Isahluko 26
Kuthiwani Ngokulala Nomuntu Engingathandani Naye?
“Izingane ziyaxhumana ngenjongo yokubona ukuthi zingagcina zibenzile yini ubulili nokuthi bangaki abantu ezingalala nabo.”—UPenny.
“Abafana bakhuluma ingcaca ngakho. Bachoma ngokuthi banezintombi kodwa basalala namanye amantombazane amaningi.”—U-Edward.
INTSHA eningi namuhla ichoma ngokuthi ilala nabantu engathandani nabo. Enye ize ibe nabantu ebajwayele evele iye kubo uma ifuna ubulili ngaphandle kokulokhu izixaka ngezindaba zothando.
Ungamangali uma uzizwa sengathi nawe uyalingeka ukuba wenze okufanayo! (Jeremiya 17:9) U-Edward ocashunwe ngenhla uthi: “Amantombazane amaningi aye acela ukulala nami, futhi kunzima kakhulu ukwenqaba ngoba ngingumKristu. Kunzima ukwenqaba!” Yiziphi izimiso zeBhayibheli okufanele uzikhumbule uma umuntu ongathandani naye ekucela ukuba ulale naye?
Yazi Ukuthi Kungani Kungalungile Ukulala Nomuntu Ongathandani Naye
Ubufebe buyisono esibi kakhulu kangangokuthi abantu ababenzayo “ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi abantu ababili bathi bayathandana noma bamane nje benza ubulili bebe bengathandani. Ukuze ugweme isilingo sako kokubili, kumelwe ubheke ubufebe ngendlela uJehova abubheka ngayo.
“Ngikholelwa ukuthi indlela kaJehova iyindlela yokuphila engcono kunazo zonke.”—UKaren waseCanada.
“Khumbula ukuthi uyindodana noma uyindodakazi yothile, ungumngane wabantu abaningi futhi uyilungu lebandla. Uyobe ubaphoxile bonke laba bantu uma uvumela isilingo!”—UPeter waseBrithani.
Uma unombono onjengokaJehova ngobufebe, uyokwazi ‘ukuzonda okubi,’ ngisho noma inyama ibuhalela.—IHubo 97:10.
UmBhalo okusikiselwa ukuba uwufunde: Genesise 39:7-9. Phawula isinqumo sikaJosefa esibonisa isibindi lapho elingelwa ukuba enze ubulili nokuthi yini eyamenza wakwazi ukwenqaba.
Ziqhenye Ngezinkolelo Zakho
Kuvamile ukuba intsha iziqhayise ngezinkolelo zayo. Unelungelo lokusekela izindinganiso zikaNkulunkulu ngokuziphatha kwakho. Ungabi namahloni ngombono wakho ngobulili bangaphambi komshado.
“Zisuka nje kwenze kucace ukuthi unezimiso zokuziphatha.”—U-Allen waseJalimane.
“Abafana engangifunda nabo babazi ukuthi ngingubani futhi bazi nokuthi imizamo yabo izophelela emoyeni.”—UVicky wase-United States.
Ukumelela izinkolelo zakho kuwuphawu lokuthi uba umKristu ovuthiwe.—1 Korinte 14:20.
UmBhalo okusikiselwa ukuba uwufunde: IzAga 27:11. Bheka indlela izenzo zakho ezinhle ezingathinta ngayo inhliziyo kaJehova!
Yenza Isinqumo Esiwujuqu!
Kubalulekile ukwenqaba. Kodwa abanye bangase babone sengathi wenqaba ngoba nje ufuna ukuncengwa.
“Konke okwenzayo—kuhlanganise nendlela ogqoka ngayo, okhuluma ngayo, abantu okhuluma nabo nendlela osebenzelana ngayo nabantu—kufanele kubonise ukuthi awufuni.”—UJoy waseNigeria.
“Kumelwe ukwenze kucace ukuthi ngeke nanini uvume. Ungalokothi wamukele izipho ezivela ebafaneni abafuna ukulala nawe. Bayobambelela kulokho, kube sengathi kukhona obakweleta kona ngoba bakuphe izipho.”—ULara waseBrithani.
UJehova uyokusiza uma ubonisa ukuthi uyakwazi ukwenza isinqumo esiwujuqu. Ngenxa yokwakwenzeke kuye, umhubi uDavide wayengathi ngoJehova: “Koqotho wena uyokwenza ngobuqotho.”—IHubo 18:25.
UmBhalo okusikiselwa ukuba uwufunde: 2 IziKronike 16:9. Phawula ukuthi uJehova uzimisele ukusiza labo abafuna ukwenza okulungile.
Sebenzisa Ukuhlakanipha
IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ungakusebenzisa kanjani lokhu? Ngokucabangela isikhathi esingaphambili!
“Zehlukanise nje impela nabantu abakhuluma izinto ezinjalo.”—UNaomi waseJapane.
“Ungatsheli muntu izinto ezinjengekheli lakho noma inombolo yakho yocingo.”—UDiana waseBrithani.
Hlolisisa izinto ozikhulumayo, indlela oziphatha ngayo, abangane bakho nezindawo ojwayele ukuya kuzo. Yibe usuzibuza, ‘Ingabe nginikeza izimpawu ezithile ngingaqondile eziyokwenza abantu bafune ukulala nami?’
UmBhalo okusikiselwa ukuba uwufunde: Genesise 34:1, 2. Bheka ukuthi ukuba sendaweni engafanele kwaba nemiphumela ebuhlungu kanjani entombazaneni okuthiwa uDina.
Khumbula, ukwenza ubulili nomuntu ongathandani naye akuyona into encane kuJehova uNkulunkulu; akufanele kube yinto encane nakuwe. Ngokusekela okulungile, ungalondoloza unembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu nokuzihlonipha. Intombazane okuthiwa uCarly yathi, “Kungani uvumela umuntu ukuba akusebenzisele ukwanelisa izifiso zakhe zangaleso sikhathi? Buvikele ubuhlobo bakho noJehova osubusebenzele kanzima kangaka ukubulondoloza!”
Abafana bathi bakhangwa uhlobo olunjani lwamantombazane? Ungase umangale!
UMBHALO OYINHLOKO
“Yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni [uNkulunkulu] anithole ningenabala, ningenasici futhi nisekuthuleni.”—2 Petru3:14.
ICEBISO
Sebenzela ezimfanelweni zakho zangaphakathi. (1 Petru 3:3, 4) Uma uba umuntu ongcono, uyokhanga uhlobo olungcono lomuntu.
UBUWAZI . . . ?
UJehova ufuna ubujabulele ubulili njengoba abudalela ukuba bube umthombo wenjabulo emshadweni—ngaphandle kokukha-thazeka, ukungalondeki nokuzisola okuvame ukuba umphumela wobufebe.
ENGIZOKWENZA!
Ngingalingisa ukuzimisela kukaJosefa ukuhlala ehlanzekile ngokuziphatha uma ngi- ․․․․․
Ngizogwema ukwenza iphutha elenziwa uDina uma ngi- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Nakuba ubulili obungemthetho bungase bukhange enyameni engaphelele, kungani bungalungile?
● Ungenzenjani uma othile ekucela ukuba nenze ubulili?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 185]
“Qina! Lapho umfana othile engicela ukuba ngilale naye, ngathi, ‘Musa ukungibamba!’ futhi ngahlina ngamshiya lapho.’’—U-Ellen
[Isithombe ekhasini 187]
Uma ulala nomuntu ongathandani naye, uzehlisa isithunzi