Umbono Webhayibheli
Ingabe Ukuphila Kwakho Kunqunyelwe Kusengaphambili?
Ngolunye usuku ekuseni amadoda amabili ayeya emsebenzini ngemoto lapho enquma ukunqamulela ngomgwaqo enye yawo eyake yahlala ngakuwo. Lapho esendleleni abona amalangabi ephuma ngamafasitela komunye umuzi. Apaka iloli lawo, asebenzisa iladi ayeliphethe ukuze atakule umama nezingane ezinhlanu. Iphephandaba elabika ngalolu daba lathi: “Mhlawumbe kwakumiselwe kusengaphambili ukuba kwenzeke ngaleyo ndlela.”
ABANTU abaningi banomuzwa wokuthi noma yini ebehlelayo, enhle noma embi, inqunywe amandla angaphezu kwawabo. Ngokwesibonelo, umlweli weziNguquko wekhulu le-16 uJohn Calvin wabhala: “Sichaza ukumiselwa kusengaphambili njengecebo likaNkulunkulu laphakade, alisebenzisela ukunquma lokho afuna ukukwenza ngomuntu ngamunye. Ngoba akabadalanga bonke besesimweni esifanayo, kodwa unquma kusengaphambili ukuthi abanye bazothola ukuphila okuphakade, abanye bathole isijeziso saphakade.”
Ingabe ngempela uNkulunkulu uzinquma kusengaphambili izenzo zethu nalokho esiyogcina siyikho? Lifundisani iBhayibheli?
“Ukuba Nengqondo” Kwemfundiso Yokunqunyelwa Kusengaphambili
Abanye abakholelwa ekunqunyelweni kusengaphambili ngokuyisisekelo bacabanga ngale ndlela: UNkulunkulu uqonda zonke izinto. Wazi yonke into, ngisho nalokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo. Uyazi ukuthi umuntu ngamunye uyokwenzani ngokuphila kwakhe, futhi uyasazi kakade isikhathi esiqondile nendlela ngamunye ayokufa ngayo. Ngakho, ngokwendlela abacabanga ngayo, lapho kufika isikhathi sokuba umuntu enze isinqumo, akanakukhetha okuhlukile kulokho uNkulunkulu akwaze kusengaphambili futhi akumisa kusengaphambili ukuba kwenzeke; uma kungenjalo, bekuyosho ukuthi uNkulunkulu akaziqondi zonke izinto. Ingabe lo mbono uzwakala unengqondo kuwe? Cabanga ukuthi lo mbono ubungasho ukuthini.
Uma kunamandla athile aselinqumile kakade ikusasa lakho, khona-ke ukuzama ukuzinakekela akusizi ngalutho. Ukukhetha ukubhema noma ukungabhemi bekungeke kwenze mahluko empilweni yakho noma yezingane zakho. Ukubopha ibhande lapho usemotweni bekungeke kukwenze uphephe. Kodwa kuyiphutha ukucabanga kanjalo. Izibalo zibonisa ukuthi abantu abathatha izinyathelo zokuphepha bavame ukubhekana nezinto ezimbalwa eziphumela engozini. Ukuba budedengu kungaholela enhlekeleleni.
Cabangela nalokhu. Uma uNkulunkulu ekhetha ukwazi yonke into kusengaphambili, khona-ke ngisho nangaphambi kokuba adale u-Adamu no-Eva, wayeyokwazi ukuthi ngeke bamlalele. Kodwa lapho uNkulunkulu etshela u-Adamu ukuthi angadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi’ kungenjalo wayezokufa, ingabe wayazi kakade ukuthi u-Adamu wayezokudla kuwo? (Genesise 2:16, 17) Lapho uNkulunkulu ekhuluma nombhangqwana wokuqala ethi kuwo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba,” ingabe wayazi kakade ukuthi abanawo amathuba amahle okuphila epharadesi? Cha.—Genesise 1:28.
Uma sicabangisisa ngale ndaba, umqondo wokuthi uNkulunkulu wazi zonke izinqumo ubungasho ukuthi nguye obangela konke okwenzekayo—kuhlanganise izimpi, ukungabi nabulungisa nokuhlupheka. Ingabe kunjalo? Impendulo ecacile itholakala kulokho uNkulunkulu akushoyo ngaye.
“Kumelwe Ukhethe”
ImiBhalo ithi “uNkulunkulu uluthando” futhi “ungumthandi wobulungisa.” Ubelokhu enxusa abantu bakhe: “Zondani okubi, nithande okuhle.” (1 Johane 4:8; IHubo 37:28; Amose 5:15) Izikhathi eziningana wakhuthaza abaqotho bakhe ukuba bakhethe inkambo enhle. Ngokwesibonelo, lapho uJehova enza isivumelwano nesizwe sakwa-Israyeli wasendulo, wakhuluma ngoMose wathi: “Ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nani namuhla, bokuthi ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho.” (Duteronomi 30:19) Ingabe uNkulunkulu wanquma kusengaphambili ukuthi labo bantu babeyokhethani? Akunjalo.
UJoshuwa, owayengumholi wabantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo, wanxusa abantu besizwe sakubo: “Zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani . . . Mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.” (Joshuwa 24:15) Umprofethi kaNkulunkulu uJeremiya naye wathi: “Siza, ulalele izwi likaJehova kulokhu engikukhuluma kuwe, kuzokuhambela kahle, futhi umphefumulo wakho uzoqhubeka uphila.” (Jeremiya 38:20) Ingabe uNkulunkulu onobulungisa nonothando wayengakhuthaza abantu ukuba benze okuhle ngethemba lokuthola umvuzo kuyilapho azi kahle ukuthi babenqunyelwe ukuba bahluleke? Cha. Ukubakhuthaza kanjalo bekuyobe kuwukuzenzisa.
Ngakho lapho kwenzeka izinto ezinhle noma ezimbi ekuphileni kwakho, akungenxa yokuthi lezi zenzakalo azinakugwenywa. Ngokuvamile, ‘izenzakalo ezingalindelekile’ zimane nje zibangelwa yizinqumo zabanye abantu—ezihlakaniphile noma ezingahlakaniphile. (UmShumayeli 9:11) Cha, ikusasa lakho alinqunywanga kusengaphambili, futhi ukuthi ikusasa lakho laphakade liyoba njani kuxhomeke ezinqumweni zakho.
UCABANGANI?
◼ Ingabe uNkulunkulu wanquma kusengaphambili ukuthi u-Adamu no-Eva babeyokona?—Genesise 1:28; 2:16, 17.
◼ Yiziphi izimfanelo zikaNkulunkulu ezikulahlayo ukumiselwa kusengaphambili?—IHubo 37:28; 1 Johane 4:8.
◼ Imuphi umthwalo wemfanelo osemahlombe akho?—Joshuwa 24:15.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Izibalo zibonisa ukuthi abantu abathatha izinyathelo zokuphepha bavame ukubhekana nezinto ezimbalwa eziphumela engozini