeka. Ungalinge wamukele izipho kubafana abazama ukukudonsela ophathe. Bangakusebenzisa lokho ukuze bakubambe, kube sengathi ubakweleta okuthile ngenxa yalokho abakunike kona.”—ULara, eBrithani.
UJehova uyokusiza uma uzibonakalisa uqinile. Ngenxa yokuhlangenwe nakho kwakhe, uDavide washo lokhu ngoJehova: “Koqotho wena uyokwenza ngobuqotho.”—IHubo 18:25.
◼ Ongase ukufunde: 2 IziKronike 16:9. Qaphela ukuthi uJehova ukulangazelela kangakanani ukusiza labo abanezinhliziyo eziphelele kuye.
Sebenzisa Ukuqonda
IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ungasithatha kanjani lesi seluleko? Ngokusebenzisa ukuqonda!
“Zihlukanise ngokuphele nabantu abakhuluma ngezinto ezinjalo.”—UNaomi, eJapane.
“Gwema abangane nezimo ezingaba yingozi. Ngokwesibonelo, kunabathile engibaziyo abagcina bewele esilingweni lapho sebephuze utshwala.”—U-Isha, eBrazil.
“Ungabanikezi abantu imininingwane yakho, njengekheli noma inombolo yocingo.”—UDiana, eBrithani.
“Ungavele nje ukhululeke ukugaxana nofunda nabo.”—U-Esther, eNigeria.
“Yiqaphele indlela ogqoka ngayo. Izingubo zakho akufanele zivuse inkanuko.”—UHeidi, eJalimane.
“Ukuba nobuhlobo obuhle nabazali bakho nokukhuluma nabo ngalesi simo kuyisivikelo esiqinile.”—U-Akiko, eJapane.
Cabangisisa indlela okhuluma ngayo, oziphatha ngayo, abangane bakho, nezindawo ojwayele ukuya kuzo. Bese uzibuza, ‘Ingabe ngizifaka esimweni—noma ngokunganaki ngidlulisa imiyalezo—eyokwenza kube lula ukumenyelwa ezocansi?’
◼ Ongase ukufunde: Genesise 34:1, 2. Bona ukuthi ukuba sendaweni engafanele kwaba nemiphumela eyinhlekelele kangakanani entombazaneni egama layo linguDina.
Khumbula, ubulili “obungenazibopho” abuyona into encane nje kuJehova uNkulunkulu; futhi akufanele kube njalo nakuwe. IBhayibheli lithi: “Akukho sifebe noma umuntu ongcolile . . . onefa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.” (Efesu 5:5) Ngokumelela lokho okulungile, ungalondoloza unembeza omuhle nokuzihlonipha. Njengoba enye intombazane egama layo linguCarly ikubeka: “Kungani kufanele uvumele ‘ukusetshenziswa’ othile ukuze anelise izinkanuko zakhe ngokushesha? Kulondoloze lokho okusebenzele kanzima ukuba ube nakho!”
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
b Lezi zinkulumo zingabhekisela nakokunye ukuziphatha kobulili, njengokuwotawotana nokuqabulana okuvusa inkanuko.
c Ubufebe buhlanganisa izinto ezifana nocansi, ubulili bomlomo nobendunu, izenzo zobungqingili, ukushaya indlwabu omunye umuntu, nezinye izenzo phakathi kwabantu ababili abangashadile ezihilela ukusetshenziswa kabi kwezitho zobulili ngokucacile.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Nakuba ubulili obungekho emthethweni bungase bukhange enyameni engaphelele, kungani bungalungile?
◼ Yini oyoyenza uma othile ekucela ukuba uhlanganyele ebulilini obungenazibopho?
[Ibhokisi ekhasini 27]
◼ IBhayibheli lithi umuntu ofebayo “wona owakhe umzimba.” (1 Korinte 6:18) Kuyiqiniso kangakanani lokho? Bheka ukuthi zikhona yini izindlela ezithile ongazicabanga, bese uzibhala ngezansi.
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
Ukusikisela: Ukuze usizakale ekuphenduleni umbuzo ongenhla, hlola incwadi Ukubonisana NgemiBhalo, ikhasi 337, ne-Insight on the Scriptures, uMqulu 1, ikhasi 863. Zombili lezi zincwadi zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 29]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
“Esikoleni omunye umfana engifunda naye wacela ukuba ‘sixhumane.’ Kwangithatha isikhathi ukuqonda ukuthi yini ngempela ayengicela yona. Ngangineminyaka engu-11 nje kuphela.”—ULeah.
Indaba yobulili isilethwa ezinganeni zisencane kakhulu. IBhayibheli labikezela kudala ukuthi “ezinsukwini zokugcina” kwakuyoba ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ ngoba abantu babeyoba “abangenakho ukuzithiba” futhi babe “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1, 3, 4) Umkhuba “wokuxhumana,” okukhulunywe ngawo kulo magazini esihlokweni sentsha, ungolunye lwezimpawu eziningi zokuthi sesiyagcwaliseka lesi siprofetho.
Namuhla izwe lihluke kakhulu kunangesikhathi wena owakhula ngaso. Nokho, ngandlela-thile, izinkinga ziyafana. Ngakho-ke ungakhungatheki noma wethuke ngenxa yamathonya amabi azungeze izingane zakho. Kunalokho, zimisele ukuzisiza ukuba zenze njengoba uPawulu akhuthaza amaKristu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.” (Efesu 6:11) Iqiniso liwukuthi, intsha eningi engamaKristu yenza umzamo oncomekayo wokulwela ukwenza okuhle, naphezu kwamathonya amabi ayizungezile. Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zenze okufanayo?
Enye yezindlela ukusebenzisa lokhu kwaziswa ekuqaleni ingxoxo nendodana noma nendodakazi yakho. Izingxenye ezithi “lokho ongase ukufunde” zinezikhombo zemibhalo esangulukisayo. Ezinye zinezibonelo ezingokoqobo zalabo abalwela ukwenza okuhle bathola izibusiso noma abangayinakanga imithetho kaNkulunkulu futhi babhekana nemiphumela. Eminye imibhalo esezingxenyeni ezithi “lokho ongase ukufunde” inezimiso ezingasiza izingane zakho ukuba zibone ilungelo elikhulu zona—kanye nawe—ezinalo lokuphila ngemithetho kaNkulunkulu. Kungani ungahleli ukubukeza lokhu kwaziswa nazo?
Ukuzivumelanisa nezindinganiso zikaNkulunkulu kuyasizuzisa njalo. (Isaya 48:17, 18) Ukungazinaki kuholela ebuhlungwini benhliziyo njalo. Abanyathelisi be-Phaphama! banifisela isibusiso sikaJehova njengoba nilwela ukugxilisa imithetho nezimiso zikaNkulunkulu ezinhliziyweni zezingane zenu.—Duteronomi 6:6, 7.
[Isithombe ekhasini 28]
Kufanele ukwenze kucace ukuthi akusoze kwenzeka